AmaHubo 107:1-43

  • Bongani uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo

    • Wabaholela endleleni efanele (7)

    • Wanelisa owomile wasuthisa nolambile (9)

    • Wabakhipha ebumnyameni (14)

    • Wathumela izwi lakhe ukuze abaphulukise (20)

    • Uvikela abampofu ekucindezelweni (41)

(AmaHubo 107–150) 107  Bongani uJehova, ngoba muhle; +Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +   Abakhululwe* nguJehova mabasho kanjalo,Labo abakhulule esandleni* sesitha, +   Labo ababuthele ndawonye bevela emazweni, +Empumalanga nasentshonalanga,Enyakatho naseningizimu. +   Bazulazula ehlane, ogwadule;Abayitholanga indlela yokuya edolobheni ababengahlala kulo.   Babelambile futhi bomile;Bephelelwe amandla ngenxa yokukhathala.   Babelokhu bekhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo; +Wabakhulula osizini lwabo. +   Wenza ukuba bahambe endleleni efanele +Ukuze bafike edolobheni ababengahlala kulo. +   Abantu mabambonge uJehova + ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +   Ngoba umanelisile owomileWasuthisa olambile ngezinto ezinhle. + 10  Abanye babehlala ebumnyameni,Iziboshwa zihlupheka, ziboshwe ngezinsimbi. 11  Ngoba babedlubulundile ezwini likaNkulunkulu;Iseluleko soPhezukonke babesidelelile. + 12  Ngakho wathobisa izinhliziyo zabo ngobunzima; +Bakhubeka, kungekho noyedwa ozobasiza. 13  Bacela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;Wabasindisa osizini lwabo. 14  Wabakhipha ebumnyameni,Wagqashula ngisho namaketanga abo. + 15  Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho +Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. 16  Ngoba uyiphulile iminyango yethusiWasika nemigoqo yensimbi. + 17  Babeyiziwula behlupheka +Ngenxa yeziphambeko zabo nezono zabo. + 18  Izinhliziyo zabo zazimnyama bengakufuni ukudla;Basondela emasangweni okufa. 19  Babecela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;Wayebasindisa osizini lwabo. 20  Wayethumela izwi lakhe abaphulukise +Wayebakhulula emigodini ababevaleleke kuyo. 21  Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. 22  Mabanikele imihlatshelo yokubonga +Bamemezele imisebenzi yakhe ngokumemeza kwenjabulo. 23  Labo abahamba olwandle ngemikhumbi,Abahwebelana emanzini amaningi, + 24  Bayibonile imisebenzi kaJehovaNemisebenzi yakhe emangalisayo ekujuleni kolwandle; + 25  Indlela akhipha ngayo izwi abangele ukuba kube nesiphepho, +Aphakamise amagagasi olwandle. 26  Bakhuphukela esibhakabhakeni;Behlele phansi ekujuleni kolwandle. Bayesaba ngenxa yenhlekelele ezayo. 27  Bayadiyazela bakhubeke njengomuntu odakiwe,Wonke amakhono abo awasizi ngalutho. + 28  Khona-ke bakhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo, +Abakhulule osizini lwabo. 29  Uthulisa isivunguvungu;Amagagasi olwandle ayathula. + 30  Bayajabula lapho ethula,Uyabahola abayise ethekwini* abalithandayo. 31  Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqothoNangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. + 32  Mabamdumise ezixukwini ezibuthene, +Mabamdumise lapho kuhlangene* khona amadoda amadala. 33  Uphendula imifula ibe ugwaduleNeziphethu zamanzi zibe umhlabathi owomile, + 34  Izwe elivundile libe yizwe elinosawoti elingatheli, +Ngenxa yobubi balabo abahlala kulo. 35  Uphendula ugwadule lube amachibi amanzi anomhlanga,Nezwe elomile libe yiziphethu zamanzi. + 36  Ubangela abalambile ukuba bahlale kulo, +Ukuze bakhe idolobha abazohlala kulo. + 37  Balima amasimu batshale nezihlahla zamagilebhisi +Ezithela inala yezithelo. + 38  Uyababusisa bande kakhulu;Akavumi ukuba izinkomo zabo zinciphe. + 39  Kodwa bayaphinda babe mbalwa bahlazekeNgenxa yokucindezelwa, inhlekelele nosizi. 40  Uthobisa izicukuthwaneAzenze zizulazule ehlane elingenazindlela. + 41  Kodwa uyabavikela* abampofu ekucindezelweni +Andise imindeni yabo ibe mningi njengomhlambi. 42  Abaqotho bayakubona lokhu bajabule; +Kodwa bonke abangalungile bavala imilomo yabo. + 43  Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto +Uyocabangisisa ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Abahlengwe.”
Noma, “emandleni.”
Noma, “esikhumulweni semikhumbi.”
NgesiHebheru, “kuhlala.”
Noma, “uyabaphakamisa,” okuwukuthi, bangafinyeleleki.