Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 1: Ukufunda IBhayibheli Lakho

Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 1: Ukufunda IBhayibheli Lakho

 “Ngizamile ukufunda iBhayibheli, kodwa ubukhulu balo buvele bungivilaphise!”​—UBriana, oneminyaka engu-15.

 Uzizwa ngendlela efanayo yini nawe? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza!

 Kungani kufanele ngifunde iBhayibheli?

 Ingabe uvele uphelelwe uthando uma ucabanga ukufunda iBhayibheli? Kungenzeka ubona iBhayibheli liyincwadi enkulu, enamagama amancane, engenazo izithombe, bese uphetha ngokuthi kungcono ukubuka i-TV namavidiyo kunokulifunda!

 Kodwa cabanga ngalokhu: Ukube ubungathola ibhokisi elidala eligcwele umcebo, ubungeke yini ufune ukwazi ukuthi ungathola malini ngezinto eziphakathi?

 IBhayibheli liyafana nalelo bhokisi elinomcebo. Ligcwele amagugu angakusiza uhlakaniphe futhi

  •   Wenze izinqumo ezinhle

  •   Uzwane nabazali bakho

  •   Uthole abangane abahle

  •   Ubhekane nezinkinga

 Kungenzeka kanjani ukuba incwadi endala kangaka ibe usizo nanamuhla? Kungenxa yokuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Lokhu kusho ukuthi zonke izeluleko eziseBhayibhelini zivela kuNkulunkulu, uMeluleki ongcono kunabo bonke.

IBhayibheli lifana nebhokisi elinomcebo ngoba liqukethe ukuhlakanipha okuyigugu

 Kufanele ngilifunde kanjani iBhayibheli?

 Enye indlela ukulifunda lonke. Lokho kuzokusiza uthole ukuthi uyini umyalezo weBhayibheli. Ziningi izindlela ongazisebenzisa ukuze ufunde iBhayibheli. Nazi izibonelo ezimbili:

  •    Ungafunda zonke izincwadi zeBhayibheli ezingu-66 ngokulandelana kwazo, kusukela kuGenesise kuze kufike encwadini yesAmbulo.

  •    Ungalifunda ngokulandelana kwezenzakalo.

 Zama lokhu: ISithasiselo A7 eNguqulweni YeZwe Elisha, sinohlu lwezinto ezenzeka ekuphileni kukaJesu ngesikhathi esemhlabeni. Lezo zenzakalo zibekwe ngokulandelana kwazo.

 Indlela yesibili ongalifunda ngayo iBhayibheli ukufunda indaba ethile ehambisana nenkinga obhekene nayo. Ngokwesibonelo:

 Zama lokhu: Ukuze ungaphazamiseki lapho ufunda iBhayibheli, qikelela ukuthi indawo okuyo ayinawo umsindo.

 Indlela yesithathu ongafunda ngayo iBhayibheli ukukhetha indaba ethile noma isahluko sencwadi yeHubo ongasifunda, bese ucabanga ngokuthi ungakusebenzisa kanjani lokho okufundayo ekuphileni kwakho. Ngemva kokufunda ungazibuza imibuzo efana nale:

  •    Kungani uJehova akhetha ukuba lokhu kubhalwe eBhayibhelini?

  •    Engikufundayo kungifundisani ngoJehova nendlela enza ngayo izinto?

  •    Ngingakusebenzisa kanjani ekuphileni kwami?

 Zama lokhu: Zibekele umgomo! Bhala usuku ofuna ukuqala ngalo ukufunda iBhayibheli.