Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Isaya 41:10—​“Ungesabi, Ngoba Nginawe”

Isaya 41:10—​“Ungesabi, Ngoba Nginawe”

 “Ungesabi ngoba nginawe. Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.”—Isaya 41:10, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Ungesabi, ngoba nginawe; ungapheli amandla, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, yebo, ngizokusiza, ngizokusekela ngesandla Sami sokudla esilungile.”—Isaya 41:10, New King James Version.

Incazelo Ka-Isaya 41:10

 UJehova a uNkulunkulu uqinisekisa izikhonzi zakhe eziqotho ukuthi uzozisekela, kungakhathaliseki ukuthi zibhekana naziphi izinkinga.

 “Nginawe.” UJehova unikeza izikhonzi zakhe isizathu sokuba zingesabi—azizodwa. Ngenxa yokuthi uyakubona ezibhekene nakho, uyayizwa nemithandazo yazo, kufana nokuthi unazo.—IHubo 34:15; 1 Petru 3:12.

 “NginguNkulunkulu wakho.” UJehova ududuza izikhonzi zakhe ngokuzikhumbuza ukuthi usenguNkulunkulu wazo nokuthi uyazamukela. Zingaqiniseka ngokuthi asikho isimo ezingabhekana naso esiyoke sivimbe uNkulunkulu ukuba azisize.—IHubo 118:6; Roma 8:32; Hebheru 13:6.

 “Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.” Esebenzisa lezi zinkulumo ezintathu ukuze adlulisele umqondo owodwa, uJehova ugcizelela ukuthi uyobasekela nakanjani abantu bakhe. Wenza sikubone ngengqondo lokho akwenzayo lapho abantu bakhe bedinga usizo. Lapho umuntu ewa, uNkulunkulu angalula isandla sakhe sokudla ukuze amvuse.—Isaya 41:13.

 Indlela eyinhloko uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze aqinise futhi asize abamkhonzayo yiZwi lakhe iBhayibheli. (Joshuwa 1:8; Hebheru 4:12) Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu libanikeza iseluleko esihlakaniphile labo ababhekene novivinyo olufana nobumpofu, ukugula noma ukushonelwa. (IzAga 2:6, 7) UNkulunkulu angasebenzisa nomoya wakhe ongcwele, ongamandla akhe asebenzayo, ukuze anikeze izikhonzi zakhe amandla angokomzwelo ukuze zibhekane novivinyo.—Isaya 40:29; Luka 11:13.

Umongo Ka-Isaya 41:10

 La mazwi awaduduza amaJuda athembekile okwathi kamuva athunjelwa eBhabhiloni. UJehova wabikezela ukuthi ngasekupheleni kwesikhathi amaJuda ayeyobe ethunjwe ngaso kwakuyoba nemibiko yokuthi kuneqhawe elizayo elizohlasela izizwe ezizungezile futhi lisongele iBhabhiloni. (Isaya 41:2-4; 44:1-4) Lapho abaseBhabhiloni nezizwe ezazilizungezile bengenwa amanzi emadolweni ngenxa yalezo zindaba, amaJuda wona kwakungeke kudingeke akhathazeke ngoba uJehova wayezowavikela. Wawaqinisekisa kathathu ngamazwi athi “ungesabi.”—Isaya 41:5, 6, 10, 13, 14.

 Nakuba amazwi aku-Isaya 41: 10 ayeqondiswe kumaJuda athembekile ayedingiselwe eBhabhiloni, uJehova uNkulunkulu wawagcina ukuze zonke izikhonzi zakhe ziduduzeke. (Isaya 40:8; Roma 15:4) Uyazisiza namuhla njengoba nje ayesiza izinceku zakhe esikhathini esidlule.

Funda u-Isaya isahluko 41 kanye nemibhalo yaphansi, ubheke nezikhombo.

a Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.