Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 151

Uyobiza

Uyobiza

(Jobe 14:13-15)

  1. 1. Ukuphila kunjengamazolo,

    Kusheshe k’shabalale.

    Esiyikho kusheshe kuphele,

    Kusal’ izinyembezi.

    Umunt’ angabuye aphile na?

    UNkulunkulu uthi:

    (CHORUS)

    Uyobiz’ abafileyo.

    Bayovuka baphile.

    Uyolangazelela

    Imisebenzi yakhe.

    Ngakho qina okholweni,

    Wethembe uJehova.

    Siyophila phakade,

    Ngoba sadalwa nguye.

  2. 2. Noma bangaf’ abakhonza yena,

    Akasoz’ abakhohlwa.

    Bonk’ abasenkumbulweni yakhe,

    Bayovusw’ ekufeni.

    Siyobona ubuhle bok’phila,

    EPharades’ phakade.

    (CHORUS)

    Uyobiz’ abafileyo.

    Bayovuka baphile.

    Uyolangazelela

    Imisebenzi yakhe.

    Ngakho qina okholweni,

    Wethembe uJehova.

    Siyophila phakade,

    Ngoba sadalwa nguye.