Dlulela kokuphakathi

Babefaka Unxantathu Ophephuli

Babefaka Unxantathu Ophephuli

 UMaud uhlala eFrance futhi usebenza esikoleni lapho esiza khona izingane ezikhubazekile phakathi nesikhathi sokufunda. Kwelinye ikilasi abafundi babefunda ngokuQothulwa Kwesizwe samaJuda namakamu okuhlushwa amaNazi. Iziboshwa zasekamu kwakufanele zifake ipheshi elalinombala elithungelwe kwiyunifomu ezaziyigqokile. Umbala nendlela ipheshi elalimi ngayo kwakubonisa ukuthi lowo muntu uboshelweni.

 Ekhuluma ngamapheshi aphephuli angonxantathu ayefakwa ezinye iziboshwa, uthisha wathi: “Ngicabanga ukuthi yingoba babeyizitabane.” Ngemva kwekilasi, uMaud wakhuluma nothisha wamchazela ukuthi amaNazi ayesebenzisa unxantathu ophephuli ukuze ahlukanise oFakazi BakaJehova a kwezinye iziboshwa. Wamthembisa ukumlethela amavidiyo nezincwadi ezikhuluma ngale ndaba. Uthisha wasamukela isicelo sakhe wayesecela uMaud ukuba axoxele nabanye abafundi ngalolu lwazi.

 Lapho kukhulunywa ngendaba efanayo kwelinye ikilasi, omunye uthisha wasebenzisa ishadi elinezimpawu ezihlukahlukene ezazifakwa yiziboshwa. Leli shadi lalibonisa kahle ukuthi unxantathu ophephuli wawufakwa oFakazi BakaJehova. Ngemva kwekilasi, uMaud wacela ukuxoxela uthisha okwengeziwe ngale ndaba. Uthisha wavuma, wayesenza izinhlelo zokuba uMaud axoxele nabafundi.

UMaud uphethe izincwadi ezintathu azisebenzisa

 UMaud walungiselela ukuxoxa nekilasi lokuqala imizuzu engu-15, kodwa lapho kufika isikhathi, uthisha wathi: “Unehora lonke.” UMaud waqale wabadlalela ividiyo ekhuluma ngokushushiswa koFakazi BakaJehova beshushiswa amaNazi. Lapho ividiyo ikhuluma ngokuthi amaNazi athatha izingane zoFakazi ezingu-800 kubazali bazo, uMaud wayimisa kancane ividiyo, wayesefunda izindaba ezibhalwe yizingane ezintathu kulezo ezathathwa. Ngemva kokudlala ividiyo, uMaud waphetha ngokufunda incwadi yokuvalelisa eyayibhalwe uFakazi wase-Austria ona-19 ngo-1940, uGerhard Steinacher, eyibhalela abazali bakhe kusasele amahora ambalwa ngaphambi kokuba abulawe amaNazi. b

 UMaud wethula le ndaba ngendlela efanayo nasekilasini lesibili. Ngenxa yesibindi sikaMaud, manje labo thisha ababili bayaqiniseka ukuthi lapho befundisa ngezisulu zasemakamu okuhlushwa amaNazi, bayakhuluma ngoFakazi BakaJehova.

a Phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova eJalimane, ababaziwa nangokuthi ama-Bibelforscher (Abafundi BeBhayibheli), baboshwa ngenxa yokuthi banqaba ukusekela amaNazi.

b UGerhard Steinacher wathola isigwebo sokufa ngenxa yokuthi wayenqaba ukujoyina ibutho lempi laseJalimane. Encwadini yakhe yokuvalelisa, wabhala: “Ngiseyingane. Ngingama kuphela uma iNkosi ingipha amandla futhi yilokho engikucelayo.” Ngakusasa ekuseni uGerhard wabulawa. Umbhalo oqoshwe etsheni lethuna lakhe uthi: “Wafa ngenxa yokuhlonipha uNkulunkulu.”