Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 59

Dumisani UJah Kanye Nami

Dumisani UJah Kanye Nami

(IHubo 146:2)

  1. 1. Bongan’ uJah,

    Kanye nami.

    Usinika uk’phila nezipho.

    Masimkhonze

    Nsuku zonke.

    Usibonisa uthando njalo.

    Masidumise igama lakhe.

  2. 2. Bongan’ uJah,

    Uyasondla,

    Aphendul’ imikhuleko yethu.

    Uqinisa

    Abab’thaka;

    Alonde bonke abathobile.

    Mas’memezele ngamandla akhe.

  3. 3. Bongan’ uJah,

    Ulungile;

    Masimethembe uyas’duduza.

    Uyobopha

    Amanxeba,

    Uyobusisa bonke abantu.

    Masimdumiseni ngenjabulo!