Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufeza Indima Yakho Njengomzali

Ukufeza Indima Yakho Njengomzali

Uyawukhumbula umzuzu owaqala ngawo ukugona umntanakho owayesanda kuzalwa?

Ngokushesha nje kungenzeka wazizwa ukhungathekile, uqaphela ukuthi isidingo sokuqondisa umntanakho sasizoqhubeka iminyaka eminingi. Waqaphela ngokushesha ukuthi umthwalo osemahlombe akho unzima kangakanani.

NAKUBA indima yokuba umzali ibilokhu iyinselele, leyo nselele isinkulu nakakhulu namuhla. Kungani? Kungenxa yokuthi izwe seliyinkimbinkimbi kunalokho elaliyikho lapho wena useyingane. Ezinye zezinselele zokuziphatha izingane ezibhekana nazo—ngokwesibonelo, lapho zisebenzisa i-Internet—zazingaphushwa nakuphushwa emashumini ambalwa eminyaka edlule.

Ungamsiza kanjani umntanakho ukuba abhekane nezingibe zokuziphatha zaleli zwe lanamuhla? Ngezansi kunokusikisela okuthathu.

1 Zisho ngokucacile izindinganiso zakho.

Njengoba izingane zikhula, zifuhlelwa ngenqwaba yokwaziswa okungafanele ngokuziphatha—okunye kwakho zikuthola kontanga futhi okuningi zikuthola kwabezindaba. Amathonya amabi kanjalo abonakala kakhulu lapho izingane zingena enkathini yokuthomba. Nokho, ucwaningo lubonisa ukuthi lapho yenza izinqumo ezinkulu ekuphileni, intsha eningi ibheka imibono yontanga njengengcono kuneyabazali bayo.

Lokho ongakwenza. Abazali bakwa-Israyeli wasendulo bakhuthazwa ukuba bakhulume njalo nezingane zabo ukuze bazifundise izindinganiso eziqondile. (Duteronomi 6:6, 7) Yenza okufanayo nangengane yakho. Ngokwesibonelo, uma uphila ngezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, yitshele ingane ukuthi kungani unomuzwa wokuthi ukunamathela kulezo zindinganiso kuholela endleleni engcono kakhulu yokuphila.

 2 Siza umntanakho ukuba ayaqonde imiphumela.

IBhayibheli lithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Isimiso sokuthi isenzo siba nomphumela singabonakala cishe kuzo zonke izici zokuphila. Zicabange ngenkathi useyingane. Akungabazeki ukuthi izifundo eziningi ongazilibali yilezo owazithola lapho usubhekana nemiphumela yezenzo zakho.

Lokho ongakwenza. Usebenzisa izibonelo ezingokoqobo, chazela umntanakho indlela labo abakhetha inkambo engalungile abahlupheka ngayo noma indlela abazuza ngayo labo abenza okulungile. (Luka 17:31, 32; Hebheru 13:7) Okunye, ungamvikeli umntanakho emiphumeleni yamaphutha akhe. Ngokwesibonelo, ake sithi ngenxa yokuba budedengu indodana yakho iphula ithoyizi lomunye umfana. Ungase utshele indodana yakho ukuthi inikeze lowo mfana elinye lamathoyizi ayo. Umntanakho ngeke asikhohlwe ngokushesha lesi sifundo sokuziphatha kahle izinto zabanye.

3 Yakha izici ezinhle.

Isaga seBhayibheli sithi: “Abantwana babonisa lokho abayikho ngalokho abakwenzayo; ungabona uma kuwukuthi bathembekile futhi bakahle.” (IzAga 20:11, Good News Translation) Njengoba izingane zikhula, ziba nendlela yokuziphatha ebonisa ukuthi ziluhlobo luni. Kuyadabukisa ukuthi ezinye zaziwa ngezici zazo ezimbi. (IHubo 58:3) Kodwa ezinye zizakhela idumela elihle, elincomekayo. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhalela ibandla ngokuphathelene nensizwa egama layo linguThimothewu: “Anginaye omunye onesimo esinjengesakhe oyozinakekela ngobuqotho izinto eziphathelene nani.”—Filipi 2:20.

Lokho ongakwenza. Ngaphezu nje ngokugcizelela imiphumela, njengoba kuphawuliwe ngaphambili, siza umntanakho ukuba acabange ngezici zobuntu bakhe angathanda ukwaziwa ngazo. Lapho ibhekene nenselele, intsha ingafunda ukwenza izinqumo ezinhle ngokuzibuza le mibuzo elandelayo:

  • Ngifuna ukuba luhlobo luni lomuntu?—Kolose 3:10.
  • Yini umuntu onjalo angayenza kulesi simo?—IzAga 10:1.

IBhayibheli linezibonelo eziningi zokuphila kwangempela kwamadoda nabesifazane abazenzo zabo zachazwa ngokuthi zinhle noma zimbi. (1 Korinte 10:11; Jakobe 5:10, 11) Sebenzisa lezi zibonelo ukuze usize indodana noma indodakazi yakho ukuba ibe nezimfanelo ezinhle.

Izincwadi zoFakazi BakaJehova zingakusiza ubone indlela ongasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli emkhayeni wakho nendlela ongasiza ngayo izingane zakho ukuba zenze okufanayo.