Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Banomuzwa Wokuthi Yibo Kuphela Abayosindiswa?

Ingabe OFakazi BakaJehova Banomuzwa Wokuthi Yibo Kuphela Abayosindiswa?

 Cha. Izigidi zabantu ezaziphila emakhulwini eminyaka edlule ezazingebona oFakazi BakaJehova ziyoba nethuba lokuthola insindiso. IBhayibheli lichaza ukuthi ezweni likaNkulunkulu elisha elithenjisiwe “kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi kungenzeka baqale ukukhonza uJehova futhi nabo bazuze insindiso. Kunoma ikuphi, akuwona umsebenzi wethu ukwahlulela ukuthi ubani oyosinda noma ubani ongeke asinde. Lona ngumsebenzi kaJesu.—Johane 5:22, 27.