Dlulela kokuphakathi

Ukuthula Komhlaba—Kungani Kunzima Ukukuthola?

Ukuthula Komhlaba—Kungani Kunzima Ukukuthola?

Impendulo YeBhayibheli

Imizamo yabantu yokuletha ukuthula emhlabeni iye yahluleka futhi isazoqhubeka ihluleka ngenxa yezizathu eziningana:

  • “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Abantu abadalwanga nekhono noma ilungelo lokuzibusa, ngakho ngeke bakwazi ukuthola ukuthula okuhlala njalo.

  • “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:3, 4, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Abaholi bakahulumeni, ngisho nalabo abanezisusa ezinhle, abakwazi ukuthola ikhambi lezimbangela eziyisisekelo zezimpi.

  • “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba . . . abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:1-4) Siphila “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe elibi, lapho isimo sengqondo sabantu senza kube nzima ukuba kube nokuthula.

  • “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 12:12) UDeveli, isitha sikaNkulunkulu, uvalelwe lapha emhlabeni futhi ushukumisa abantu ukuba bamukele umoya wakhe omubi. Uma nje ‘esengumbusi waleli zwe,’ ngeke siphile ngokuthula.—Johane 12:31.

  • “[UMbuso kaNkulunkulu] uyochoboza uqede yonke le mibuso [emelene noNkulunkulu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) UMbuso kaNkulunkulu, hhayi ohulumeni babantu, oyokwanelisa isifiso sethu somhlaba onokuthula okuhlala njalo.—IHubo 145:16.