Dlulela kokuphakathi

Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?

Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?

Impendulo yeBhayibheli

 Isicebi noLazaru ngabalingiswa bendaba eyayixoxwa uJesu. (Luka 16:19-31) Kuleyo ndaba, la balingiswa bamelela amaqembu amabili abantu: (1) abaholi benkolo abangamaJuda abaqhoshayo bangosuku lukaJesu (2) abantu abathobekile kodwa abaqotho abasabela emyalezweni kaJesu.

Kulesi sihloko

 Yini eyashiwo uJesu ngesicebi noLazaru?

 KuLuka isahluko 16, uJesu ukhuluma ngabantu ababili ababhekana noshintsho olukhulu ekuphileni kwabo.

 Ake siyikhe phezulu le ndaba kaJesu: Kwakunendoda eyayicebile futhi iphila kamnandi. Isinxibi esasibizwa ngokuthi uLazaru sasihlala esangweni lendoda ecebile, sinethemba lokuthola izinsalela zokudla okusale kule ndoda ecebile. Ngokuhamba kwesikhathi uLazaru wafa, izingelosi zamthwala zamyisa eceleni kuka-Abrahama. Isicebi naso sashona sangcwatshwa. Kule ndaba, bobabili la bantu kuzwakala sengathi bayaphila ngemva kokufa. Lesi sicebi esesishonile sasisezinhlungwini emlilweni ovutha amalangabi, sacela u-Abrahama ukuba athumele uLazaru ukuze apholise ulimi lwaso ngokuthi agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini. U-Abrahama wasichitha isicelo sale ndoda ecebile waveza ukuthi bobabili laba bantu zase zishintshe kakhulu izimo zabo nokuthi kwase kunomhosha omkhulu phakathi kwabo owawungaweleki.

 Yenzeka ngempela yini le ndaba?

 Cha. Lona umfanekiso owalandiswa uJesu ukuze afundise isifundo. Ngisho nezazi ziyabona ukuthi umfanekiso lona. Ngokwesibonelo, ohlelweni luka-1912 lweBhayibheli likaLuther kunesihlokwana esiveza ukuthi umfanekiso lona. Ne-Jerusalem Bible yamaKatolika, embhalweni waphansi iveza ukuthi lona “umfanekiso olandiswa njengendaba ongakhulumi nganoma imuphi umuntu owake waphila.”

 Ingabe uJesu wayefundisa ngokuphila ngemva kokufa? Ingabe wayeqonde ukuthi kunabantu abashiswa esihogweni ngemva kokufa nokuthi u-Abrahama noLazaru babesezulwini? Buningi ubufakazi obuphikisa lokho.

 Ngokwesibonelo:

  •   Uma isicebi sasisendaweni yangempela evutha umlilo, lowo mlilo wawungeke yini uhangule amanzi asesihlokweni somunwe kaLazaru?

  •   Ngisho noma ungawahangulanga, iconsi lamanzi lalingakwazi yini ukuqeda ubuhlungu obabuzwiwa isicebi ezinhlungwini zomlilo ongokoqobo?

  •   Kwakungenzeka kanjani ukuthi u-Abrahama abe sezulwini, ekubeni uJesu asho ngokucacile ukuthi ngesikhathi alandisa ngaso lo mfanekiso, akekho umuntu owayeseke wanyukela ezulwini?—Johane 3:13.

 Ingabe le ndaba iwubufakazi bokuthi sikhona ngempela isihogo?

 Cha. Nakuba lena kungeyona indaba eyenzeka ngempela, abanye baphikisa ngokuthi ifanekisela ukuthi abantu abalungile baya ezulwini kanti ababi bayahlushwa esihogweni somlilo. a

 Ingabe leso siphetho sinengqondo? Cha.

 Imfundiso yesihogo somlilo ayivumelani nalokho okufundiswa iBhayibheli ngesimo sabafile. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alisho ukuthi bonke abantu abalungile abaye bafa baphila kamnandi ezulwini noma ukuthi bonke abantu abangalungile bahlushwa esihogweni. Kunalokho iBhayibheli lisho ngokucacile: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa, kodwa abafile bona abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5.

 Isho ukuthini indaba yesicebi noLazaru?

 Le ndaba ibonisa ushintsho olukhulu olwaluzokwenzeka maduzane emaqenjini amabili abantu.

 Isicebi sasifanekisela abaholi benkolo abangamaJuda “ababethanda imali.” (Luka 16:14) Babelalele njengoba uJesu ayekhuluma kodwa babephikisana nomyalezo wakhe. Laba baholi benkolo babebabukela phansi abantu abavamile.—Johane 7:49.

 ULazaru wayefanekisela abantu abavamile abamukela umyalezo kaJesu futhi ababebukelwa phansi abaholi benkolo abangamaJuda.

 Ushintsho olukhulu olwenzeka kula maqembu omabili lwenzeka ngokushesha.

  •   Abaholi benkolo abangamaJuda babecabanga ukuthi uNkulunkulu uyabathanda. Kodwa kwakunjengokungathi bafile lapho uNkulunkulu ebalahla nendlela yabo yokumkhonza, ngoba abawamukelanga umyalezo kaJesu. Babesezinhlungwini ngenxa yomyalezo uJesu nabalandeli bakhe ababewushumayela.—Mathewu 23:29, 30; IzEnzo 5:29-33.

  •   Abantu abavamile—okwase kuyisikhathi eside belahlwe abaholi babo benkolo—manje base beboniswa umusa. Abaningi bawamukela umyalezo uJesu ayewufundisa oseBhayibhelini futhi bazuza kuwo. Manje base benethuba lokujabulela umusa kaNkulunkulu phakade.—Johane 17:3.

a Amanye amaBhayibheli asebenzisa igama elithi “isihogo” ukuchaza indawo isicebi esaya kuyo ngemva kokufa. Nokho, ngesiGreki sakuqala kusetshenziswe igama elithi (Hayidese) kuLuka 16:23 elimane lisho ithuna elivamile lesintu.