Dlulela kokuphakathi

Izinkinga Zemali Nezikweletu—Ingabe IBhayibheli Lingasiza?

Izinkinga Zemali Nezikweletu—Ingabe IBhayibheli Lingasiza?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo. Kunezimiso ezine eziseBhayibhelini ezingakusiza uxazulule izinkinga zemali nezikweletu:

  1. Hlela indlela osebenzisa ngayo imali. “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Ungagijimeli ukuthenga into ngoba nje isendalini. Yenza uhlelo lokusebenzisa imali futhi unamathele kulo.

  2. Gwema izikweletu ezingadingekile. “Obolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo.” (IzAga 22:7) Uma unezikweletu kakade futhi uhluleka ukuzikhokhela, zama ukuxoxa nabantu obakweletayo ngezinye izindlela ongabakhokhela ngazo. Phikelela emizamweni yakho. Sebenzisa iseluleko seBhayibheli esanikezwa umuntu ngobuwula owaba isibambiso somuntu owaboleka imali, kwase kudingeka ayikhokhe: “Hamba uzithobe umbelesele kakhulu lowo muntu. Ungawaniki ubuthongo amehlo akho, noma uwanike ukozela amehlo akho.” (IzAga 6:1-5, God’s Word Bible) Ngisho noma ungaphumeleli okokuqala, qhubeka umcela ukuba umkhokhele ngenye indlela.

  3. Yiba nombono ofanele ngemali. “Ungabi nobugovu futhi ufise ukuceba—uzogcina uhlupheka ngendlela ongakaze uyicabange.” (IzAga 28:22, Contemporary English Version) Ukuhaha nobugovu kungaholela ekuhluphekeni futhi kungasiphuca isikhathi sezinto ezingokomoya.

  4. Yaneliseka. “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:8) Imali ayinakusinikeza injabulo noma ukwaneliseka. Abanye babantu abajabula kunabo bonke emhlabeni abanayo imali eningi. Into abanayo uthando ngemindeni nabangane babo nobungane noNkulunkulu.—IzAga 15:17; 1 Petru 5:6, 7.