Dlulela kokuphakathi

Kusindiswa Umuntu Ofuna Ukuzibulala ESky Tower

Kusindiswa Umuntu Ofuna Ukuzibulala ESky Tower

UGraham Browne, uFakazi KaJehova oneminyaka engu-80, wakholisa umlisa ogula ngengqondo ukuba angaziphonsi phansi esuka kuyiSky Tower e-Auckland, eNew Zealand. UGraham uthi: “Lapho le ndoda icela ukukhuluma nomunye woFakazi BakaJehova, amaphoyisa angibuza ukuthi ngingakwazi yini ukukhuluma nayo.

“Izisebenzi zaseSky Tower zangibopha ngezindophi ukuze ngiphephe zabophela neBhayibheli lami entanjeni ende. Amaphoyisa aphuma nami saya ngaphandle endaweni yokubuka indawo, ephakeme ngamamitha angu-192. Kwakuvunguza umoya oqhaqhazelisayo. Lo mlisa wayehlezi buqamamana nami, endaweni enendledlana encane yokuhamba, elengise izinyawo echosheni lalesi sakhiwo.

“Ngamemeza ngamtshela ukuthi nginguFakazi KaJehova futhi ngifuna ukumsiza. Ngemva kokuthandaza ngenhliziyo, ngavula iBhayibheli ngaqala ukukhuluma naye.

“Ngamtshela ukuthi ukuphila kungcwele, okuyindaba engangisanda kukhuluma ngayo enkulumweni engangiyinikeza eHholo LoMbuso.

““Ngathi: ‘UNkulunkulu uyakuthanda futhi ukunikeze isipho esihle esiwukuphila. Mbonise ukuthi uyasazisa lesi sipho. Ngiyakucela, buya ngapha kwalolo cingo.’

“Ngamfundela amavesi ambalwa eBhayibheli, kuhlanganise noJohane 3:16, othi: ‘Ngoba uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.’

““Ngabe sengithi kuyo: ‘UNkulunkulu uyakuthanda futhi ufuna uphile.’

“Ekuqaleni kwakusengathi akanandaba nami. Ngakho ngathandaza buthule kuJehova ukuba angisize ngimkholise. Ekugcineni, wasukuma, kancane kancane weza ngakimi. Wayekhathazeke kakhulu.

““Wathi: ‘Muva nje oFakazi BakaJehova bebeze emzini wami, ngabaxosha. Kungiphatha kabi kakhulu lokho. Ngicela ningixolele.’

““Ngathi kuye: ‘Ingani nabanye bethu babekwenza lokho ngaphambi kokuba babe oFakazi. Qiniseka ukuthi uJehova uzokuthethelela.’

““Wathi: ‘Ngiyabonga, kuyangijabulisa ukuzwa lokho.’

““Ngaqhubeka: ‘Ngikhathazeke kakhulu ngawe. Mina ngigqoke izindophi zokuphepha, kodwa uma wena ushelela uwela phansi, uzolahlekelwa ukuphila kwakho okuyigugu. Lokho kuzokwenza uJehova adumale. Ngakho ngicela uze ngapha kwalolo cingo.’

“Ngabona ukuthi usengilalele manje. Wathi: ‘Kulungile.’

“Weza lapho sasimi khona, amaphoyisa amthatha ngokushesha amyisa endaweni ephephile. Cishe kwaphela ihora ngikhuluma nalo mlisa.”

OFakazi BakaJehova babakhathalela ngempela abantu, ikakhulukazi labo abacindezelekile. Kuwo wonke umhlaba basebenzisa imiBhalo ukuze banikeze abantu ithemba futhi babaduduze, babaqinisekise ngokuthi ngempela uNkulunkulu uyasikhathalela.