Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?

 Cha, oFakazi BakaJehova abalona ihlelo. Kunalokho singamaKristu enza konke okusemandleni ukuba alingise isibonelo sikaJesu Kristu nokuba aphile ngokuvumelana nezimfundiso zakhe.

Liyini ihlelo?

 Igama elithi “ihlelo” lisho izinto eziningi kubantu abahlukahlukene. Nokho, cabangela imibono emibili evamile mayelana namahlelo nokuthi kungani leyo mibono ingasebenzi kithi.

  •   Abanye bacabanga ukuthi ihlelo liyinkolo entsha noma ehlukile. OFakazi BakaJehova abazisungulelanga inkolo entsha. Ngokuphambene nalokho, sivumelanisa ukukhulekela kwethu nokwamaKristu angekhulu lokuqala, lawo isibonelo sawo nezimfundiso zawo ezalotshwa eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16, 17) Sikholelwa ukuthi imiBhalo Engcwele kufanele kube iyona eshoyo ukuthi ikuphi okwamukelekayo ezindabeni zokukhulekela.

  •   Abanye bacabanga ukuthi ihlelo inhlangano yenkolo eyingozi enomholi ongumuntu. OFakazi BakaJehova ababheki muntu njengomholi wabo. Kunalokho, silalela amazwi uJesu awatshela abafundi bakhe lapho ethi: “Munye onguMholi wenu, uKristu.”​—Mathewu 23:10.

 OFakazi BakaJehova abalona nhlobo ihlelo eliyingozi, kodwa bayinkolo esiza amalungu ayo nabanye abantu emphakathini. Ngokwesibonelo, inkonzo yethu isize abantu abaningi ukuba banqobe imikhuba eyingozi, njengokusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala. Ngaphezu kwalokho, sinamakilasi emhlabeni wonke asiza izinkulungwane zabantu ukuba zifunde ukufunda nokubhala. Futhi siba nesandla ekusizeni lapho kuvela izinhlekelele. Sisebenza kanzima ukuze sisize abanye, njengoba nje uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba benze kanjalo.​—Mathewu 5:13-16.