Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 14, 2014
EGEORGIA

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Isekela Ukusebenza Komthetho EGeorgia

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Isekela Ukusebenza Komthetho EGeorgia

Ngo-October 7, 2014,iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) yakhipha isinqumo esivuna oFakazi BakaJehova eRepublic of Georgia. Icala lika-Begheluri nabanye elaliphakathi kwabo neGeorgia lafakwa eNkontolo eminyakeni engu-12 edlule futhi lihlanganisa izisulu ezingu-99 ezehlakalweni ezingu-30 zokushaywa nokuthukwa. Bonke ababeyizisulu kwakungoFakazi BakaJehova ngaphandle koyedwa owayengeyena. Lezi zigameko zaqala ngodlame olwalubangelwa amaphoyisa emihlanganweni yenkolo emikhulu lwaze lwaba udlame olukhuthazwa inkolo olwenzeka emizini yoFakazi, ezinkantolo nasemigwaqweni.

Isinqumo se-ECHR saveza ukuthi abamangali babefake izikhalo ezingaba ngu-160 emaphoyiseni ezibonisa ukuthi okunye kwalokhu kuhlasela kwakwenziwa ngokuqondile amaphoyisa nezinye iziphathimandla. Nokho, lezo zikhalo azizange ziwenze umehluko. Ngenxa yokuthi abaphehli bodweshu abajeziswanga, bakuqhubekisela phambili ukuhlasela kwabo.

Ngo-September 8, 2000, kuhlaselwa umhlangano wezenkolo woFakazi BakaJehova eZugdidi

Ngokwesibonelo, ngo-September 8, 2000, oFakazi abangaba ngu-700 babenomhlangano wenkolo edolobheni laseZugdidi. Kungazelelwe, kwatheleka iqembu lamaphoyisa elaziwa ngokuthi i-SWAT endaweni yomhlangano, lokhela ngomlilo izakhiwo ezazakhelwe umhlangano futhi lashaya abakhulekeli abangaba ngu-50. Ngokushesha izisulu zafaka izikhalo. Kodwa iziphathimandla zenqaba ukumangalela abaphehli bodweshu, okwashiya izisulu zingalutholanga usizo olungokomthetho.

I-ECHR Ilahla Ukwehluleka Kweziphathimandla Ukwenza Ngendlela Efanele

Ngenxa yokuthi amaphoyisa ehluleka ukwenza uphenyo olufanele ngokushesha nokuthi abenzi bokubi abazange bajeziswe, izisulu zahlangana ukuze zifake isikhalo kuyi-ECHR ngo-2002.

Esinqumweni eyasikhipha ngo-October 7, i-ECHR yathi “iziphathimandla zaseGeorgia azibajezisanga abenzi bokubi, okwagqugquzela ukuba kuhlaselwe oFakazi BakaJehova kulo lonke izwe.” Le Nkontolo yabuye yaphawula ukuthi izenzo zodlame “zazibangelwa ukubandlululwa koFakazi BakaJehova” nokuthi amaphoyisa abonisa “isimo sengqondo esifanayo sokucwasa . . . , okufakazela ukuthi iziphathimandla okungenani zazilubekezelela lolu dlame.”

“Iziphathimandla zaseGeorgia azibajezisanga abenzi bokubi, okwagqugquzela ukuba kuhlaselwe oFakazi BakaJehova kulo lonke izwe.”

Begheluri and Others v. Georgia, no. 28490/02, 7 October 2014, k. 40, isig. 145

Ekugcineni, i-ECHR yathi iziphathimandla zaseGeorgia zazinecala lokuhlukumeza abamangali abangu-47 nokuthi zazicwase abamangali abangu-88 futhi zabaphuca inkululeko engokwenkolo. I-ECHR yayala uhulumeni ukuba “uyeke ukwenza okungafanele okutholwe iNkantolo futhi ulungise imiphumela” yezenzo zawo “nesimo sengqondo sobadlululo.” I-ECHR yathi uhulumeni kufanele akhokhe inhlawulo ka-R630 000 ukuze kunxeshezelwe izisulu ngokungcolisa idumela lazo futhi kukhokhelwe izindleko zecala.

Isimo Sesingcono KoFakazi BakaJehova EGeorgia

Nakuba isimo siye saba ngcono kakhulu kusukela ngo-2004, oFakazi eGeorgia basahlaselwa futhi bahlukunyezwe ngezikhathi ezithile. Ngo-2013, kwabikwa izenzakalo zokuhlaselwa koFakazi ezingu-53. Isinqumo esathathwa ecaleni lika-Begheluri sibopha iziphathimandla zaseGeorgia ukuba zenze uphenyo olufanele ngokushesha ezenzweni zobugebengu ezibhekiswe ezakhamuzini zakhona. OFakazi BakaJehova balindele ukuba uhulumeni ukwazi, ngaphandle kokwenzelela, ukushushisa nokujezisa abantu abanamacala obugebengu obugqugquzelwa inkolo.