Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?

 Yebo, oFakazi BakaJehova bayayamukela imithi kanye nokwelashwa odokotela. Nakuba sizama ukuyinakekela imizimba yethu futhi sizigcina sinempilo enhle, ngezinye izikhathi ‘sidinga udokotela.’ (Luka 5:31) Empeleni njengoLuka, umKristu wangekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova abathile nabo bangodokotela.—Kolose 4:14.

 Nokho, ezinye izindlela zokwelapha ziyangqubuzana nezimiso zeBhayibheli futhi siyazenqaba. Ngokwesibonelo, asikwamukeli ukumpontshelwa igazi ngoba iBhayibheli liyakwenqabela ukudla igazi. (IzEnzo 15:20) Ngendlela efanayo, iBhayibheli limelene nezinqubo zokwelapha ezihlanganisa ukusetshenziswa kwemimoya.—Galathiya 5:19-21.

 Nokho, izindlela eziningi zokwelapha azingqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Ngakho umuntu uyozenzela isinqumo. Omunye uFakazi angase akhethe ukwamukela umuthi othile noma indlela ethile yokwelashwa, omunye akwenqabe.—Galathiya 6:5.