Dlulela kokuphakathi

Intsha Ithola Usizo Lokubhekana Nokuqinelwa Yisiqhwaga Esikoleni

Intsha Ithola Usizo Lokubhekana Nokuqinelwa Yisiqhwaga Esikoleni

Muva nje uHugo oneminyaka eyishumi uthole uMklomelo KaDiana enhlanganweni yaseBrithani esiza umphakathi ngenxa yomsebenzi wakhe wokusiza abafundi esikoleni akuso ukuba babhekane nokuqinelwa yisiqhwaga.

UHugo wathi: “Lo mklomelo ngiwuthole ngenxa ye-video yopopayi ethi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela. Okungenze ngaba inxusa elihle lokulwa nokuqinelwa yisiqhwaga yilokho engikuthole kuleyo video eku-jw.org.”

“Ukuqinelwa yisiqhwaga yinto eyenzeka ezingane emhlabeni wonke nsuku zonke . . . , kodwa . . . kukhona ongakwenza ngakho.” (Amazwi acashunwe kuyi-video yesiNgisi ethi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela)

UHugo waqale wayibukisa othisha bakhe i-video ethi Nqoba Isiqhwaga. Yabahlaba umxhwele, bahlela ukuba bonke abafundi bakwazi ukungena kule ngosi ethi jw.org. Abafundi abaningi ekilasini likaHugo, abaneminyaka engu-8 kuya kwengu-10, sebeyisebenzisa njalo ingosi ethi jw.org. Bathi ayigcinanga ngokubasiza babhekane nezinkinga ezinjengokuqinelwa yisiqhwaga, kodwa futhi ibanikeze nezimpendulo zemibuzo enjengothi, Ngingazenzela kanjani abangane beqiniso?

Izikhuthazo Ziyayisiza Intsha

Kwesinye isikole saseBrithani, u-Elijah oneminyaka engu-8 wayeqinelwa yisiqhwaga. Yena nomndeni wakubo bayibuka ngokucophelela i-video ethi Nqoba Isiqhwaga. Baprakthiza ndawonye izinto angase azisho futhi azenze lapho eqinelwa. Lokhu kwamenza waba nesibindi sokubhekana nale nkinga ngempumelelo. Kamuva, ngesonto lokulwa nokuqinelwa yisiqhwaga, uthishanhloko ka-Elijah wayibukisa sonke isikole le video.

Ukuqinelwa yisiqhwaga akuyona inkinga yaseBrithani kuphela. Kwenzeka emhlabeni wonke futhi le video yopopayi isiza intsha kuyo yonke indawo.

E-United States, u-Ivie oneminyaka engu-10 wayesaba umfundi wasekilasini labo owayemqinela. Ngemva kokubuka i-video ethi Nqoba Isiqhwaga, u-Ivie waba nesibindi sokubhekana nale ntombazane. Waxoxa nanothisha wakhe, owasiza kulesi simo. Lowo mfundi waxolisa futhi manje yena no-Ivie sebeyezwana.

OFakazi BakaJehova bayayikhathalela inhlalakahle yentsha. Sizoqhubeka sinikeza amacebiso asebenzisekayo okuyisiza ekubhekaneni nezinkinga zansuku zonke ezinjengokuqinelwa yisiqhwaga.