Dlulela kokuphakathi

Lingisa Ukholo Lwabo—Abantu AbaseBhayibhelini Benziwa Baphile

Lolu chungechunge lwenza amadoda nabesifazane abaseBhayibhelini ababonisa ukholo kube sengathi bayaphila. a Laba bantu abaseBhayibhelini nesibonelo sabo sokholo kungakusiza nawe wakhe ukholo lwakho futhi usondele nakakhulu kuNkulunkulu.

a Ukuze ukwazi ukukubona ngeso lengqondo okwakwenzeka futhi kube sengathi nawe ukhona kulezi zindaba eziqinisa ukholo, kufakwe neminye imininingwane engekho eBhayibhelini kulolu chungechunge. Le mininingwane ihlolisiswe ngokukhulu ukucophelela ukuze kuqikelelwe ukuthi ivumelana nokulandisa kweBhayibheli, amarekhodi omlando kanye nemivubukulo.

Ukusuka Endalweni Kuya Kuzamcolo

U-Abela—“Usakhuluma, Nakuba Afa”

Singafunda kanjani ngo-Abela nokholo lwakhe njengoba kukuncane kangaka okushiwo eBhayibhelini ngaye?

U-Enoke—“Wayemjabulisile UNkulunkulu”

Uma unakekela umndeni noma uzabalaza ukuze ulwele iqiniso, ungafunda okholweni luka-Enoke.

UNowa “Wahamba NoNkulunkulu Weqiniso”

Yiziphi izinselele uNowa nomkakhe ababhekana nazo ekukhuliseni izingane? Balubonisa kanjani ukholo ngokwakha umkhumbi?

Wagcinwa “Ephephile Nabanye Abayisikhombisa”

UNowa nomndeni wakhe basinda kanjani ngesikhathi esinzima kunazo zonke emlandweni wesintu?

Uzamcolo Kuye Ekukhululweni EGibhithe

U-Abrahama—“Uyise Wabo Bonke Abanokholo”

U-Abrahama walubonisa kanjani ukholo? Ungathanda ukululingisa ngaziphi izindlela ukholo luka-Abrahama?

USara—“Ungowesifazane Omuhle”

EGibhithe, izinceku zikaFaro zaqaphela isimomondiya esinguSara. Okwabe sekwenzeka kungakumangaza.

USara—UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazane

Kungani igama elisha uSara aqanjwa lona lalimfanele?

URebheka: “Ngizimisele Ukuhamba”

Ngaphezu kokholo, uRebheka wabonisa izimfanelo eziningana ezivelele.

“Ngicela Nilalele Iphupho Engiliphuphile”

Umndeni wakubo kaJosefa onezinkinga ubekela imindeni yokutholwa isibonelo esiwusizo namuhla.

“Ngingabenza Kanjani Lobu Bubi Obukhulu Kangaka?”

UJosefa wayenqaba kanjani imizamo yomkaPotifari owayezimisele ukumyenga?

“Izincazelo Akuzona Yini EzikaNkulunkulu?”

Yini eyenza uJosefa wakwazi ukuchaza ngesibindi iphupho lenduna yabaphathindebe, elenduna yababhaki nelikaFaro? Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa asuke etilongweni aye esigodlweni ngosuku nje olulodwa?

“Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”

Ingabe emndenini wakho kuke kwaba nomona, ukungathembeki noma inzondo? Uma kunjalo, ukulandisa okuseBhayibhelini kukaJosefa kungakusiza.

UJobe—Ngeke “Ngibulahle Ubuqotho Bami!”

Indaba kaJobe eseBhayibhelini isisiza kanjani sibhekane nezikhathi ezinzima noma nolunye uvivinyo lokholo lwethu?

UJobe​—UJehova Wamthoba Amanxeba

Ayikho into engacasula uSathane ngesikhathi esifanayo ijabulise inhliziyo kaJehova ngaphezu kokulingisa ukholo lukaJobe!

UMiriyamu​—“Culela UJehova”!

UMiriyamu umprofethikazi waphefumulelwa ukuba ahole abesifazane ekuculeni ingoma yokunqoba oLwandle Olubomvu. Ukuphila kwakhe kusifundisa ukuba sibe nesibindi, ukholo nentobeko.

Kusukela Ekukhululweni EGibhithe Kuya Enkosini Yokuqala Kwa-Israyeli

URahabi Kwathiwa “Ulungile Ngemisebenzi”

Indaba kaRahabi ibonisa kanjani ukuthi kuJehova akekho umuntu ongelutho? Yini esingayifunda okholweni lwakhe?

“Ngisukuma Njengomama Kwa-Israyeli”

Yini esingayifunda ngokholo nangesibindi ekulandiseni kweBhayibheli ngoDebora?

URuthe—“Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”

Kungani uRuthe ayezimisele ukushiya umkhaya wakubo nezwe lakubo? Yiziphi izimfanelo azibonisa ezamenza waba igugu kuJehova?

URuthe—“Owesifazane Ovelele”

Kungani umshado kaRuthe noBhowazi ubalulekile? Singafundani kuRuthe noNawomi ngomkhaya?

UHana Wathulula Isifuba Sakhe KuNkulunkulu Ngomthandazo

Ukholo lukaHana kuJehova lwamsiza wakwazi ukuthwala isimo esasibonakala singenathemba.

USamuweli “Waqhubeka Ekhula EnoJehova”

Yini eyayingavamile ngesikhathi sikaSamuweli sobuntwana? Yini eyasiza ukholo lwakhe lwakhula ngesikhathi esetabernakele?

Wakhuthazela Naphezu Kwezimo Ezidumazayo

Sonke sehlelwa ubunzima nokudumazeka okubekela inselele ukholo lwethu. Ukukhuthazela kukaSamuweli kusifundisani?

Inkosi Yokuqala Kwa-Israyeli Kuya Ekuzalweni KukaJesu

UJonathani​—“Akukho Lutho Olungavimba UJehova”

UJonathani wahola empini eyayiphakathi kwakhe nebutho elalihlomile, ehamba nesikhonzi sakhe kuphela. Isiphetho saleyo mpi kusakhulunywa ngaso namanje.

“Impi IngekaJehova”

Yini eyasiza uDavide wehlula uGoliyathi? Yini esingayifunda endabeni kaDavide?

UDavide NoJonathani​—“Baba Abangani Abakhulu”

Kwenzeka kanjani ukuba la bantu ababili ababenomlando ongafani nababengalingani ngeminyaka babe abangani abakhulu? Isibonelo sabo singakusiza kanjani ukuba nawe wenze abangani abaseduze namuhla?

U-Abhigayili Wenza Ngokukhalipha

Singafundani emshadweni ka-Abhigayili onezinkinga?

U-Eliya Walwela Ukukhulekela Okumsulwa

Simngamlingisa kanjani u-Eliya lapho sisebenzelana nalabo abaphikisa okufundiswa iBhayibheli?

U-Eliya Waqapha, Walinda

Umprofethi u-Eliya wasibonisa kanjani isimo sengqondo sokuthandaza ebe elinde uJehova ukuba afeze isithembiso sakhe?

U-Eliya Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe

Iziphi izenzakalo ezaholela u-Eliya ukuba azizwe ephansi kangangokuba acele nokufa?

Wakhuthazelela Ukungabi Nabulungisa

Ingabe uke waphathwa ngokungabi nabulungisa? Ingabe ulangazelela ukubona uNkulunkulu elungisa izinto? Cabanga ngendlela ongamlingisa ngayo u-Eliya othembekile.

U-Eliya​—Wakhuthazela Kwaze Kwaba Sekugcineni

Ukukhuthazela kuka-Eliya kungasisiza nathi siqinise ukholo lwethu lapho sibhekene nezinkinga.

UJona Wafunda Emaphutheni Akhe

Uyamzwela uJona njengoba ayesaba ukwamukela isabelo? Indaba isifundisa izifundo ezibalulekile ngesineke nesihe sikaJehova.

Wafunda Isifundo Ngesihe

Indaba kaJona ingasisiza kanjani ukuba sizihlole ngobuqotho?

U-Esteri Walwela Abantu BakaNkulunkulu

Ukubonisa uthando lokuzidela njengo-Esteri kudinga ukholo nesibindi.

U-Esteri Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela

Yini u-Esteri ayenza ebonisa ukuzedela kuJehova nakubantu bakubo?

Ukuzalwa KukaJesu Kuya Ekufeni Kwabaphostoli

UMariya—“Bheka! Incekukazi KaJehova!”

Indlela uMariya asabela ngayo engelosini uGabriyeli yembulani ngokholo lwakhe? Iziphi ezinye izimfanelo ezinhle azibonisa?

UMariya Wafinyelela ‘Iziphetho Enhliziyweni Yakhe’

Lokho uMariya abhekana nakho eBetlehema kwaqinisa ukholo lwakhe ezithembisweni zikaJehova.

UMariya Wasinda Enkembeni Yosizi

Isibonelo sikaMariya, unina kaJesu, singakusiza uma ubhekene nosizi olunjengolokudatshulwa “inkemba ende.”

UJosefa Wavikela, Wondla, futhi Waphikelela

UJosefa wawuvikela ngaziphi izindlela umkhaya wakhe? Kungani athuthela uMariya noJesu eGibhithe?

UMarta—“Ngiyakholelwa”

UMarta walubonisa kanjani ukholo olumangalisayo ngisho nasesikhathini sosizi?

UMariya Magdalena​—“Ngiyibonile INkosi!”

Lona wesifazane othembekile waphathiswa ilungelo lokuxoxela abanye izindaba ezinhle.

UPetru Walwa Nokwesaba Nokungabaza

Ukungabaza kungaba ithonya elinamandla, elibulalayo. Nokho uPetru wakunqoba ukwesaba kwakhe nokungabaza ngokuphathelene nokulandela uJesu.

UPetru Waba Qotho Lapho Ebhekene Novivinyo

Ukholo lukaPetru nobuqotho bamsiza kanjani ukuba amukele ukulungiswa uJesu?

UPetru Wafunda Ukuthethelela ENkosini

Yini uJesu ayifundisa uPetru ngokuthethelela? UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayemthethelele uPetru?

“Mntanami Othandekayo Nothembekile ENkosini”

Yini eyasiza uThimothewu ukuba asuke ekubeni osemusha onamahloni waba umbonisi ongumKristu oyisibonelo?