Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokushiswa Komuntu Oshonile?

Lithini IBhayibheli Ngokushiswa Komuntu Oshonile?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alinazo iziqondiso mayelana nokushiswa komuntu oshonile. Empeleni eBhayibhelini awukho umyalo ophathelene nokungcwatshwa noma ukushiswa komuntu oshonile.

IBhayibheli liyakhuluma ngezikhonzi zikaNkulunkulu ezazithembekile ezangcwaba imindeni yazo. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wenza konke okusemandleni ukuze athole indawo ekahle yokungcwaba umkakhe, uSara.​—Genesise 23:2-20; 49:29-32.

IBhayibheli liphinde likhulume ngabathile ababethembekile abashisa izidumbu zabantu ababeshonile. Ngokwesibonelo, lapho iNkosi uSawule namadodana ayo amathathu bebulawa empini, izidumbu zabo zasala ezweni lezitha zabo futhi zaphathwa ngendlela engenanhlonipho. Lapho amabutho athembekile akwa-Israyeli ezwa ngalokho, azilanda izidumbu zabo azishisa abe esengcwaba amathambo. (1 Samuweli 31:8-13) IBhayibheli libonisa ukuthi ukwenza kanjalo kwakwamukelekile.​—2 Samuweli 2:4-6.

Imibono engamanga ngokushiswa komuntu ofile

Amanga: Ukushiswa kuyasehlisa isithunzi somuntu oshonile.

Iqiniso: IBhayibheli lithi lapho umuntu efa ubuyela othulini, futhi yilokho okwenzekayo lapho isidumbu sibola. (Genesise 3:19) Ukushisa isidumbu kwenza umuntu ofile asheshe abe wuthuli.

Amanga: Ngezikhathi zokulotshwa kweBhayibheli, ngabantu ababengamukeleki kuNkulunkulu kuphela ababeshiswa lapho sebefile.

Iqiniso: Izidumbu zabathile ababonisa ukungathembeki kuNkulunkulu njengo-Akhani nomndeni wakhe zashiswa. (Joshuwa 7:25) Nokho lokho kwakungewona umthetho, kwaba isenzakalo esingavamile. (Duteronomi 21:22, 23) Njengoba sesibonile, nezidumbu zabathile ababethembekile njengendodana yeNkosi uSawule, uJonathani, zashiswa.

Amanga: Ngeke uNkulunkulu akwazi ukuvusa umuntu oshisiwe.

Iqiniso: Akubalulekile ukuthi umuntu wangcwatshwa, washiswa, wagwinywa ulwandle noma wadliwa izilwane, uNkulunkulu uyokwazi ukumvusa. (IsAmbulo 20:13) UMninimandla Onke angakwazi ukumenzela umzimba omusha.​—1 Korinte 15:35, 38.