Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ithemba Eliqinisekile Ngabafileyo

Ithemba Eliqinisekile Ngabafileyo

INTOKAZI eneminyaka engu-25 yabhala: “Usingamama wami washona ngo-1981 ebulawa umdlavuza. Ukufa kwakhe kwaba buhlungu kakhulu kimi nakumfowethu wokutholwa. Ngangineminyaka engu-17, umfowethu enengu-11. Ngangimkhumbula kakhulu. Njengoba ngangifundiswe ukuthi usezulwini, ngafuna ukuzibulala ukuze ngibe naye. Wayengumngane wami omkhulu.”

Kubonakala kungokungafanele ngempela ukuba ukufa kube namandla okuthatha othile omthandayo. Futhi lapho kwenzeka, umcabango wokuthi ngeke uphinde ukwazi ukukhuluma nokuhleka naye, noma ukumbamba othandekayo kungaba nzima kakhulu ukubhekana nawo. Lobo buhlungu abuqedwa nje ukutshelwa ukuthi othandekayo wakho uphezulu ezulwini.

Nokho, iBhayibheli linikeza ithemba elihluke kakhulu. Njengoba sesibonile ngaphambili, imiBhalo ibonisa ukuthi kungenzeka ukuba esikhathini esingekude esizayo uphinde ube nothandekayo wakho owafa, hhayi ezulwini elingaziwa kodwa khona lapha emhlabeni ngaphansi kwezimo zokuthula nokulunga. Futhi ngaleso sikhathi, abantu bayobe benethemba lokujabulela impilo ephelele, futhi ngeke baphinde bafe. Abanye bangathi, ‘Kodwa iphupho nje lelo!’

Kungadingekani ukuze wenziwe ukholwe ukuthi leli themba liqinisekile? Ukuze ukholelwe esithembisweni esithile, kungadinga uqiniseke ukuthi lowo osenzayo uzimisele futhi unamandla okusigcwalisa. Ubani-ke othembisa ukuthi abafileyo bayophinde baphile?

Entwasahlobo ka-31 C.E., uJesu Kristu wathembisa ngesibindi: “Njengoba nje uYise evusa abafileyo futhi ebaphilisa, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo efuna ukubaphilisa. Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo [likaJesu] futhi baphume.” (Johane 5:21, 28, 29) Yebo, uJesu Kristu wathembisa ukuthi izigidi ezifile manje ziyophinde ziphile kulo mhlaba futhi zibe nethemba lokuhlala kuwo phakade ngaphansi kwezimo zokuthula nezepharadesi. (Luka 23:43; Johane 3:16; 17:3; qhathanisa neHubo 37:29 noMathewu 5:5.) Njengoba kunguJesu owenza lesi sithembiso, kungcono ukuphetha ngokuthi uzimisele ukusigcwalisa. Kodwa uyakwazi yini ukwenza kanjalo?

Kungakapheli neminyaka emibili enze leso sithembiso, uJesu wabonisa ngendlela enamandla ukuthi uzimisele futhi uyakwazi ukuvusa abafileyo.

“Lazaru, Phuma”

Kwakuyisenzakalo esithinta inhliziyo. ULazaru wayebangwa nezibi. Odadewabo ababili, uMariya noMarta, bathumela umyalezo kuJesu, owayengaphesheya koMfula iJordani: “Nkosi, bheka, lowo omthandayo uyagula.” (Johane 11:3) Babazi ukuthi uJesu wayemthanda uLazaru. UJesu wayengeke yini athande ukubona umngane wakhe ogulayo? Kwenzeka inqaba, esikhundleni sokulibhekisa eBethaniya ngokushesha, uJesu wahlala lapho ayekhona izinsuku ezimbili ezalandela.—Johane 11:5, 6.

ULazaru wafa ngemva kwesikhathi esithile kuthunyelwe isigijimi sokugula kwakhe. UJesu wazi lapho uLazaru efa, futhi wazimisela ukwenza okuthile ngakho. Ngesikhathi uJesu eqambe efika eBethaniya, umngane wakhe othandekayo wayesenezinsuku ezine efile. (Johane 11:17, 39) Ingabe uJesu wayeyokwazi ukuvusa umuntu owayesefe isikhathi eside kangako?

Lapho uMarta, owesifazane okhuthele, ezwa ukuthi uJesu uyeza, wagijima wayomhlangabeza. (Qhathanisa noLuka 10:38-42.) UJesu ethintwe ukudabuka kwakhe, wamqinisekisa: “Umfowenu uzovuka.” Lapho ebonisa ukholo lwakhe ovukweni lwesikhathi esizayo, uJesu wamtshela ngokucacile: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.”—Johane 11:20-25.

Lapho uJesu efika ethuneni, wayala ukuba kususwe itshe elalivale umnyango walo. Kwathi esethandaze ngokuzwakalayo, wathi: “Lazaru, phuma!”—Johane 11:38-43.

Wonke amehlo ayethe njó ethuneni. Kwabe sekuthushuka umuntu ebumnyameni. Izandla nezinyawo zakhe zazisongwe ngezindwangu, nobuso bakhe busongwe ngeduku. UJesu wathi: “Mthukululeni nimyeke ahambe.” Izinto ezazimsongile zawela phansi. Yebo, kwakunguLazaru, indoda eyayisinezinsuku ezine ifile!—Johane 11:44.

Kwenzeka Ngempela?

Ukulandisa kokuvuswa kukaLazaru kulotshwe eVangelini likaJohane njengokuyiqiniso elingokomlando. Imininingwane yako icace kakhulu ukuba kungaba umfanekiso nje. Ukungabaza ukuba kwako ngokomlando kuwukungabaza zonke izimangaliso eziseBhayibhelini, kuhlanganise novuko lukaJesu Kristu uqobo. Futhi-ke ukuphika ukuthi uJesu wavuswa kuwukuphika ukholo lobuKristu lulonke.—1 Korinte 15:13-15.

Eqinisweni, uma uvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona, akufanele ube nenkinga yokukholelwa ovukweni. Nasi isibonelo: Umuntu angase asebenzise i-video aqophe amazwi akhe okugcina ngokuqondene nefa lakhe, bese kuthi uma esefile, izihlobo zakhe nabangane zikwazi ukumbona futhi zimuzwe sengathi kungokoqobo lapho echaza ukuthi impahla yakhe ufuna iphathwe kanjani. Eminyakeni eyikhulu edlule, into enjalo yayingacatshangwa kwakucatshangwa. Futhi kwabanye abantu manje abahlala ezindaweni zomhlaba eziqhelelene nempucuko, ubuchwepheshe bokuqopha nge-video abuqondakali kangangokuthi bufana nesimangaliso. Uma izimiso zesayensi ezamiswa uMdali zingase zisetshenziswe abantu ukuba baphinde benze umuntu abuye abonakale futhi akhulume, akufanele yini uMdali akwazi ukwenza okungaphezu kwalokho? Akukhona-ke yini okunengqondo ukuthi Lowo owadala ukuphila unekhono lokukudala kabusha futhi?

Isimangaliso sokubuyiselwa kukaLazaru ekuphileni sakhulisa ukholo lwabantu kuJesu nasovukweni. (Johane 11:41, 42; 12:9-11, 17-19) Ngendlela ethinta inhliziyo, kwembula nokuzimisela nesifiso sikaJehova neNdodana yakhe sokuvusa abafile.

‘UNkulunkulu Uyakulangazelela’

Indlela uJesu asabela ngayo ekufeni kukaLazaru yembula isihe seNdodana kaNkulunkulu. Imizwa yakhe ejulile kulesi senzakalo isiveza ngokucacile isifiso sakhe esinamandla sokuvusa abafile. Sifunda ukuthi: “Lapho uMariya efika lapho uJesu ayekhona futhi embona‚ wawa ngasezinyaweni zakhe‚ ethi kuye: ‘Nkosi‚ ukube ubulapha umfowethu ngabe akafanga.’ Ngakho-ke, uJesu lapho embona ekhala namaJuda ayeze naye ekhala‚ wabubula emoyeni futhi wakhathazeka; futhi wathi: ‘Nimbekephi?’ Bathi kuye: ‘Nkosi‚ woza uzobona.’ UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho-ke amaJuda aqala ukuthi: ‘Bhekani‚ ukuthi ubesondelene kangakanani naye ngokomzwelo!’”—Johane 11:32-36.

Isihawu sikaJesu esisuka enhliziyweni lapha siboniswa amagama amathathu: “wabubula,” “wakhathazeka,” “wakhala izinyembezi.” Amagama olimi lokuqala asetshenziswa ekulobeni lesi senzakalo esithinta inhliziyo abonisa ukuthi uJesu wayethinteke ngokujulile ngokufa komngane wakhe othandekayo uLazaru nokubona udadewabo kaLazaru ekhala kangangokuthi amehlo aKhe agcwala izinyembezi. *

Okuphawuleka kakhulu ukuthi uJesu wayebuyisele abantu ababili ekuphileni. Futhi wayezimisele ngokugcwele ukwenza okufanayo kuLazaru. (Johane 11:11, 23, 25) Nakuba kunjalo, “wakhala izinyembezi.” Ngakho, ukubuyisela abantu ekuphileni akuyona nje inqubo evamile ngoJesu. Isihe sakhe nemizwa yakhe ejulile njengoba ibonakaliswa kulesi senzakalo isibonisa ngokucacile isifiso sakhe esijulile sokuqeda umonakalo obangelwe ukufa.

Isihe sikaJesu lapho evusa uLazaru sabonisa isifiso sakhe esinamandla sokuqeda umonakalo obangelwe ukufa

Njengoba uJesu ‘ewumfanekiso kaJehova uNkulunkulu uqobo,’ kufanelekile ukuba silindele okufanayo kuBaba wethu wasezulwini. (Heberu 1:3) Ngokuqondene nokuzimisela kukaJehova ukuvusa abafile, indoda ethembekile uJobe yathi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? . . . Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho.” (Omalukeke abethu.) (Jobe 14:14, 15) Lapha igama lolimi lokuqala elihunyushwa ngokuthi “ubuyakulangazelela” libonisa ukulangazelela kukaNkulunkulu okuqotho nesifiso sakhe. (Genesise 31:30; IHubo 84:2) Ngokusobala, kumelwe ukuthi uJehova ukulangazelela ngobuqotho ukuvusa abafile.

Ingabe singasikholelwa ngempela isithembiso sovuko? Yebo, akungabazeki ukuthi uJehova neNdodana yakhe bazimisele futhi banawo amandla okusifeza. Lokhu kusho ukuthini ngawe? Kusho ukuthi unethemba lokuphinde uhlanganiswe nabathandekayo abafile khona lapha emhlabeni kodwa ngaphansi kwezimo ezihluke kakhulu!

UJehova uNkulunkulu, owasungula ukuphila kwesintu ngokusibeka ensimini enhle, uthembise ukubuyisela iPharadesi kulo mhlaba ngaphansi kokubusa koMbuso waKhe wasezulwini osezandleni zikaJesu Kristu osekhazinyulisiwe. (Genesise 2:7-9; Mathewu 6:10; Luka 23:42, 43) Kulelo Pharadesi elibuyiselwe, umkhaya wesintu uyobheka phambili ekujabuleleni ukuphila okungenasiphelo, ukhululekile kukho konke ukugula nezifo. (IsAmbulo 21:1-4; qhathanisa noJobe 33:25; Isaya 35:5-7.) Inzondo, ukucwasana kwezinhlanga, ubudlova phakathi kwezizwe, nokungasimami kwezomnotho kuyobe kungasekho. UJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu, uyovusela abafile emhlabeni ohlanzeke kanjalo.

Uvuko olusekelwe emhlatshelweni wesihlengo sikaKristu Jesu, luyolethela izizwe zonke intokozo

Yilelo manje ithemba lowesifazane ongumKristu okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwale ngxenye. Ngemva kweminyaka eminingi unina efile, oFakazi BakaJehova bamsiza ukuba alitadishe ngokucophelela iBhayibheli. Uyakhumbula: “Ngemva kokufunda ngethemba lovuko, ngakhala. Kwakukuhle ukwazi ukuthi ngizophinde ngimbone umama.”

Uma inhliziyo yakho ikulangazelela ngokufanayo ukuphinde ibone othandekayo, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ufunde ukuthi ungalenza kanjani leli themba eliqinisekile libe ngelakho. Kungani ungathintani nabo eHholo LoMbuso eliseduze nawe, noma ubhalele ekhelini eliseduze kwasekhasini 32.

^ isig. 20 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “wabubula” livela esenzweni esithi (em·bri·maʹo·mai) esibonisa ukuthinteka kabuhlungu noma ngokujulile. Esinye isazi seBhayibheli siyaphawula: “Lapha lingasho kuphela ukuthi uJesu wafikelwa umuzwa ojulile kangangokuthi enhliziyweni yaKhe kwaphuma ukububula okuzenzakalelayo.” Inkulumo ehunyushwe ngokuthi “wakhathazeka” ivela egameni lesiGreki elithi (ta·rasʹso) elisho ukuphazamiseka. Ngokomlobi wesichazamazwi, lisho “ukubangela umuntu ukukhungatheka kwangaphakathi, . . . ukubangela ubuhlungu noma usizi olukhulu.” Inkulumo ethi “wakhala izinyembezi” ivela esenzweni sesiGreki esithi (da·kryʹo) esisho “ukukhipha izinyembezi, ukukhala buthule.”