Dlulela kokuphakathi

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngezilimi Zomdabu Zase-Ireland NaseBrithani

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngezilimi Zomdabu Zase-Ireland NaseBrithani

OFakazi BakaJehova benza imizamo ekhethekile yokufinyelela abantu abakhuluma izilimi zomdabu zase-Ireland naseBrithani. a Naphezu kwesingisi, lezi zilimi zihlanganisa isi-Irish, iScottish Gaelic nesiWelsh.

Ngo-September 2012, saqala ukusebenzisa ingosi i-jw.org ehlelwe kabusha ngezilimi eziningi, ezihlanganisa isi-Irish nesiWelsh, kwathi ngo-August 2014 yatholakala nangeScottish Gaelic. Sinyathelisa nezincwadi zeBhayibheli ezihlukahlukene ngalezi zilimi. Abantu bathini ngalokhu?

Umfundisi wesonto wamukela ipheshana elisekelwe eBhayibhelini ngeScottish Gaelic, walifunda ngokuzwakalayo ngokushesha, wakhala. Wayethintwe yini? Wayemangazwe indlela elihunyushwe kahle ngayo futhi wababaza: “Ubani ohumushe leli phepha? Alive lihunyushwe kahle!”

Kungakapheli nenyanga, kwase kungene abantu abangaba ngu-750 engxenyeni yeScottish Gaelic ku-jw.org.

Ofundisa eNational University of Ireland, eGalway, watshela uFakazi ukuthi akazithandi ezenkolo. Nokho, lapho ezwa ukuthi angathola incwajana ethi IBhayibheli​—Uyini Umyalezo Walo? ngesi-Irish, wayicela. Ngokombono wakhe, bonke abantu kufanele bakwazi ukuthola izincwadi zeBhayibheli ngolimi abaluncela, futhi wancoma oFakazi BakaJehova ngomsebenzi abawenzile wokukhiqiza izincwadi zabantu abakhuluma isi-Irish.

Ugogo othile wajabula kakhulu ngemva kokuthola incwajana esekelwe eBhayibhelini ngesiWelsh, wathi: “Uma ngikhuluma iqiniso, ukube unginike eyesiNgisi, cishe bengingeke ngiyithathe, kodwa angive ngijabula ukuyithola ngolimi engaluncela.”

Ngo-August 2014, sandisa izinto zesiWelsh ku-jw.org. Kuyaphawuleka ukuthi ngaleyo nyanga, inani labantu abavakashela ingosi yethu ukuze bafunde izinto zesiWelsh landa ngaphezu kokuphindwe kabili.

“Sikhuluma Ulimi Olufanayo”

Ngemva kokuba uJesu ecacisele ababili babafundi bakhe imiBhalo, bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” (Luka 24:32) Ngokuvamile ukuphila kwabantu kuthinteka ngokujulile lapho becaciselwa amaqiniso eBhayibheli ngolimi lwabo.

Indoda yaseWales okuthiwa ngu-Emyr ishade nomunye woFakazi BakaJehova kodwa ayikaze ihlanganyele naye ekukhulekeleni. Kamuva yaba umngane noFakazi okuthiwa nguRussell. U-Emyr uchaza lokho okwashintsha isimo sakhe sengqondo: “Nganquma ukutadisha iBhayibheli ngokuzimisela lapho uRussell efika kimi nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? b Wanginika yona, wathi, ‘Le ncwadi eyesiWelsh. Kusukela manje sizoyitadisha ndawonye.’” Kungani uEmyr ayithanda indlela kaRussell yokumtshela ngokuqondile? Uyachaza: “Phela sikhuluma ulimi olufanayo, singabandawonye futhi siyatholana.” Inhliziyo kaEmyr ‘yayivutha’ lapho exoxa ngeBhayibheli ngesiWelsh sakubo ngoba wayeziqonda ngokucacile izincazelo.

OFakazi BakaJehova bazoqhubeka besiza abantu ukuba bafunde ngoNkulunkulu ngolimi abaluncela, ulimi oluthinta inhliziyo.

a IBrithani lapha ibhekisela eNgilandi, eScotland naseWales.

b Lena incwadi yokutadisha iBhayibheli ekhiqizwa oFakazi BakaJehova.