Dlulela kokuphakathi

Bazinikela Ngokuzithandela—EGuyana

Bazinikela Ngokuzithandela—EGuyana

 “Amazwi awanakuyichaza ngokwanele indlela okwangijabulisa ngayo ukukhonza endingekweni!” Yileyo indlela azizwa ngayo uJoshua odabuka eMelika kodwa owakhonza eGuyana isikhathi esithile. Bazizwa njengoJoshua oFakazi abaningi abaye bakhonza kuleli zwe eliseNingizimu yeMelika, elinabantu abaningi abafuna ukufunda ngoJehova. a Iziphi izifundo ezisebenzisekayo esingazifunda kulaboFakazi abathuthela endaweni enesidingo esikhulu sabashumayeli? Lezi zifundo zingakulungiselela kanjani ukuyokhonza kwelinye izwe uma lokho kuyisifiso sakho?

Yini Eyabashukumisa?

ULinel

 Ngaphambi kokuthuthela eGuyana, umzalwane okuthiwa nguLinel wayeshumayela ensimini engasetshenzwa njalo ezweni lakubo eMelika. Uthi, “Iqembu labangu-20 kithi, elalinabesilisa nabesifazane labelwa ukuyosebenza emaphandleni aseNtshonalanga yeVirginia. Ukushumayela nokuba nabafowethu kulawo masonto amabili kwashintsha ukuphila kwami. Kwangenza ngazimisela nakakhulu ukumenzela konke engingamenzela kona Jehova.”

U-Erica noGarth

 UGarth nomkakhe u-Erica baqala ukucabangisisa ngokuyokhonza kwelinye izwe futhi bakhetha iGuyana. Kungani? U-Erica uyachaza “Mina nomyeni wami sasazana nomzalwane nomkakhe ababethuthele lapho. Indlela ababeshiseka ngayo nendlela ababekujabulela ngayo lokho ababekwenza, yasenza nathi sathuthele khona.” U-Erica noGarth bachitha iminyaka emithathu ejabulisayo kulokho abakuchaza ngokuthi “isabelo esiyigugu.” UGarth uthi, “Sanambitha inkonzo kwelinye izwe sayizwa ukuthi yayimnandi.” Yena nomkakhe kamuva baya eSikoleni saseGilead manje bakhonza eBolivia.

Labo abakhonza kwelinye izwe bavame ukujabulela izingxoxo ezimnandi zeBhayibheli

Bazilungiselela Kanjani?

 Uma silandela izimiso zeBhayibheli, siyakwazi ukugcina ukuphila kwethu kulula. (Hebheru 13:5) IBhayibheli lisifundisa ukuba sicabangisise ngalokho esizokwenza lapho senza izinqumo ezinkulu ekuphileni. (Luka 14:26-33) Ngokuqinisekile lokho kuhlanganisa nezinqumo eziphathelene nokuthuthela kwelinye izwe! UGarth uyabhala: “Ngaphambi kokuba silibangise eGuyana, mina no-Erica kwadingeka senze ukuphila kwethu kwaba lula. Lokhu kwakusho ukudayisa ibhizinisi, umuzi wethu nazo zonke zinto esasingasazisebenzisi ezazigcwele endlini yethu. Lokho kwathatha iminyaka embalwa. Ngesikhathi sisalindile, sasigcina siphila engqondweni isifiso sethu sokuyokhonza eGuyana ngokuvakashela khona minyaka yonke.

USinead noPaul

 Okunye okufanele kucatshangelwe ukuthi kuzophilwa ngani. OFakazi abashumayela kwamanye amazwe bayakwazi ukuqashwa kulawomazwe uma imithetho yalelo zwe ibavumela. Abanye baqhubeka nemisebenzi ababevele beyenza emazweni abo ngokuxhuma ngekhompyutha. Abanye bakhetha ukubuyela emazweni abo okwesikhashana ukuze basebenze. Indoda okuthiwa uPaul nomkayo uSinead babuyela e-Ireland kanye ngonyaka ukuyosebenza. Lokhu kwabenza bakwazi ukukhonza eGuyana iminyaka engu-18 emnandi, ehlanganisa nengu-7 eyayilandela ukuzalwa kwendodakazi yabo.

UChristopher noLorissa

 AmaHubo 37:5 athi: “Vumela uJehova aqondise indlela yakho; Thembela kuye, yena uyokusiza.” UChristopher noLorissa baseMelika babethandaza njalo ngomgomo wokuyokhonza kwelinye izwe. Ekukhulekeleni komkhaya, babexoxa ngalokho okwakufanele bakwenze ukuze ukuthuthela kwabo kwelinye izwe kuphumelele, benze nohlu lwezinto ezinhle nezimbi abangabhekana nazo uma bethutha. Njengoba babengathandi ukuya endaweni okwakuzodingeka bafike bafunde ulimi olusha kuyo, bakhetha ukuya eGuyana lapho kwakukhulunywa khona isiNgisi.

 Ngokulandelayo, balandela isimiso esikuyizAga 15:22: “Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana, kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.” Babhalela ihhovisi legatsha eliqondisa umsebenzi wokushumayela eGuyana b balichazela ukuthi bangasiza, bachaza nesizinda sabo. Ngesikhathi esifanayo babuza ngezinto zokwelapha zalelo zwe, isimo sezulu nangamasiko endawo. Igatsha laphendula imibuzo yabo lase libaxhumanisa nendikimba yabadala yasendaweni ababezothuthela kuyo kamuva.

 ULinel, okukhulunye ngaye ekuqaleni, usengumbonisi ojikelezayo eGuyana. Ngaphambi kokuthuthela khona, naye walandela isimiso esikuyizAga 15:22. Uthi “Ngaphandle kokonga imali yokuhamba, ngakhuluma nabanye ababeke bakhonza kwelinye izwe. Ngayixoxa lendaba nomndeni wami, nabadala bebandla nombonisi wesigodi. Ngafunda konke engangingakuthola ezincwadini zethu mayelana nokukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona.

UJoseph noChristina

 Abaningi abafuna ukuyokhonza kwelinye izwe banquma ukulivakashela kuqala lelo zwe. UJoseph nomkakhe uChristina bathi, “Ukuya kwethu eGuyana okokuqala, sahlala izinyanga ezintathu. Leso sikhathi sasiside ngokwanele ukuba sisibonise konke mayelana nalelo zwe. Sabe sesibuyela ekhaya, senza amalungiselelo adingekayo sabe sesithutha.”

Bazivumelanisa Kanjani Nezimo?

Joshua

 Ukuze bakhonze uNkulunkulu ngempumelelo kwelinye izwe oFakazi abakhonza endaweni enesidingo kufanele babe nomoya wokuzidela futhi bakulungele ukuzivumelanisa nezimo namasiko endawo. Ngokwesibonelo, labo abasuka ezindaweni ezibandayo bathuthele kwezifudumele bafike bathole ukuthi ikhaya labo elisha linezinhlobonhlobo zezinambuzane. UJoshua, ocashunwe ekuqaleni uthi “Ngangingazijwayele izinambuzane eziningi kangaka. EzaseGuyana kwakungathi zinkulu kakhulu! Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngazijwayela. Ngathola nokuthi uma ngigcina ikhaya lami lihlanzekile zaziba mbalwa izinambuzane. Lokho kuhlanganisa ukuwasha izitsha ezingcolile, ukukhiphela udoti ngaphandle nokuyihlanza njalo indlu.”

 Ukuzivumelanisa nokuphila kwelinye izwe kusho nokuzijwayelanisa nokudla ongakujwayele nokufunda indlela yokukwenza. UJoshua uyakhumbula “Sinensizwa esihlala nayo sacela abafowethu nodadewethu ukuba basifundise ukupheka ngezithako ezitholakala kuleyo ndawo. Sasithi lapho sesifunde ukupheka uhlobo olusha lokudla bese simema abesilisa nabesifazane abathile ebandleni ukuba bazodla nathi. Lokhu kwaba indlela ejabulisayo yokwazi abafowethu neyokwakha ubungane.”

UPaul noKathleen

 Ngokuphathelene namasiko endawo, uPaul noKathleen bayakhumbula: “Kwadingeka sifunde indlela yokuziphatha eyamukelekayo nendlela yokugqoka efanele ezindaweni ezifudumele, futhi lokho kwakuyinto entsha kithi. Ngakho, kwadingeka sithobeke senze izinguquko ngesikhathi esifanayo sinamathele emithethweni yeBhayibheli. Abazalwane nodade ebandleni kanye nabantu ensimini baphawula ukuthi sasizama ukufunda indlela yabo yokuphila namasiko, lokho kwabenza basondela kithi.”

Kwabazuzisa Kanjani?

 UJoseph noChristina baveza indlela abaningi abazizwa ngayo lapho bethi: “Izibusizo ziningi kakhulu kunezinselele nobunzima. Ukwenza into entsha nengelula kithi kwasifundisa ukubeka izinto eziza kuqala endaweni yazo. Izinto ezazibonakala zibalulekile kithina ekuqaleni, azibange zisabaluleka kangako. Isimo ngasinye esasibhekana naso sasenza sazimisela nakakhulu ukuqhubeka simenzela konke esasinamandla okumenzela kona uJehova. Sazizwa sinokwaneliswa kangempela.”

 U-Erica, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Ukukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona kwenza mina nomyeni wami sakuqonda kangcono lokho okushiwo ukuthembela kuJehova. Usizo lwakhe silubone ngendlela ebesingakaze silubone ngayo ngaphambili. Izimo esingazijwayele ebesibhekana nazo ndawonye zisenze sasondelana nakakhulu emshadweni wethu.”

a Umlando ngomsebenzi wokushumayela eGuyana uyatholakala eNcwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova ka-2005.

b Igatsha laseTrinidad and Tobago yilo eliqondisa umsebenzi lapho.