Dlulela kokuphakathi

Amavesi EBhayibheli Ayachazwa

Thola incazelo yangempela yamavesi eBhayibheli adumile. Thola ukuthi lawo mavesi amayelana nani njengoba ufunda umongo wawo. Thuthukisa indlela owaqonda ngayo ngosizo lwemibhalo yaphansi nezikhombo.

UGenesise 1:1 Uyachazwa​—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”

Yimaphi amaqiniso amabili abalulekile aboniswe kuleli vesi lokuqala leBhayibheli?

U-Eksodusi 20:12 Uyachazwa​—“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

Ngokwenezela isithembiso kulo myalo, uNkulunkulu wasinikeza esinye isizathu sokuwulalela.

UJoshuwa 1:9 Uyachazwa​—“Qina Ube Nesibindi”

Ungawathola kanjani amandla nesibindi lapho ubhekene nezimo ezinzima nezingqinamba ezibonakala zingaphezu kwamandla?

IHubo 23:4 Liyachazwa​—“Noma Ngihamba Esigodini Sethunzi Lokufa”

Ngisho nalapho bebhekene nezinsuku ezinzima ekuphileni, uJehova ubanakekela kanjani lapho abamkhonzayo?

IHubo 37:4 Liyachazwa​—“Zithokozise NgoJehova”

Leli hubo lisisiza kanjani sithole ukuhlakanipha futhi sibe uhlobo labantu elamukelwa uNkulunkulu?

IzAga 3:5, 6 Ziyachazwa​—“Ungenciki Kokwakho Ukuqonda”

Ungabonisa kanjani ukuthi uthembela kuNkulunkulu ngaphezu kokuba uzethemba wena?

IzAga 16:3 Ziyachazwa—“Noma Yini Oyenzayo Yenzele INKOSI”

Yiziphi izinto ezimbili okufanele zenze abantu bafune isiqondiso sikaNkulunkulu lapho benza izinqumo?

IzAga 22:6 Ziyachazwa—“Khulisa Umntwana Ngendlela Eyakuba Ngeyakhe”

Iyiphi ‘Indlela’ Ingane Okumele Ihambe Ngayo? Ingabe ihlukile kumuntu ngamunye?

UmShumayeli 3:11 Uyachazwa—“Wenze Konke Kwaba Kuhle Ngesikhathi Sakho”

Imisebenzi kaNkulunkulu emihle ihlanganisa okungaphezu nje kwendalo yakhe. Lokhu kukuthinta kanjani wena?

U-Isaya 26:3 Uyachazwa​—“Inhliziyo Eqinileyo Uyayilinda Ngokuthula Okupheleleyo”

Ingabe kungenzeka ngempela ukuba nokuthula okuphelele? Kusho ukuthini ukuba nenhliziyo eqinileyo?

U-Isaya 40:31 Uyachazwa—“Labo Abathembele KuJehova Bayothola Amandla Kabusha”

Kungani imiBhalo ifanisa ukhozi olundizela phezulu nomuntu othola amandla avela kuNkulunkulu?

U-Isaya 41:10 Uyachazwa—​“Ungesabi, Ngoba Nginawe”

UJehova usebenzisa izinkulumo ezintathu eziqinisekisa izikhonzi zakhe ezithembekile ngokuthi uzozisekela.

U-Isaya 42:8 Uyachazwa​—“NGIYINKOSI”

Yiliphi igama uNkulunkulu akhetha ukuzinika lona?

UJeremiya 29:11 Uyachazwa—​“Ngiyazazi Izinto Enginihlelele Zona”

Ingabe uNkulunkulu unokuthile akuhlelele umuntu ngamunye?

UMika 6:8 Uyachazwa—‘Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka’

Leli vesi likhuluma ngezinto ezintathu uNkulunkulu azilindele kithi.

UMathewu 6:33 Uyachazwa​—“Funani Kuqala Umbuso KaNkulunkulu”

Ingabe uJesu wayesho ukuthi amaKristu akumelwe asebenze ukuze aphile?

UMathewu 6:34 Uyachazwa​—“Ningakhathazeki Ngekusasa”

UJesu wayengasho ukuthi akufanele sihlelele ikusasa.

Mathewu 11:28-30 Uyachazwa​—“Zanini Kimi, . . . Mina Ngizakuniphumuza”

Ingabe uJesu wanikeza isixazululo esisheshayo kuzo zonke izimo ezicindezelayo nezingenabulungisa

UMarku 1:15 Uyachazwa​—“UMbuso KaNkulunkulu Ususondele”

Ingabe uJesu wayesho ukuthi uMbuso wawusuqalile ukubusa?

UMarku 11:24 Uyachazwa​—“Konke Enikukhulekelayo Nenikucelayo‚ Kholwani Ukuthi Nikwamukele”

Iseluleko sikaJesu esimayelana nokholo nomthandazo singasisiza kanjani sinqobe izinkinga namuhla?

UJohane 1:1 Uyachazwa​—“Ekuqaleni Wayekhona ULizwi”

Leli vesi liveza imininingwane mayelana nokuphila kukaJesu Kristu ngaphambi kokuba eze emhlabeni ewumuntu.

UJohane 3:16 Uyachazwa​—“Ngokuba UNkulunkulu Walithanda Izwe Kangaka”

UJehova uNkulunkulu wabonisa kanjani ukuthi uthanda ngamunye kithi nokuthi ufuna siphile phakade?

UJohane 14:6 Uyachazwa​—“Mina Ngiyindlela Neqiniso Nokuphila”

Kungani umuntu ofuna ukukhonza uJehova kumelwe aqaphele indima ebalulekile kaJesu?

UJohane 16:33 Uyachazwa​—“Mina Ngilinqobile Izwe”

Amazwi kaJesu abaqinisekisa kanjani abalandeli bakhe ukuthi bangaphumelela ekujabuliseni uNkulunkulu?

IzEnzo 1:8 Ziyachazwa—“Nizakwamukeliswa Amandla”

Yimaphi amandla uJesu awathembisa abalandeli bakhe, futhi lawo mandla ayezobasiza benzeni?

Kuchazwa​ EyabaseRoma 5:8—“Ngesikhathi Siseyizoni, UKristu Wasifela”

Njengoba abantu bavame ukucabanga futhi benze izinto eziphambene nemithetho kaNkulunkulu elungile, singakwazi kanjani ukusondelana noNkulunkulu manje, sibuye sibe nethemba lokuphila phakade esikhathini esizayo?

EyabaseRoma 6:23 Iyachazwa—“Inkokhelo Yesono Ingukufa‚ Kepha Isipho Somusa SikaNkulunkulu Singukuphila Okuphakade”

Ayikho into umuntu onesono angayenza ukuze afanelwe umvuzo oyinsindiso, kodwa singasamukela isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila okuphakade. Kanjani?

EyabaseRoma 10:13 Iyachazwa​—“Biza Igama LeNkosi”

UNkulunkulu unika bonke abantu ithuba lokuba basindiswe bathole ukuphila okuphakade, kungakhathaliseki ubuzwe babo, uhlanga noma ukuthi babaluleke kangakanani emphakathini.

EyabaseRoma 12:2 Iyachazwa​—“Maniguqulwe Ngokushintsha Ingqondo Yenu”

Ingabe uNkulunkulu uyabaphoqa abantu ukuba bashintshe?

2 Korinte 12:9 Iyachazwa​—“Umusa Wami Ukwanele”

Umphostoli uPawulu wazuza kanjani emseni kaNkulunkulu omkhulu? Thina singazuza kanjani?

EyabaseGalathiya 6:9 Iyachazwa​—“Kepha Masingakhathali Ekwenzeni Okuhle”

Uyoba yini umphumela kumaKristu aqhubeka nokwenza okuhle?

Eyabase-Efesu 3:20 Iyachazwa—“[UNkulunkulu Unamandla] Okwenza Okukhulu Kakhulu Kunakho Konke Esikucelayo Nesikuqondayo”

UNkulunkulu uyiphendula kanjani imithandazo yezikhonzi zakhe, anelise nezifiso zazo?

EyabaseFilipi 4:6, 7 Iyachazwa​—“Ningakhathazeki Ngalutho”

Hlobo luni lwemithandazo olungasiza labo abakhonza uNkulunkulu ukuba bangakhathazeki kakhulu futhi babe nokuthula?

EyabaseFilipi 4:13 Iyachazwa—“Nginamandla Okwenza Zonke Izinto NgoKristu Ongiqinisayo”

Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu lapho ebhala ukuthi uzothola amandla “ngenxa yazo zonke izinto”?

EyabaseKolose 3:23 Iyachazwa—“Konke Enikwenzayo Kwenzeni Ngenhliziyo”

Indlela umKristu enza ngayo emsebenzini ibuthinta kanjani ubuhlobo bakhe noNkulunkulu?

Eyesi-2 Thimothewu 1:7 Iyachazwa​—“UNkulunkulu Akasinikanga Umoya Wobugwala”

UNkulunkulu angamsiza kanjani umuntu anqobe ubugwala, abe nesibindi sokwenza okulungile?

EyamaHebheru 4:12 Iyachazwa—“Izwi LikaNkulunkulu Liphilile”

Ingabe uyalivumela izwi likaNkulunkulu liphile ekuphileni kwakho? Lokho kwembulani ngawe?

1 Petru 5:6, 7 Iyachazwa—“Zithobeni . . . Niphonse Izinkathazo Zenu Zonke Phezu Kwakhe”

Kusho ukuthini “ukuphonsa” izinkathazo zethu kuNkulunkulu futhi lokho kungasisiza kanjani?

IsAmbulo 21:4 Siyachazwa—“Azesule Izinyembezi Zonke”

Leli vesi likhuluma ngesithembiso esihle kakhulu sekusasa.