Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ekutheni Izinsuku Eziyisithupha Zokudala Zazingezamahora Angu-24?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ekutheni Izinsuku Eziyisithupha Zokudala Zazingezamahora Angu-24?

 Cha. OFakazi BakaJehova bayakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into. Kodwa asivumelani nokuthi izinsuku eziyisithupha zokudala zazingezamahora angu-24. Ngani? Ngenxa yokuthi eminye imibono yabantu abakholelwa kulokho ingqubuzana neBhayibheli. Cabangela izibonelo ezimbili ezilandelayo:

  1.   Ubude bezinsuku eziyisithupha zokudala. EBhayibhelini, igama elithi “usuku” lingabhekisela esikhathini eside.​—Genesise 2:4; IHubo 90:4.

  2.   Ubudala bomhlaba. Abanye abanale nkolelo bafundisa ukuthi umhlaba uneminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa nje ukhona. Nokho, iBhayibheli lithi umhlaba nendawo yonke kwakukhona ngaphambi kwezinsuku eziyisithupha zokudala. (Genesise 1:1) Ngenxa yaleso sizathu, oFakazi BakaJehova abamelene nocwaningo lwezesayensi olubonisa ukuthi umhlaba kungenzeka uneminyaka eyizigidi zezigidi ukhona.

 Nakuba oFakazi BakaJehova bekholelwa ekutheni izinto ezikhona zadalwa, abaphikisani nesayensi. Sikholelwa ukuthi isayensi eyiqiniso neBhayibheli kuyavumelana.