Dlulela kokuphakathi

Umbiko Womhlangano Waminyaka Yonke

“Ukudla Ngesikhathi Esifanele”

Umbiko Womhlangano Waminyaka Yonke

Izethameli eziyizinkulungwane zalalela imibiko ekhuthazayo nengxoxo ethakazelisayo esekelwe kuMathewu 24:45-47 emhlanganweni waminyaka yonke we-128 we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

Ngomhla ka-6 October 2012, abantu abangaba ngu-5000 babuthana ukuze balalele isimiso eHholo LoMhlangano loFakazi BakaJehova eJersey City, eNew Jersey, e-U.S.A. Kusetshenziswa ama-video, abantu abangaphezu kuka-10000 babukela isimiso somhlangano ezakhiweni zethu eBrooklyn, ePatterson, eWallkill eseNew York nasehhovisi legatsha eCanada.

U-Anthony Morris, oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova nosihlalo womhlangano, waxoxa ngemihlangano yaminyaka yonke edlule eyayikhuthaza ngokukhethekile futhi esakhunjulwa namanje. Izilaleli zafika zazi ukuthi isimiso salo nyaka sizoziqinisa. Kodwa zazizibuza, ‘Ingabe naso sizoba ingqopha-mlando?’

Ama-video amabili abonisa izilaleli imisebenzi yethu kuwo wonke umhlaba.

Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso:

Le video yabonisa impumelelo yomsebenzi wokwakhiwa kwamaHholo oMbuso emazweni antulayo. Eminyakeni engu-13 edlule, amaQembu Okwakha AmaHholo OMbuso aye akha amaHholo OMbuso angu-25402 emazweni anjalo—isilinganiso samaHholo oMbuso angaphezu kwamahlanu ngosuku! Lawo maHholo oMbuso akhiwa ngeminikelo yokuzithandela evela koFakazi emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, lapho kugadla inhlekelele yemvelo, la maqembu anekhono ngokuvamile azenza atholakale ngokushesha ukuze asize labo abathintekile, alungise noma akhe kabusha amaHholo OMbuso nezindlu zabo.

Imihlangano Ekhethekile:

Ngo-2012, oFakazi BakaJehova baba nemihlangano eminingana ekhethekile eyaba nezihambeli ezivela kwamanye amazwe. Le mihlangano yahluka kanjani emihlanganweni yezizwe zonke yeminyaka edlule?

I-video yachaza ukuthi amahhovisi amagatsha yiwo ayelungiselela izihambeli indawo yokuhlala, izinto zokuhamba kanye nokudla phakathi nesonto lomhlangano. Zilinganiselwa ku-1500 izihambeli zakwamanye amazwe ezazethamele umhlangano ngamunye.

Izihambeli zakwamanye amazwe noFakazi bendawo baba namathuba amaningi okwakha ubungane, hhayi nje kuphela emhlanganweni kodwa nalapho bebuka indawo, bedla ndawonye nalapho beshumayela. I-video yabika, “Kuze kube manje yonke imihlangano ekhethekile iye yabonakalisa ukuthi isibopho esiphelele sobunye siwuthando lobuzalwane.”

Yeka ukuthi izilaleli zajabula kanjani lapho zizwa ukuthi kusukela manje oFakazi BakaJehova bazoba nemihlangano ekhethekile minyaka yonke emazweni akhethiwe kuwo wonke umhlaba!

Amanye amabalengwe omhlangano waminyaka yonke ahlanganisa nalokhu:

Izingxoxo:

Amalungu amathathu eKomiti Yegatsha nomkabo, abaneminyaka engu-342 enkonzweni yesikhathi esigcwele uma iminyaka yabo ihlanganiswa, baxoxa ngendlela uJehova uNkulunkulu abaqeqeshe ngayo ukuze bafeze izabelo eziningi ezihlukahlukene.

URichard Kelsey, oyilungu leKomiti Yegatsha eJalimane wathi iSikole Samalungu EKomiti Yegatsha Nomkawo samfundisa “ukulandela isiqondiso sikaJehova njalo.” UJehova unguBaba onothando ofuna sithole okungcono. UMfoweth’uKelsey wachaza, “Ufuna siphile phakade futhi wenza konke ukuze asinakekele.” Isikole safundisa amalungu eKomiti Yegatsha ukuba alandele isibonelo sikaJehova sothando.

Lapho uLinda Johansson emenyelwa e-Watchtower Bible School of Gilead ngo-1958, wayeneminyaka emibili nengxenye ebhapathiziwe futhi enonyaka owodwa eshadile. UDade Johansson wathi, “Ngazithola ngisekilasini nabazalwane abavuthiwe abangomakadebona. Ngangizizwa ngingakufanelekeli ukuba lapho.”

Noma kunjalo, uDade Johansson wabekezela futhi ngemva kokuthweswa iziqu yena nomyeni wakhe bamiswa njengezithunywa zevangeli eMalawi. Ngemva kokushushiswa okunzima koFakazi BakaJehova kulelo zwe, wafundela ungqongqoshe kahulumeni owayemelene nomsebenzi woFakazi. Namuhla unkosikazi waleyo ndoda, indodana nendodakazi, bonke bangoFakazi ababhapathiziwe.

Ukushumayela Endaweni Yomphakathi:

AmaKristu amane aphothula eSikoleni SeBhayibheli Semibhangqwana EngamaKristu nombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova waseNew York baxoxa ngezinto ezenzeka ngesikhathi bezama ukufinyelela abantu emadolobheni aphithizelayo.

Kula madolobha, izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zibeka amatafula kanye nezinqola ezincane okupakishwe kuzo izincwadi zeBhayibheli. Abantu abadlulayo bangazithathela izincwadi, babuze imibuzo yeBhayibheli futhi bacele ukufundelwa iBhayibheli.

OFakazi kwezinye izingxenye zeNew York City, eChicago naseLos Angeles, basebenzisa le ndlela yokukhuluma nabantu. Ngonyaka nje owodwa, abantu abangaba ngu-2700 abadlula kula matafula nezinqola bacele izifundo zeBhayibheli zamahhala.

Ikwaya Yezingane:

Abaningi bahlengezela izinyembezi njengoba ikwaya yezingane ezingu-17 ihlabelela ingoma ethi “Lalela, Ubusiswe” ethathwe eculweni elithi Hubelani UJehova (Ingoma No. 120).

Ngemva kwalokho, kwalandela uchungechunge lwezinkulumo eziyisithupha ezabekwa amalungu eNdikimba Ebusayo​—uMfoweth’uJackson, uLösch, uPierce, uHerd, uLett, noSplane​—ezahlaziya futhi zaxoxa ngencazelo yamazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 24:45-47. UJesu wathi:

“Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele? Iyajabula leyo nceku okuyokuthi lapho inkosi yayo ifika iyithole yenza kanjalo. Ngiqinisile ngithi kini, Iyoyimisa phezu kwakho konke okungokwayo.”

Lolu chungechunge lwaphendula imibuzo elandelayo:

UJesu Wayimisa Nini “Inceku Ethembekileyo Neqondayo” Phezu Kwabendlu Yakhe?

Cabanga ngomongo wamazwi kaJesu akuMathewu 24. Wonke amavesi okukhulunywa ngawo lapha ayezogcwaliseka phakathi nokuba khona kukaKristu, ‘isiphelo sesimiso sezinto.’—Ivesi 3.

  • ‘Usizi lwangalezo zinsuku.’—Ivesi 29.

  • “Lesi sizukulwane.”—Ivesi 34.

  • “Lolo suku nalelo hora.”—Ivesi 36.

  • ‘Usuku lokuza kweNkosi yenu.’—Ivesi 42.

  • “INdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.”—Ivesi 44.

Kunengqondo ukuphetha ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo” kumelwe ukuba yavela ngemva kokuqala kokuba khona kukaKristu ngo-1914.

Ngaphezu kwalokho, uJesu wabonisa ukuthi le “nceku” yayiyovela phakathi nesikhathi sokubuzwa kombuzo othi: “Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo?” Abaphostoli bakaJesu babenezipho eziyisimangaliso zomoya ongcwele, ngakho sasisincane kakhulu isizathu sokubuza lo mbuzo ngekhulu lokuqala C.E. (1 Korinte 14:12, 24, 25) Nakuba babegcotshwe ngomoya ongcwele, abaphostoli namanye amaKristu angekhulu lokuqala babengeyona “inceku ethembekileyo neqondayo” uJesu aprofetha ngayo.

Ngakho kuyafaneleka ukuphetha ngokuthi uJesu wamisa “inceku ethembekileyo neqondayo” ‘phezu kwabendlu yakhe’ phakathi nokuba khona kwakhe, ‘isiphelo sesimiso sezinto.’

“Ngubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?”

UJesu wayengakhulumi ngomuntu oyedwa, kodwa wayekhuluma ‘ngenceku’ eyakhiwa abantu abaningana​—iqembu elisebenza ndawonye njengomzimba owodwa. UJesu wathi inceku (1) imiswe ukuba yengamele “phezu kwabendlu [yenkosi]” nokuba (2) ibanike ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’

Kusukela ngo-1919, bekulokhu kuneqembu elincane lamaKristu agcotshiwe endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Bebelokhu bengamela umsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke futhi behlanganyela ngokuqondile ekulungiseleleni nasekusakazeni ukudla okungokomoya. Eminyakeni yakamuva, lelo qembu liye labizwa ngokuthi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.

Ubufakazi busenza siphethe ngalokhu: “Inceku ethembekileyo neqondayo” yamiswa phezu kwabendlu kaJesu ngo-1919. Le nceku iyiqembu elincane labafowethu abagcotshiwe abakhonza endlunkulu yomhlaba wonke phakathi nokuba khona kukaKristu abahlanganyela ngokuqondile ekulungiseleleni nasekusakazeni ukudla okungokomoya. Lapho leli qembu lisebenza ndawonye njengeNdikimba Ebusayo, liba “inceku ethembekileyo neqondayo.”

Obani “Abendlu”?

UJesu wathi ‘abendlu yakhe’ babeyothola ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ Bonke abalandeli bakaJesu beqiniso bondliwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” Ngenxa yalokho, bonke abafundi bakaKristu—kokubili umKristu ngamunye ogcotshiwe namalungu “ezinye izimvu”—‘bangabendlu yakhe.’​—Johane 10:16.

Ngemva kokuba isikhulumi sichaze lesi sici sesiprofetho sikaJesu, izilaleli zashaya ihlombe. Kamuva abaningana ezilalelini bezwakalisa ukubonga ngokuthi uJesu ubabheka ‘njengabendlu yakhe.’

UJesu Uyimisa Nini Inceku ‘Phezu Kwakho Konke Okungokwakhe’?

UJesu wathi “lapho inkosi . . . ifika” (ngokwezwi nezwi, “lapho iza”) iyomisa inceku “phezu kwakho konke okungokwayo.” INkosi, uJesu, ifika nini?

Inkulumo ehunyushwe ngokuthi ‘lapho ifika’ iwuhlobo lwegama lesiGreki elithi erʹkho·mai. Amavesi 42 no-44 esahluko 24 ahumusha uhlobo lwegama elithi erʹkho·mai ngokuthi “ukuza.” Kulawo mavesi, uJesu ubhekisela ekuzeni kwakhe njengoMahluleli phakathi nosizi olukhulu.​—Mathewu 24:30; 25:31, 32.

Ngakho, ukumisa kukaJesu “inceku” phezu ‘kokungokwakhe’ nakho kumelwe kubhekisele entweni ezokwenzeka esikhathini esizayo. Inceku uyoyimisa phakathi nosizi olukhulu.

UJesu Wayekhuluma Ngani Lapho Ethi ‘Okungokwakhe’?

UJesu wathi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) ‘Okungokwakhe’ akuhlanganisi nje kuphela izinto ezisemhlabeni. Kuhlanganisa noMbuso kaMesiya.—Filipi 2:9-11.

Ngakho-ke, uJesu uyovuza “inceku ethembekileyo neqondayo” ngokuvusela ilungu ngalinye lalelo qembu ekuphileni kwasezulwini nangokubanika igunya lobukhosi phezu kwazo zonke izinto zikaKristu ezulwini nasemhlabeni. Wonke amaKristu agcotshiwe athembekile athenjiswe umvuzo ofanayo.—Luka 22:28-30; IsAmbulo 20:6.

Inkulumo eyaphetha uchungechunge yahlanganisa nesaziso esikhethekile. Ngemva kokufunda amazwi aqinisekisayo akuMathewu 28:20, uMfoweth’uSplane wathi: “Sinesinye isizathu sokuqiniseka. Leso sizathu sitholakala esihlokweni sonyaka ka-2013. Sithini? SikuJoshuwa 1:9: ‘Yiba nesibindi uqine. . . . UJehova uNkulunkulu wakho unawe.’”

Lapho ephetha, uMfoweth’uMorris wabuza lo mbuzo: “Kuzokwenzekani ngonyaka ozayo? “Umhlangano waminyaka yonke wangonyaka ozayo, ozoba ngomhla ka-5 October 2013, uzoxhunywa emaHholo OMhlangano akhethiwe e-United States nakwamanye amazwe akhuluma isiNgisi.”

Lesi simiso sizosakazwa ngesiNgisi kuphela. Ngeke sitolikwe ngezinye izilimi.

Ngemva kwesimiso esakhayo nesiyingqopha-mlando, zonke izilaleli zahlabelela ngokusuka enhliziyweni ingoma ethi “Ukukhanya Kuba Kukhulu” (Ingoma No. 116) ethathwe kwethi Hubelani UJehova. Nawa amanye amagama ale ngoma:

“INkosi yethu imise inceku,

Esinika ukudla njalo.

Ukukhanya kuya kuba kukhulu,

Kusithinta izinhliziyo.”