Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Banemithetho Mayelana Nokuphola?

Ingabe OFakazi BakaJehova Banemithetho Mayelana Nokuphola?

 OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi izimiso nemiyalo okuseBhayibhelini kungasisiza ukuba senze izinqumo ezijabulisa uNkulunkulu futhi ezisizuzisayo. (Isaya 48:17, 18) Asizenzelanga lezi zimiso nale miyalo, kodwa siphila ngayo. Cabanga ngokuthi ezinye zalezi zimiso nemiyalo zihlobana kanjani nokuphola. a

  •   Umshado uyisibopho esihlala njalo. (Mathewu 19:6) Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova babheka ukuphola njengesinye sezinyathelo eziholela emshadweni, asikuthathi neze kalula.

  •   Ukuphola okwalabo kuphela asebekhule ngokwanele ukuba bangashada. Laba basuke ‘sebedlulile ekuqhumeni kobusha,’ noma lapho isifiso sobulili sisuke sinamandla kakhulu khona.​—1 Korinte 7:​36.

  •   Abapholayo kufanele kube abantu abanenkululeko yokushada. Abanye abantu abahlukanise ngokomthetho uNkulunkulu akababheki njengabanenkululeko yokuphinde bashade ngoba isimiso sakhe sithi okuwukuphela kwesizathu esamukelekayo sokwehlukanisa ukuziphatha okubi kobulili.​—Mathewu 19:9.

  •   AmaKristu afuna ukushada ayalwa ukuba akhethe abakholwa nawo kuphela. (1 Korinte 7:​39) KoFakazi BakaJehova lo myalo awubhekiseli kumuntu omane nje ahloniphe izinkolelo zethu kodwa kumuntu ohlanganyela futhi aphile ngalezo zinkolelo njengoFakazi obhapathiziwe. (2 Korinte 6:​14) UNkulunkulu ubelokhu eyala abakhulekeli bakhe ukuba bashade kuphela nabakholwa kanye nabo. (Genesise 24:3; Malaki 2:11) Lo myalo unengqondo, njengoba nabacwaningi banamuhla beye bathola. b

  •   Izingane kufanele zilalele abazali bazo. (IzAga 1:8; Kolose 3:20) Ezinganeni ezisahlala ekhaya, lo myalo uhlanganisa nokulalela izinqumo zabazali bazo ngokuqondene nokuphola. Lokhu kungahlanganisa neminyaka yobudala indodana noma indodakazi engaqala ngayo ukuphola kanye nezinto abazovumeleka ukuzenza.

  •   OFakazi bayazikhethela bona ukuthi bazophola yini nokuthi bayophola nobani ngokuvumelana nemiBhalo. Lokho kuhambisana nalesi simiso: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” (Galathiya 6:5) Noma kunjalo, uma kuziwa endabeni yokuphola, abaningi bafuna iseluleko koFakazi abavuthiwe ababakhathalelayo.​—IzAga 1:5.

  •   Imikhuba eminingi evame ukuhlotshaniswa nokuphola empeleni iyizono ezinkulu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisiyala ukuba sigweme ubufebe. Lokhu akuhlanganisi nje ukuya ocansini nomuntu kodwa nezinye izenzo ezingcolile ezenziwa abantu abangashadile, njengokuphulula izitho zobulili zomunye umuntu noma ukwenza ubulili bomlomo noma bendunu. (1 Korinte 6:9-11) Ngisho nokuziphatha okuvusa inkanuko kubantu abangashadile okwala kancane kufike ebufebeni ‘kuwukungcola’ okungamjabulisi uNkulunkulu. (Galathiya 5:​19-​21) Izingxoxo ezinokuziphatha okubi ezihlanganisa “inkulumo eyihlazo” nazo iBhayibheli liyazilahla.​—Kolose 3:8.

  •   Inhliziyo, noma umuntu wangaphakathi, iyakhohlisa. (Jeremiya 17:9) Ingase iholele umuntu ekwenzeni izinto aziyo ukuthi azilungile. Ukuze bagweme ukukhohliswa izinhliziyo zabo, abantu abapholayo bayazigwema izimo ezivivinyayo. Bangase bakhethe ukuthatha izinyathelo ezinengqondo njengokuhlale benabanye abakhayo noma bacele othile ofanelekayo ukuba abaphelezele. (IzAga 28:26) AmaKristu angashadile afuna umuntu angashada naye ayaziqaphela izingozi zokumfuna ezingosini zokuxhumana, ikakhulukazi ingozi yokwakha ubuhlobo nomuntu angazi lutho olutheni ngaye.​—IHubo 26:4.

a Ukuphola kuyenziwa kwezinye izindawo kodwa kwezinye akwenziwa. IBhayibheli alisho ukuthi ukuphola kuyadingeka noma ukuthi kuwukuphela kwendlela eya emshadweni.

b Ngokwesibonelo, isihloko esavela encwadini ethi Marriage & Family Review sathi “ucwaningo olwenziwa kathathu emishadweni esinesikhathi eside lwabonisa ukuthi ukufana ekukhulisweni ngokwenkolo, okholweni nasezinkolelweni kuyizici ezibalulekile zemishado ehlala isikhathi eside (eneminyaka engu-25 kuya kwengu-50 nangaphezulu).”—UMqulu 38, isihloko 1, ikhasi 88 (yango-2005).