Eyokuqala KuThimothewu 2:1-15

  • Ukuthandazela zonke izinhlobo zabantu (1-7)

    • UNkulunkulu oyedwa, umlamuleli oyedwa (5)

    • Isihlengo esihambelanayo sabo bonke (6)

  • Iziqondiso eziya emadodeni nakwabesifazane (8-15)

    • Gqokani ngesizotha (9, 10)

2  Okokuqala, ngikhuthaza ukuba ukunxusa, imithandazo, ukuncenga nokubonga, kwenzelwe zonke izinhlobo zabantu,  kwenzelwe amakhosi nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme, *+ ukuze siqhubeke siphila ngokuzola nangokuthula ngokuzinikela kuNkulunkulu ngokuphelele nokungathathi izinto kalula. +  Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu, +  othanda ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe + futhi zithole ulwazi olunembile lweqiniso.  Ngoba kukhona uNkulunkulu oyedwa, + nomlamuleli oyedwa + phakathi kukaNkulunkulu nabantu, + uKristu Jesu, umuntu +  owazinikela waba yisihlengo sabo bonke *+—lokhu yilokho okuyofakazwa ngakho ngesikhathi sako esifanele.  ­Ngenjongo yalobu bufakazi + ngamiswa ukuba ngibe umshumayeli nomphostoli +—ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga—umfundisi wezizwe + endabeni yokholo neqiniso.  Ngakho, ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisa izandla zawo ezithembekile, + ngaphandle kolaka + nokuphikisana. +  Ngokufanayo, abesifazane kufanele bazihlobise ngezingubo ezifanelekayo,* ezinesizotha nezibonisa ukuhluzeka kwengqondo,* hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma ngamapharele noma ngezingubo ezibiza kakhulu, + 10  kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bazinikele kuNkulunkulu, + okungukuthi, ngemisebenzi emihle. 11  Owesifazane makafunde ethule* ngokuzithoba okuphelele. + 12  Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma ukuba abe negunya phezu kwendoda, kodwa kufanele athule. *+ 13  Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva. + 14  Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane wakhohliswa ngokuphelele + wayeseqa umthetho. 15  Nokho, uyogcinwa ephephile ngokuzala abantwana, + uma kodwa eqhubeka* okholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuhluzeka kwengqondo. *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “nazo zonke iziphathimandla.”
Noma, “sazo zonke izinhlobo zabantu.”
Noma, “ezihloniphekile.”
Noma, “nokwahlulela okuhle.”
Noma, “ezolile.”
Noma, “ahlale ezolile; ahlale ethule.”
NgesiGreki, “beqhubeka.”
Noma, “nokwahlulela okuhle.”