AbaHluleli 13:1-25

  • Ingelosi ivakashela uManowa nomkakhe (1-23)

  • Ukuzalwa kukaSamsoni (24, 25)

13  Ama-Israyeli aphinde enza okubi emehlweni kaJehova, + ngakho uJehova wawanikela esandleni samaFilisti + iminyaka engu-40.  Phakathi naleso sikhathi, kwakunomuntu waseZora + womndeni wakwaDani, + ogama lakhe kwakunguManowa. + Umkakhe wayeyinyumba engenamntwana. +  Ngemva kwesikhathi ingelosi kaJehova yafika kulona wesifazane yathi kuye: “Uyinyumba, awunamntwana. Kodwa uzokhulelwa uzale indodana. +  Manje qaphela ukuba ungaliphuzi iwayini noma utshwala, + ungadli lutho olungcolile. +  Ngoba uzokhulelwa uzale indodana, akufanele nhlobo igunde ekhanda, + ngoba lo mntwana uyoba umNaziri kaNkulunkulu kusukela ezalwa,* nguye oyohola ekusindiseni u-Israyeli esandleni samaFilisti.” +  Lona wesifazane wahamba wayobikela umyeni wakhe wathi: “Kufike umuntu kaNkulunkulu weqiniso kimi, ubebukeka njengengelosi kaNkulunkulu weqiniso, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, kanti naye akangitshelanga igama lakhe. +  Kodwa uthe kimi, ‘Uzokhulelwa, uzale indodana. Manje ungaliphuzi iwayini noma utshwala, ungadli lutho olungcolile, ngoba lowo mntwana uyoba umNaziri kaNkulunkulu kusukela ezalwa* kuze kube sekufeni kwakhe.’ ”  UManowa wancenga uJehova wathi: “Uxolo, Jehova. Ngicela umuntu kaNkulunkulu weqiniso osanda kumthumela aphinde abuye azosifundisa lokho okufanele sikwenze kumntwana ozozalwa.”  Ngakho uNkulunkulu weqiniso wamlalela uManowa, ingelosi kaNkulunkulu weqiniso yaphinde yafika kowesifazane ngesikhathi ehlezi ensimini, uManowa umyeni wakhe engekho. 10  Ngokushesha owesifazane wagijima wayotshela umyeni wakhe wathi: “Bheka! Lowaya muntu owayefike kimi ngaloluya suku ubuyile.” + 11  UManowa wasukuma wahamba nomkakhe. Wafika kulo muntu wathi kuye: “Ingabe nguwe lo muntu owakhuluma nomkami?” Yena wathi: “Nginguye.” 12  UManowa wathi: “Kwangathi amazwi akho angagcwaliseka! Uyophila kanjani lo mntwana, uyokwenza msebenzi muni?” + 13  Ngakho ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Umkakho kufanele akugweme konke engimxwayise ngakho. + 14  Akufanele adle lutho olwenziwe ngamagilebhisi, akufanele aphuze iwayini noma utshwala, + angadli lutho olungcolile. + Makakugcine konke engimyale ngakho.” 15  UManowa wabe esethi engelosini kaJehova: “Sicela uhlale sikulungisele izinyane lembuzi.” + 16  Kodwa ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Uma ngihlala, ngeke ngikudle ukudla kwakho; kodwa uma ufisa ukunikela umnikelo oshiswayo kuJehova, ungawunikela.” UManowa wayengazi ukuthi yingelosi kaJehova. 17  UManowa wathi engelosini kaJehova: “Ungubani igama lakho, + ukuze sikudumise lapho izwi lakho ligcwaliseka?” 18  Nokho, ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, njengoba kuyigama elimangalisayo?” 19  UManowa wathatha imbuzi esencane nomnikelo wokudla okusanhlamvu wakunikela kuJehova phezu kwedwala. Yena* wayenza okuthile okumangalisayo uManowa nomkakhe bebukele. 20  Njengoba ilangabi lenyukela ngasezulwini lisuka e-altare, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini elalisuka e-altare uManowa nomkakhe bebukele. Ngaso leso sikhathi bawa ngobuso phansi emhlabathini. 21  Ingelosi kaJehova ayizange iphinde ibonakale kuManowa nomkakhe. Khona-ke uManowa wabona ukuthi kwakuyingelosi kaJehova. + 22  UManowa wathi kumkakhe: “Nakanjani sizofa, ngoba uNkulunkulu lo esimbonile.” + 23  Kodwa umkakhe wathi kuye: “Ukube uJehova ubefuna ukusibulala, ubengeke awamukele umnikelo oshiswayo + nomnikelo wokudla okusanhlamvu esandleni sethu, ubengeke asibonise zonke lezi zinto, futhi ubengeke asitshele zonke lezi zinto.” 24  Kamuva lona wesifazane wazala indodana wayiqamba ngokuthi uSamsoni; + njengoba umfana ayekhula, uJehova waqhubeka embusisa. 25  Ngemva kwesikhathi umoya kaJehova waqala ukusebenza kuye + eMahane-dani, + phakathi kweZora ne-Eshitawoli. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “kusukela esibelethweni.”
NgesiHebheru, “kusukela esibelethweni.”
Ngokusobala uNkulunkulu.