Ku-Filemoni 1:1-25

  • Ukubingelela (1-3)

  • Uthando nokholo lukaFilemoni (4-7)

  • UPawulu uncengela u-⁠Onesimu (8-22)

  • Imikhonzo (23-25)

 UPawulu, isiboshwa + ngenxa kaKristu Jesu, noThimothewu + umfowethu, kuFilemoni isisebenzi esithandekayo esikanye naso,  naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu + isosha esikanye nalo, nasebandleni elisendlini yakho: +  Kwangathi ungathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.  Ngihlale ngimbonga uNkulunkulu wami uma ngikhuluma ngawe emithandazweni yami, +  njengoba ngiqhubeka ngizwa ngokholo nothando onalo ngeNkosi uJesu nangabo bonke abangcwele.  Ngithandazela ukuba ukuhlanganyela kwakho okholweni kukwenze uvume zonke izinto ezinhle esinazo ngoKristu.  Ngoba ngathola injabulo nenduduzo enkulu ngokuzwa ngothando lwakho, ngenxa yokuthi izinhliziyo* zabangcwele ziye zavuseleleka ngawe, mzalwane.  Ngenxa yalesi sizathu, nakuba nginenkululeko enkulu ngoKristu yokukuyala ukuba wenze okufanele,  nokho ngincamela ukukunxusa ngesisekelo sothando, njengoba nginguPawulu indoda esikhulile, yebo, manje futhi eyisiboshwa ngenxa kaKristu Jesu. 10  Ngikunxusa ngokuphathelene nomntanami engaba uyise + kuye lapho ngisejele,* u-Onesimu. + 11  Wayengelona usizo kuwe kodwa manje usewusizo kimi nakuwe. 12  Ngimbuyisela kuwe, yebo yena, inhliziyo yami uqobo.* 13  Ngingathanda ukumgcina ngapha ukuze angikhonze esikhundleni sakho njengoba ngiboshiwe ngenxa yezindaba ezinhle. + 14  Kodwa angifuni ukwenza lutho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze isenzo sakho esihle singenziwa ngempoqo kodwa ngokuzithandela kwakho. + 15  Mhlawumbe ngempela kungalesi sizathu eqa okwesikhashana,* ukuze uphinde ube naye phakade, 16  engasesona isigqila + kodwa esengaphezu kwesigqila, esengumfowethu othandekayo, + ikakhulukazi kimi, kodwa kakhulu kangakanani-ke kuwe, enyameni naseNkosini. 17  Ngakho, uma ungibheka njengomngane,* mamukele ngomusa ngendlela obuyongamukela ngayo. 18  Ngaphezu kwalokho, uma ekonile nganoma iyiphi indlela noma ekukweleta noma yini, kwenze kube yisikweletu sami. 19  Mina Pawulu ngibhala ngesandla sami siqu: ngizokukhokhela—ngingasayiphathi eyokuthi ungikweleta ngisho noqobo lwakho. 20  Yebo, mfowethu, kwangathi ngingathola lolu sizo kuwe ngokuqondene neNkosi; vuselela inhliziyo yami* ngoKristu. 21  Ngikubhalela lokhu ngiqiniseka ukuthi uzolalela, ngiyazi ukuthi uzokwenza ngisho nangaphezu kwalokhu engikushoyo. 22  Kodwa kanye nalokho, ngilungisele nendawo yokuhlala, ngoba ngithemba ukuthi ngemithandazo yenu ngizobuyiselwa kini. *+ 23  Abakhonzayo kuwe ngu-Ephafra, + isiboshwa esikanye nami kuKristu Jesu, 24  kanye noMarku, u-Aristarku, + uDema + noLuka, + izisebenzi engikanye nazo. 25  Umusa omkhulu* weNkosi uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “uthando lomzwelo.”
NgesiGreki, “ngiboshiwe.”
Noma, “uthando lwami lomzwelo.”
NgesiGreki, “ihora.”
NgesiGreki, “njengohlanganyela kanye nawe.”
Noma, “uthando lwami lomzwelo.”
Noma, “ngizokhululelwa nina.”
Noma, “Umusa ongafanelwe.”