Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu?

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu?

 Yebo. SingamaKristu ngenxa yezizathu ezilandelayo:

  •   Sizama ukulandela eduze izimfundiso nokuziphatha kukaJesu Kristu.—1 Petru 2:21.

  •   Sikholelwa ukuthi uJesu uyisihluthulelo sensindiso, ukuthi “alikho elinye igama phansi kwezulu elinikwe ukuba libe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.”—IzEnzo 4:12.

  •   Lapho abantu beba oFakazi BakaJehova, babhapathizwa egameni likaJesu.—Mathewu 28:18, 19.

  •   Sithandaza ngegama likaJesu.—Johane 15:16.

  •   Sikholelwa ukuthi uJesu uyiNhloko, noma umiswe waba negunya phezu kwawo wonke umuntu.—1 Korinte 11:3.

 Nokho, ngezindlela eziningi, sihlukile kwamanye amaqembu ezinkolo okuthiwa awobuKristu. Ngokwesibonelo, sikholelwa ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi ingxenye kaZiqu-zintathu. (Marku 12:29) Asikholelwa ukuthi umphefumulo awufi, ukuthi kukhona eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu ushisa abantu esihogweni phakade, noma ukuthi labo abaholayo ebandleni kufanele babe neziqu ezibaphakamisayo phezu kwabanye.—UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4; Mathewu 23:8-10.