Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

 Nazi izizathu ezenza oFakazi BakaJehova bangayi empini:

  1.   Balalela uNkulunkulu. IBhayibheli lithi izikhonzi zikaNkulunkulu “ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja . . . futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.

  2.   Balalela uJesu. UJesu wathi kumphostoli uPetru: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngakho uJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe babengeke baphathe izikhali zempi.

     Abafundi bakaJesu balalela umyalo wakhe othi “abayona ingxenye yezwe” ngokuqhubeka bengathathi hlangothi kwezombusazwe. (Johane 17:16) Ababhikishi ngokumelene nezimpi noma baphazamise labo abakhetha ukuba amasosha.

  3.   Bathanda abanye. UJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bathandane.’ (Johane 13:34, 35) Babeyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke futhi alikho ilungu elaliyophakamisa isikhali ngokumelene nomfowabo noma udadewabo.—1 Johane 3:10-12.

  4.   Isibonelo samaKristu okuqala. I-Encyclopedia of Religion and War ithi: “Abalandeli bakaJesu bokuqala benqaba ukuya empini nokwenza umsebenzi wezempi,” beqaphela ukuthi ukwenza kanjalo “akuhambisani nendlela kaJesu yothando nomyalo wokuba bathande izitha zabo.” Isazi sezenkolo saseJalimane uPeter Mein­hold sasho lokhu ngalabo bafundi bakaJesu bokuqala: “Ukuba umKristu nesosha kwakubhekwa njengezinto ezingahlangani.”

Ukusiza umphakathi

 OFakazi BakaJehova bangamalungu omphakathi awusizo futhi abayona ingozi emazweni abahlala kuwo. Siyalihlonipha igunya likahulumeni ngokuvumelana nale miyalo yeBhayibheli:

  •   ‘Zithobeni emagunyeni aphakeme.’—Roma 13:1.

  •   “Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Mathewu 22:21.

 Ngakho siyawuthobela umthetho, siyayikhokha intela futhi senza ngokuvumelana nemizamo kahulumeni yezenhlalakahle.