Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-INDONESIA

“UJehova Wasibusisa Ngokungaphezu Kwesasikulindele!”

U-Angeragō Hia

“UJehova Wasibusisa Ngokungaphezu Kwesasikulindele!”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1957

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1997

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wabuyela emaphandleni akubo aqhelile eNias Island, wafike wamisa ibandla.

NGO-2013, ibandla lakithi elincane eTugala Oyo lezwa izindaba ezithokozisayo—sasizoba neHholo LoMbuso elisha! Iziphathimandla zendawo zawugunyaza lowo msebenzi, futhi omakhelwane bethu abangu-60 basayina amaphepha ayekuvumela lokho. Omunye umakhelwane wathi, “Uma nifuna abantu abangu-200 abazosayina, nizobathola.”

Kwafika amavolontiya amabili anokuhlangenwe nakho ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso ezoqondisa ukwakhiwa kwaleli hholo elisha, elaphothulwa ngo-November 2014. Sasingakaze sikuphuphe nokukuphupha ukuthi ibandla lakithi liyoke libe nendawo enhle kanje yokukhulekela. Ngempela, uJehova wasibusisa ngokungaphezu kwesasikulindele!