Yiba Umngane KaJehova (izingoma eziqanjiwe)

Thanda Zonke Izinhlobo Zabantu

Kungani kubalulekile ukuba sithande abantu bazo zonke izinhlanga?

Hlonipha Asebekhulile

Ungabonisa kanjani ukuthi uyabahlonipha asebekhulile abanolwazi abaluthole ngokukhonza uJehova iminyaka eminingi?

Zibambe Ngekhanda Izincwadi ZeBhayibheli (Ingxenye 1)

Funda indlela izincwadi zemiBhalo YesiHebheru ezilandelana ngayo kusukela kuGenesise kuya ku-Isaya.

Zibambe Ngekhanda Izincwadi ZeBhayibheli (Ingxenye  2)

Funda indlela izincwadi zemiBhalo YesiHebheru ezilandelana ngayo kusukela kuJeremiya kuya kuMalaki.

Bonga

Singababonisa kanjani ukuthi siyabonga labo abasenzela izinto?

Zibambe Ngekhanda Izincwadi ZeBhayibheli (Ingxenye 3)

Funda ukuthi zilandelana kanjani izincwadi zemiBhalo YamaKristu YesiGreki kusukela kuMathewu kuya kusAmbulo.

Isikhathi Sokuphila KukaJesu

Yini ayenza lapho esemhlabeni futhi yini azoyenza maduze nje?

Zibone Usunezinceku ZikaJehova

Funda iBhayibheli, uzibone usunezinceku zikaJehova.

Thandazela Abanye

Kungani kufanele ubathandazele abanye?

Ngithanda ukusiza

Yimiphi imigomo ozibekele yona enkonzweni kaJehova?

Ngenziwe Ngokumangalisayo

Uyabona, uzwe, uhleke, udlale ngoba wenziwa ngokumangalisayo.

UJehova Umngane Wami

Yenza uNkulunkulu abe umngane wakho omkhulu!

Siyakuthanda Ukukhonza Komndeni

Ukukhonza Komndeni kuzokusiza usondele kuJehova.

Thina Siwumndeni

Cula ngendlela owuthanda ngayo umndeni wakho.

Ngiyabonga Ngawe Mngane

Bathande abantu ophila nabo, ube abangane babo phakade!

Thembeka

Ungalivikela kanjani iqiniso?

Khuthazela NjengoNowa

Ungakwazi ukukhuthazela njengoNowa ngosizo lukaJehova.

U-Esteri Waba Nesibindi

U-Esteri wavikela iqiniso​—nawe ungakwazi ukulivikela!

Masibe Nothando

Masilingise uJehova noJesu ngokubonisa uthando ngaso sonke isikhathi.

Abaphostoli Abangu-12—Uyabazi?

Masizame ukukhumbula abaphostoli abangu-12 bakaJesu. Uyawazi amagama abo bonke?

UMariya Wathobeka Walalela

UJehova wayisebenzisa kanjani incekukazi yakhe ethembekile uMary? Lalela le ngoma emnandi, ufunde ukulingisa ubuntu obuhle bukaMariya.