Dlulela kokuphakathi

Ingabe Sivumelekile Isithembu?

Ingabe Sivumelekile Isithembu?

Impendulo YeBhayibheli

Okwesikhathi esithile, uNkulunkulu wakuvumela ukuba indoda ibe namakhosikazi angaphezu kweyodwa. (Genesise 4:19; 16:1-4; 29:18-29) Kodwa uNkulunkulu akazange asisungule isithembu. Wanikeza u-Adamu umfazi oyedwa vo.

UNkulunkulu wagunyaza uJesu Kristu ukuba amise kabusha umthetho waKhe wokushada inkosikazi eyodwa. Lapho ebuzwa ngomshado, uJesu wathi: “Lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye.’”—Mathewu 19:4, 5.

Kamuva omunye wabafundi bakaJesu waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba abhale: “Yileyo naleyo ndoda mayibe nowayo umfazi nalowo nalowo wesifazane abe nowakhe umyeni.” (1 Korinte 7:2) IBhayibheli libonisa nokuthi indoda eshadile ephathiswe imisebenzi ekhethekile ebandleni lobuKristu kumelwe kube “indoda emfazi munye.”—1 Thimothewu 3:2, 12.