Dlulela kokuphakathi

Umbiko Womhlangano Waminyaka Yonke Ka-2014

Iminyaka Eyikhulu Yokubusa KoMbuso!

Umbiko Womhlangano Waminyaka Yonke Ka-2014

Ngo-October 4, 2014, izilaleli ezingaba ngu-19000 zabuthana ukuze zithamele umhlangano waminyaka yonke we-130 we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Isimiso salo mhlangano sasiqhutshelwa eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova laseJersey City, eNew Jersey, e-U.S.A., futhi wawusakazwa nge-video nakwezinye izindawo.

Usihlalo walo mhlangano kwakunguMark Sanderson, oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Emazwini akhe okuvula, uMfowethu uSanderson wakuqokomisa ukuthi umhlangano walo nyaka uyingqopha-mlando, njengoba kugujwa iminyaka eyikhulu yokumiswa koMbuso kaMesiya.

UMfowethu uSanderson waxoxa ngezinto ezintathu eziphawulekayo ezifezwe ukubusa koMbuso phakathi neminyaka yokuqala eyikhulu yokubusa kwawo:

  • Umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke. Ngenxa yesibusiso sikaJehova, abantu bakhe baye basebenza umshawushilo besakaza izindaba ezinhle zoMbuso. Kusukela ngo-1914 kuya onyakeni wenkonzo ka-2014, inani labamemezeli lenyuka lisuka kwabayizinkulungwane ezimbalwa nje laya kwabangaphezu kwezigidi ezingu-8. Sizoqhubeka sishumayela ngentshiseko kuze kube yilapho uJehova ethi sekwanele.

  • Ukuvikelwa kwezikhonzi zoMbuso njengeqembu. Abaholi benkolo neziphathimandla zezombusazwe baye basiphikisa ngonya, baze bazama ngisho nokubaqothula ngokuphelele oFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, uJehova ubavikele abakhulekeli bakhe njengeqembu. Ukunqoba kwethu emacaleni amaningi, okubalwa kuwo lawo ayequlwa eNkantolo Ephakeme yase-United States kanye naseNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu, kuwubufakazi bokuthi uJehova uyaqhubeka esiqaphile kuze kube yilolu suku.

  • Ukuhlanganiswa kwabantu bazo zonke izinhlobo. UMbuso kaNkulunkulu uye wahlanganisa abantu abavela ezizindeni ezihlukahlukene, izizwe nezilimi, wabasiza banqoba izinselele ezihlukahlukene futhi wabenza baba yiqembu labakhulekeli elinobunye. UMfoweth’uSanderson wathi: “Lokhu kuyisimangaliso esingenziwa uJehova uNkulunkulu kuphela.” Waphinde waveza indlela bonke ababekhona kulo mhlangano oyingqopha-mlando ababezizwa benelungelo ngayo.

Uchungechunge Oluthi Yiba Umngane KaJehova.

Kwabe sekuxoxwa ngochungechunge lwama-video ezingane, osekuyiminyaka engaphezu kwemibili lukhona. Okokuqala, uMfoweth’uSanderson wethula i-video okuxoxwa kuyo nezingane ezivela emhlabeni jikelele. Izethameli zathinteka izinhliziyo lapho zizwa amazwi ezingane aqotho nasuka enhliziyweni, abonisa ukwazisa ngalokho ezikufunde kula ma-video.

Kwabe sekuboniswa i-video entsha ekulolu chungechunge. Inesihloko esithi “UJehova Uzokusiza Ube Nesibindi.” Le video yemizuzu engu-12 yenza kube ngokoqobo ukulandisa kweBhayibheli kwentombazanyana yakwa-Israyeli, eyakhuluma ngesibindi ngoJehova kumkaNahamani. (2 AmaKhosi 5:​1-​14) Le video yafakwa kuyi-jw.org ngoMsombuluko, ngo-October 6, 2014, futhi isiyatholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-20.

I-JW Language.

UMfoweth’uSanderson wamemezela lolu hlelo lwe-computer olusha oluzosebenza emishinini yobuchwepheshe ephathwayo futhi oluzosiza oFakazi BakaJehova abafuna ukufunda olunye ulimi ukuze bandise inkonzo yabo. Lolu hlelo lunamagama namabinzana amagama angaphezu kuka-4000 ngezilimi ezingu-18. Kwenziwa izinhlelo zokuba kwenezelwe amanye amagama namabinzana, izingeniso zenkonzo yasensimini nokunye.

ISiteshi Sokusakaza Se-JW.

Ababekhona bajabula kakhulu lapho bezwa ngesiteshi esisha se-TV kuyi-Internet soFakazi BakaJehova, esiye safakwa okokuqala ngesiNgisi kuphela. Lesi siteshi sokusakaza esisendlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, e-U.S.A., sizosakaza ama-video, umculo, nokufundwa kweBhayibheli okusadrama. Ngaphezu kwalokho, sizoba nohlelo lokusakaza lwanyanga zonke oluzophathwa ilungu leNdikimba Ebusayo noma umsizi welinye lamakomiti ayo.

UMfoweth’uSanderson wethula amazwibela ohlelo lokuqala kulezi. Lolu hlelo olwalusakazwa uStephen Lett weNdikimba Ebusayo, lwaveza nemisebenzi eyenziwa lapho kulungiselelwa lesi siteshi esisha se-TV. ISiteshi Sokusakaza Se-JW saqala ukusakaza ngo-October 6, 2014, futhi sitholakala engosini ethi tv.dan124.com.

“UMbuso​—Usuneminyaka Eyikhulu Futhi Uqhubekela Phambili.”

USamuel Herd weNdikimba Ebusayo wayelandisa kuyi-video eyayibukeza indlela uMbuso kaNkulunkulu oye waqhubeka ngayo usisiza ukuba sithuthuke emsebenzini wethu wokushumayela. Le video eyayibonisa umlando, ukulingiswa kwalokho okwenzeka, nokwakulandiswa oFakazi asebemnkantsh’ubomvu, yabonisa izinto ezinjengokukhiqizwa nokubukiswa kwefilimu ethi “Photo-Drama of Creation”; ukusetshenziswa kwe-phonograph; izingqwembe zokufakaza; amamashi okushumayela; izimoto ezinemibhobho; kanye nezikole zokusiqeqeshela inkonzo.

Sizuza kanjani ngokucabanga ngalokho uMbuso okufezile eminyakeni yawo yokuqala eyikhulu? Ukwenza kanjalo kwenza uMbuso ube ngokoqobo kakhudlwana kithi futhi kusenza sikulangazelele nakakhulu lokho osazokwenza esikhathini esizayo.

Izingoma Zokukhulekela.

UDavid Splane weNdikimba Ebusayo wabathokozisa bonke ababekhona lapho ememezela izinhlelo zokubukezwa kweculo elithi, Hubelani UJehova. Lizokwenziwa libe nesembozo esifanayo nese-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi libe nombala osiliva. Ukusetshenziswa kwezinto ezisezingeni eliphezulu ngale ndlela kubonisa ukuthi umculo ubaluleke ngempela ekukhulekeleni kwethu.

UMfoweth’uSplane wamemezela nokuthi kuzokwenezelwa izingoma ezimbalwa eculweni. Kodwa akudingeki silinde kuze kunyatheliswe iculo elibukeziwe ngaphambi kokuba siqale ukusebenzisa lezi zingoma ezintsha. Zizofakwa engosini ethi jw.org lapho sezitholakala.

Izingoma ezintathu ezintsha, ezazikade ziprakthizwa umkhaya waseBethel ngasekuqaleni kwalelo sonto, zaculwa kulo mhlangano waminyaka yonke. UMfoweth’uSplane wabhidisa iqembu labaculi elahlabelela ingoma ethi “UMbuso Umisiwe​—Mawuze!” Le ngoma yaqanjwa ngokukhethekile ukuze kugujwe iminyaka eyikhulu yokumiswa koMbuso. Ngemva kokuba iqembu labaculi seliyihlabelele le ngoma, izethameli nazo zahlabalela kanye nalo. Kamuva iqembu labaculi kanye nezilaleli baphinde bacula enye ingoma ethi, “Sinikeze Isibindi.

Ingxoxo.

Kwabe sekudlalwa i-video kaGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo exoxa nabashadikazi abathathu asebenamashumi eminyaka bekhonza eBethel. Balandisa ngezinguquko eziningi asebezibonile njengoba iminyaka ihamba, okugcizelela ukuthi abantu bakaNkulunkulu baqhubekela phambili. UMfoweth’uLösch waphawula ukuthi iBhayibheli labikezela ngentuthuko ezoba khona enhlanganweni futhi wanxusa bonke ukuba baqhubeke behambisana nenhlangano kaJehova.​—Isaya 60:17.

“Imifuziselo.”

UMfoweth’uSplane wanikeza le inkulumo, eyayichaza ukuthi kungani eminyakeni yamuva izincwadi zethu zingasakhulumi ngemifuziselo njengoba zazenza esikhathini esidlule.

Esikhathini esidlule, amadoda nabesifazane abaningi abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini kwakuthiwa babefanekisela amaKristu osuku lwethu. Ngokufanayo, izenzakalo eziningana okukhulunywa ngazo eBhayibhelini kwakucatshangwa ukuthi ziyisiprofetho esithinta izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla. Kuyavunywa, kungaba yinto ejabulisayo ukutadisha ngokuqhathanisa okunjalo. Pho kungani izincwadi zethu muva nje sekwethukela zikhulume ngemifuziselo?

ImiBhalo ibonisa ukuthi abantu abathile noma izenzakalo zazifanekisela othile noma okuthile okukhulu. Lapho iBhayibheli liwuhlobanisa ngokucacile umfuziselo nalokho okufanekiselwayo, sikwamukela ngenjabulo lokho. UMfoweth’uSplane wathi, “Kodwa lapho iBhayibheli lingasho lutho khona, nathi kumelwe singasho lutho.” Kufanele sikugweme ukucubungula indaba ngokweqile. Ngaphezu kwalokho, uma silibala ukufuna imifuziselo nokugcwaliseka kwayo, singase siphuthelwe yizifundo ezingasisiza ekuphileni kwethu kwansuku zonke ezitholakala kulokho kulandisa kweBhayibheli—kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma elasemhlabeni.​—Roma 15:4. a

“Ingabe ‘Uzohlala Ulindile?’”

Le nkulumo eyanikezwa uMfoweth’uLett, yalungisa indlela esiwuqonda ngayo umfanekiso kaJesu wezintombi eziyishumi. (Mathewu 25:​1-​13) Nansi indlela esesiwuqonda ngayo lo mfanekiso: Umkhwenyana uJesu, kanti izintombi abalandeli bakaJesu abagcotshiwe. (Luka 5:​34, 35; 2 Korinte 11:2) Lo mfanekiso usebenza ezinsukwini zokugcina, ezimvuthwandaba wazo wenzeka ngosizi olukhulu. Lapho ekhuluma ngezintombi ezinhlanu eziyiziwula, uJesu wayengasho ukuthi abaningi ezincwekwini zakhe ezigcotshiwe ngeke bathembeke futhi kuzodingeka bathathelwe indawo abanye. Kunalokho, wayekhipha isixwayiso esinamandla. Njengoba nje izintombi ezinhlanu zazihlakaniphile nezinhlanu ziyiziwula, umKristu ogcotshiwe ngamunye unethuba lokukhetha inkambo yokuhlala emi ngomumo futhi ephapheme noma eyokungathembeki.

Ngokuvumelana nesimiso sokungacubunguli indaba kuze kweqe, akubonakali kuwukuhlakanipha ukucubungula lo mfanekiso ngenjongo yokuthola ukufana okungokwesiprofetho kwayo yonke imininingwane. Kunalokho, senza kahle ngokuthola izifundo ezingasisiza kulo mfanekiso. Kungakhathaliseki ukuthi sigcotshiwe noma ‘singezinye izimvu,’ sonke sinesibopho sokwenza ukukhanya kwethu kukhanye kakhulu futhi ‘sihlale silindile.’ (Johane 10:16; Marku 13:37; Mathewu 5:16) Kusemahlombe omuntu ngamunye ukuba athembeke. Ngamunye wethu ‘kumelwe akhethe ukuphila’ ngokuhlala eqaphile ngokomoya futhi ematasa enkonzweni.​—Duteronomi 30:19.

“Umfanekiso Wamathalenta.”

Kwalandela u-Anthony Morris oyilungu leNdikimba Ebusayo, wasiza izilaleli ukuba ziqonde incazelo yethu ethuthukisiwe yomfanekiso wamathalenta. (Mathewu 25:14-​30) Manje siyaqonda ukuthi inkosi kulo mfanekiso (uJesu) izovuza izigqila (abalandeli bakhe abagcotshiwe abasemhlabeni) esikhathini esiseza lapho ifika futhi ibavusela ekuphileni kwasezulwini. Lapho ekhuluma ngalokho okuyokwenzeka ‘encekwini embi nevilaphayo,’ uJesu wayengabikezeli ukuthi inani elikhulu labalandeli bakhe abagcotshiwe ngeke lithembeke. Kunalokho, wayexwayisa abagcotshiwe ngesidingo sokuhlala bekhuthele futhi bagweme izimo zengqondo nezenzo zenceku embi.

Yiziphi izifundo eziwusizo esingazifunda kulo mfanekiso? Inkosi ekulo mfanekiso yaphathisa izinceku zayo okuthile okuyigugu kuyo. Ngokufanayo, uJesu uphathise abalandeli bakhe okuthile akubheka njengokubaluleke kakhulu—umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. Ulindele ukuba sonke sihlanganyele ngenkuthalo kulowo msebenzi wokushumayela, kuye ngezimo zethu. UMfoweth’uMorris wabancoma labo ababekhona ngokuhlanganyela kwabo ngentshiseko emisebenzini yoMbuso.

“Ubani Ozohlasela Abantu BakaNkulunkulu Maduzane?”

Lesi kwakuyisihloko esivusa ilukuluku senkulumo yokugcina kulo mhlangano, esanikezwa uGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo. UMfoweth’uJackson waxoxa ngokuhlaselwa kwabantu bakaNkulunkulu okuseza okuzobe kuholwa uGodi wakwaMagogi.​—Hezekeli 38:14-​23.

Esikhathini esidlule, sasicabanga ukuthi uGogi elinye igama likaSathane uDeveli alithola ngemva kokuxoshwa ezulwini. Nokho, uMfoweth’uJackson wakhuluma ngemibuzo embalwa ephakanyiswa yileyo ncazelo. Ngokwesibonelo, uJehova wabikezela ukuthi lapho uGogi esenqotshiwe, uJehova uzonikela uGogi ukuba ‘abe ngukudla kwezinyoni ezidla inyama nokwezilo zasendle.’ (Hezekeli 39:4) UJehova wabikezela nokuthi “uGogi naso sonke isixuku sakhe” bayonikwa indawo yokungcwatshwa emhlabeni. (Hezekeli 39:11) Kodwa zombili lezi zinto zingenzeka kanjani esidalweni somoya? USathane uzophonswa kwalasha avalelwe iminyaka eyinkulungwane, ngeke adliwe noma angcwatshwe. (IsAmbulo 20:​1, 2) Ngaphezu kwalokho, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uSathane uzokhululwa kwalasha futhi “aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini womane omhlaba, uGogi noMagogi.” (IsAmbulo 20:​7, 8) Ngokusobala, uSathane ngeke akwazi ukudukisa uGogi uma kuwukuthi nguye lowo Gogi.

UMfoweth’uJackson wachaza ukuthi uGogi wakwaMagogi wesiprofetho sikaHezekeli kumelwe ukuba umelela izizwe eziyokwakha umfelandawonye bese zihlasela abantu bakaNkulunkulu esikhathini esizayo. Kubonakala sengathi, ukuhlasela kukaGogi kuyefana nokuhlasela ‘kwenkosi yasenyakatho’ kanye nokuhlasela ‘kwamakhosi omhlaba.’​—Daniyeli 11:40, 44, 45; IsAmbulo 17:12-14; 19:19.

Ingubani ‘inkosi yasenyakatho’? Asazi okwamanje. Noma kunjalo, kuqinisa ukholo ukubona indlela okuqhubeka kuthuthuka ngayo ukuqonda kwethu lezi zigameko zesikhathi esizayo njengoba zisondela ngokushesha. Asikwesabi ukuhlaselwa okuzayo kwabantu bakaNkulunkulu, ngoba siyazi ukuthi lapho uGogi wakwaMagogi ehlasela, uyonqotshwa futhi abhujiswe ngokuphelele​—kuyilapho abantu bakaNkulunkulu beyohlala phakade. b

Isiphetho.

UMfoweth’uSanderson wamemezela ukuthi INguqulo Yezwe Elisha ekwazi ukungena ekhukhwini manje isiyatholakala. Kanti futhi, kusalungiselelwa iBhayibheli elilalelwayo, elizoba namaphimbo abantu abahlukahlukene abafunda amazwi ashiwo abalingiswa baseBhayibhelini. Izingxenye eseziqoshiwe zizofakwa kancane kancane kuyi-jw.org, futhi kuzoqalwa ngencwadi kaMathewu.

UMfoweth’uSanderson wamemezela ukuthi isihloko sethu sonyaka ka-2015 kuzoba iHubo 106:1: “Mbongeni uJehova, ngoba muhle.” Wakhuthaza bonke ukuba bafune izizathu zokumbonga usuku ngalunye.

Ingoma yokuvala lo mhlangano kwaba yingoma yesithathu ezingomeni zethu ezintsha, enesihloko esithi “NguJehova Igama Lakho.” Wonke amalungu eNdikimba Ebusayo ayisikhombisa ahlanganyela neqembu labaculi endaweni yesikhulumi kanye nabo bonke ababekhona ekuculeni le ngoma entsha nemnandi​—isiphetho esifanelekayo somhlangano oyingqopha-mlando isibili!

a Le nkulumo nezinye ezimbili ezalandela zazisekelwe ezihlokweni ezizophuma kuyi-Nqabayokulinda, ka-March 15, 2015.

b Le nkulumo yayisekelwe esihlokweni esizophuma kuyi-Nqabayokulinda, ka-May 15, 2015.