Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUBUKA OKWEZWE

Ukubuka Okwezwe

E-United States

Phakathi nesonto lika-October 29, 2012, eNew York City kwaba nokwehla okuphawulekayo ezehlakalweni zokubulala, ubugebengu obuhambisana nobudlova kanye nokubamba inkunzi uma kuqhathaniswa nokwenzeka ngesikhathi esifanayo esiyizinsuku ezinhlanu ngo-2011. Kwabangelwa yini? I-Hurricane Sandy, okuyisiphepho esinamandla esacekela phansi ugu olusempumalanga ye-United States, sabangela ukunqamuka kukagesi. UPaul Browne, okhulumela uMnyango Wezamaphoyisa eNew York, wathi: “Ngemva kwenhlekelele yemvelo noma kwesehlakalo esibi kakhulu [njengokuhlasela kwamaphekula okwenzeka ngo-September 11, 2001], ubugebengu obuvamile buyancipha.” Nokho, kuye kwanda ukugqekeza njengoba abantu bephanga izinto, okungazange kummangaze uBrowne. Uthi, “Kunezindawo eziningi ezingenagesi.”

E-Antarctica

Ososayeni bakhathazeke ngokuthi imvelo yase-Antarctica isongelwa ukwanda kwezitshalo ezivela kwamanye amazwe. Kulinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye amashumi ezinkulungwane zezivakashi afika kuleli zwekazi nesilinganiso sembewu engu-9,5 umuntu emunye, ngokuvamile inamathele emabhuzwini noma ezikhwameni. Ziningi izitshalo zakwamanye amazwe eziye zatholakala eNhlonhlweni yeNtshonalanga Antarctic.

ENetherlands

Ugogo oneminyaka engu-83 waba ngowokuqala ukufakelwa umhlathi wensimbi owenziwe ngomshini okuthiwa i-3-D laser printer. Lo gogo, umhlathi wakhe owawudliwe igciwane elihlasela amathambo, useyakwazi ukudla, ukuphefumula nokukhuluma kahle. Lo mshini wahlanganisa izingxenye zensimbi engagqwali ngokuzelekanisa ukuze kwakhiwe lo mhlathi afakwa wona.

EJalimane

Ungakapheli nonyaka kwenqatshelwe ukubhema ezindaweni ezithile zomphakathi eJalimane, inani labantu abalaliswa esibhedlela ngenxa yezinhlungu zesifuba eqenjini elahlolwa lase lehle ngamaphesenti angu-13,3; elabahlaselwa isifo senhliziyo lehla ngamaphesenti angu-8,6.