Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Umklomelo Ongcono Kunayo Yonke

Umklomelo Ongcono Kunayo Yonke
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1967

  • IZWE AZALELWA KULO EFINLAND

  • UMLANDO UMDLALI WETHENISI OKHOKHELWAYO

UKUPHILA KWAMI

 Ngakhulela endaweni ethule futhi eluhlaza eTampere eFinland. Ekhaya babengenandaba kangako nenkolo, kodwa babeyithanda imfundo futhi babazi ukuthi kubalulekile ukuba nenhlonipho. Umama wami ungumJalimane futhi ngesikhathi ngisemcane ngangivakashela ugogo eWest Germany.

 Kusukela ngisemncane, ngangizithanda ezemidlalo. Ekuqaleni ngangidlala yonke imidlalo kodwa lapho sengineminyaka engu-14, ngagxila ekudlaleni ithenisi. Lapho sengineminyaka engu-16, ngangiphrakthiza kabili noma kathathu ngosuku. Kabili ngangiphrakthiza nothile, bese kuthi ntambama ngiziphrakthizela ngedwa. Ngangiwuthanda kakhulu lo mdlalo, wawungenza ngisebenzise kokubili umzimba nengqondo yami. Ngangikuthanda ukuba nabangane bami siziphuzele ubhiya ngezikhathi ezithile, kodwa ngangingakaze ngingene enkingeni ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa noma utshwala. Ukuphila kwami kwakugxile ekudlaleni ithenisi.

 Lapho ngineminyaka engu-17, ngaqala ukudlala emiqhudelwaneni ye-ATP.  a Ngemva kokuwina imiqhudelwano eminingi, ngaduma ezweni lonke. Ngineminyaka engu-22, ngase ngibalwa phakathi kwabadlali abangu-50 abangompetha emhlabeni wonke.

 Kwaphela iminyaka eminingi ngijikeleza umhlaba ngidlala ithenisi ekhokhelwayo. Ngabona izindawo ezinhle, kodwa ngaqaphela nokuthi kunezinkinga eziningi emhlabeni, ezihlanganisa ubugebengu, izidakamizwa kanye nezinkinga zemvelo. Ngokwesibonelo, lapho sise-United States, satshelwa ukuba singayi ezindaweni ezithile ezikwamanye amadolobha ngoba zazinezinga eliphakeme lobugebengu. Konke lokhu kwangiphatha kabi. Ngisho noma ngangenza into engangiyithanda kodwa ekupheleni kosuku, ngangizizwa nginganelisekile.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Intombi yami uSanna, yaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kwangihlekisa ukubona ukuthi wayethanda inkolo, kodwa angizange ngimvimbe ukuba afunde. Sashada ngo-1990, ngonyaka olandelayo wabhapathizwa waba uFakazi KaJehova. Ngangingenandaba nenkolo nakuba ngangikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu. Ugogo wami ongumJalimane wayelifunda iBhayibheli, waze wangifundisa nokuthandaza.

 Ngelinye ilanga lapho mina noSanna sivakashele omunye umndeni ongoFakazi, ubaba wakhona uKari, wangibonisa isiprofetho esiseBhayibhelini esimayelana ‘nezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngamangala lapho ngibona ukuthi sasichaza isizathu esenza izinto zibe zimbi kangaka emhlabeni. Akukho okunye esakukhuluma ngenkolo ngalolo suku. Kodwa kusukela ngaleso sikhathi, mina noKari sasiba nezingxoxo mayelana neBhayibheli, futhi konke engangikufunda kwakunengqondo. Ngenxa yokuthi ukuphila kwami kwakuhlale kumatasa, kwakuba nzima ukuba nima noKari sihlangane njalo, kodwa akazange aphele amandla. Wayevele angibhalele incwadi ukuze aphendule imibuzo engangiyibuze ngesikhathi sifunda. IBhayibheli layiphendula yonke imibuzo enganginayo ngokuphila, ngaqala ukukuqonda lokho elalikhuluma ngakho, ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza ukuba lokho ayekuhlosile ekuqaleni ngomhlaba kufezeke. Ukufunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova nokubona lokho asenzele khona, kwangithinta kakhulu. (IHubo 83:18) Engakuthanda kakhulu yilungiselelo lesihlengo​—alilona nje kuphela ilungiselelo elingokomthetho lokuba sikhululwe, kodwa libonisa ukuthi uJehova uyasithanda. (Johane 3:16) Ngafunda nokuthi ngangingaba umngane kaNkulunkulu, ngiphile phakade epharadesi elinokuthula. (Jakobe 4:8) Ngaqala ukuzibuza ukuthi, “Ngingabonisa kanjani ukuthi ngiyambonga uNkulunkulu?”

 Ngacabangisisa ngokuphila kwami. EBhayibhelini ngafunda ukuthi injabulo yangempela itholakala ngokupha, ngakho ngafisa ukuxoxela abanye lokho engangikufunda. (IzEnzo 20:35) Ngenxa yokuthi ngangidlala imiqhudelwano ehlukahlukene, ngangivame ukuhamba ekhaya izinsuku ezingaba ngu-200 ngonyaka. Ukuphila komndeni wami kwakuncike kulokho engangikwenza​—ukuphrakthiza kanye nomsebenzi wami. Ngabona ukuthi kwakumelwe ngishintshe.

 Ngangazi ukuthi abaningi babengeke baqonde uma ngiyeka ukudlala ngenxa nje yokuthi ngifuna ukugxila enkolweni yami. Kodwa kwakulula ukunquma, ngoba ithuba lokwazi uJehova nelokuthola ukuphila okuphakade, laliyigugu kakhulu kunanoma yimuphi umklomelo engangingawuthola ngokudlala ithenisi. Ngangizimisele ukungakunaki okwakushiwo abantu, lesi kwakuyisinqumo sami. Ivesi elangisiza iHubo 118:6 elithi: “UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?”

 Ngaleso sikhathi, kunabaxhasi ababefuna ukwenza isivumelwano nami esasizonginika imali enkulu, futhi ngikwazi ukudlala iminyaka eminingi ngaphandle kokukhathazeka. Kodwa ngase nginqumile, nganqaba ukusayina leso sivumelwano futhi ngayeka ukudlala emiqhudelwaneni ye-ATP. Ngaqhubeka ngitadisha iBhayibheli, ngoJulayi 2, 1994, ngabhapathizwa ngaba nguFakazi KaJehova.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ayikho into embi eyangivelela eyangenza ngafuna ukwazi ngoNkulunkulu. Ngangingeyena nomuntu owayezihlupha ngokufuna ukwazi iqiniso. Ngokowami umbono, ukuphila kwami kwakuhamba kahle futhi nganganelisekile. Kodwa ngingalindele, kwaba sengathi iqiniso liziletha kimi, ngafunda ukuthi kunezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Manje ukuphila kwami sekungcono kakhulu kunalokho okwakuyikho! Umndeni wethu unobunye kakhulu kunangaphambili. Kuyangijabulisa ukuthi amadodana ami amathathu alandele ezinyathelweni zami, hhayi ngokuba abadlali abakhokhelwayo kodwa ngokuba amaKristu.

 Ngisakuthanda ukudlala ithenisi. Bengilokhu ngiziphilisa ngokwenza imisebenzi ehlobene nethenisi, njengokuba umqeqeshi nokusebenza njengemenenja esikhungweni sokudlala ithenisi. Kodwa ukuphila kwami akusagxilile emidlalweni. Kudala, ngangiphrakthiza mahora amaningi ukuze ngibe umpetha. Manje umsebenzi wami ukushumayela. Kuyangijabulisa ukusebenzisa isikhathi sami ukuze ngisize abanye bafunde amaqiniso aseBhayibhelini ashintsha ukuphila kwami. Ukugxila ebuhlotsheni bami noJehova uNkulunkulu nasekuxoxeleni abanye ngethemba enginalo ngekusasa, kungenza ngijabule.​—1 Thimothewu 6:19.

a Elithi ATP limelela i-Association of Tennis Professionals. Lena inhlangano elawula imidlalo yethenisi ekhokhelwayo yabantu besilisa. Imidlalo ye-ATP ihlanganisa imiqhudelwano eminingi lapho abadlali bethola amaphuzu futhi inikeza abadlali abaphumelele imiklomelo. Amaphuzu umdlali awatholayo emqhudelwaneni, yiwona anquma ukuthi unekhono elingakanani uma eqhathaniswa nabanye abadlali emhlabeni wonke.