Eyokuqala KwabaseKorinte 8:1-13

  • Ngokuphathelene nokudla okunikelwe ezithixweni (1-13)

    • Kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa (5, 6)

8  Ngokuphathelene nokudla okunikelwe ezithixweni: + Siyazi ukuthi sonke sinalo ulwazi. + Ulwazi luyakhukhumeza, kodwa uthando luyakha. +  Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi okuthile, akakakwazi ngendlela okufanele akwazi ngayo.  Kodwa uma umuntu emthanda uNkulunkulu, lowo waziwa nguye.  Ngokuphathelene nokudla ukudla okunikelwe ezithixweni, siyazi ukuthi isithixo asilutho + ezweni, nokuthi akukho Nkulunkulu ngaphandle koyedwa. +  Ngoba ngisho noma kukhona labo ababizwa ngokuthi onkulunkulu, kungaba sezulwini noma emhlabeni, + njengoba nje kukhona “onkulunkulu” abaningi “namakhosi” amaningi,  empeleni kithi kukhona uNkulunkulu oyedwa, + uBaba, + okuvela kuye zonke izinto, nathi esingabakhe; + futhi kukhona iNkosi eyodwa, uJesu Kristu, ezikhona ngayo zonke izinto, + nathi esikhona ngayo.  Noma kunjalo, akubona bonke abanalolu lwazi. + Kodwa abanye, ngenxa yokujwayelana kwabo nezithixo ngaphambilini, badla ukudla njengokuthile okuhlatshelwe isithixo, + unembeza wabo, njengoba ubuthakathaka, uyangcola. +  Kodwa ukudla ngeke kusisondeze kuNkulunkulu; + uma singadli, asilahlekelwa lutho, futhi uma sidla, asizuzi lutho. +  Kodwa qhubekani niqaphela ukuthi ilungelo lenu lokukhetha alibi isikhubekiso ngandlela-thile kulabo ababuthakathaka. + 10  Ngoba uma umuntu engakubona wena onolwazi udla ethempelini lesithixo, unembeza walowo obuthakathaka ngeke yini umenze abe nesibindi kuze kube seqophelweni lokuba adle ukudla okunikelwe ezithixweni? 11  Ngakho ngolwazi lwakho, umuntu obuthakathaka uyalimala, umfowenu, uKristu afa ngenxa yakhe. + 12  Lapho nona kubafowenu ngale ndlela futhi nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, + nona kuKristu. 13  Yingakho-ke uma ukudla kwenza umfowethu akhubeke ngingeke ngiphinde ngiyidle inyama, ukuze ngingamkhubi umfowethu. +

Imibhalo yaphansi