Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokuyala Ingane Yakho Esithombile

Indlela Yokuyala Ingane Yakho Esithombile

INSELELE

Umthetho owubekele umkhaya wakho uthi ngo-9:00 ebusuku omakhalekhukhwini bayacishwa, kodwa kuze kwaba kabili kuleli sonto uthola indodakazi yakho ithumelelana nothile imiyalezo ngemva kwamabili. Indodana yakho wayibekela umthetho wokuthi lingadluli ihora leshumi ebusuku ingakabuyi ekhaya, kodwa izolo iphinde yabuya sekudlule ele-11:00.

Ingane yakho ingenza kangcono kunalokho. Kodwa okokuqala kudingeka wazi ukuthi kungani ibonakala iyishaya indiva imithetho yakho. Ungalilahli ithemba. Lokho okubonakala kuwukungalaleli ngokuphelele kungase kube yinto encane nje.

IMBANGELA

Imingcele engacacile. Ezinye izingane ziyishaya indiva imithetho ukuze nje zibone ukuthi kuzokwenzekani. Ngokwesibonelo, uma umzali ethe isenzo esithile esingalungile siyoholela esijezisweni, ingane ingase isenze ukuze ibone ukuthi umzali uzonamathela yini ezwini lakhe. Ingabe izingane ezinjalo zingamahlongandlebe? Akunjalo ngempela. Iqiniso liwukuthi, izingane zithambekele ekungayilalelini imithetho uma abazali benganamatheli ekukhipheni isijeziso noma imingcele ingacacile kahle.

Isandla esiqine ngokweqile. Abanye abazali bazama ukulawula izingane zabo ngokuzibekela uhide lwemithetho. Uma ingane ingalaleli, umzali uyathukuthela abese enezela eminye imithetho. Kodwa ngokuvamile, lokhu kwenza isimo sibe sibi nakakhulu. Incwadi ethi Parent/Teen Breakthrough ithi: “Njengoba uzama ukuqinisa isandla enganeni yakho, ivele ibe yisijaka nakakhulu. Ukuqinisa isandla kufana nokuzama ukugcoba isinkwa ngebhotela eliqinile: sivele sihlephuke futhi ukulicindezela kakhulu ngeke kusize.”

Isiyalo esifanele singasiza. Ngokungefani “nokujezisa”—okusho ukuzwisa umuntu ubuhlungu—“isiyalo” ngokuyinhloko sisho ukufundisa. Khona-ke, ungayifundisa kanjani ingane ukulalela imithetho yakho?

 ONGAKWENZA

Makucace okushoyo. Izingane kudingeka zikwazi kahle okulindeleke kuzo nokuthi uyoba yini umphumela wokungalaleli.—Isimiso seBhayibheli: Galathiya 6:7.

Icebiso: Bhala uhlu lwemithetho yasekhaya. Ngemva kwalokho zibuze: ‘Ingabe ngibeke imithetho eminingi kakhulu? Ingabe ngibeke embalwa kakhulu? Ingabe eminye ayisadingeki? Ingabe ngingayihlela yini kabusha ngokuvumelana nezinga lokwethenjelwa ingane yami eye yalibonisa?’

Ungaguquguquki. Izingane zingase zidideke uma zingazange zijeziswe lapho zenze okuthile ngesonto eledlule kodwa bese zijeziswa kuleli sonto ngenxa yephutha elifanayo.—Isimiso seBhayibheli: Mathewu 5:37.

Icebiso: Zama ukwenza isijeziso sihambisane kakhudlwana “necala.” Ngokwesibonelo, uma ingane ingabuyanga ngesikhathi esibekiwe, ukuyijezisa ngokuba isheshe ibuye nakakhulu kuyahambisana necala.

Bonisa ukucabangela. Yiba umzali ovumelana nezimo ngokunikeza ingane inkululeko eyengeziwe uma yenza kahle.—Isimiso seBhayibheli: Filipi 4:5.

Icebiso: Hlala phansi nengane nixoxe ngemithetho. Ungase uyicele nokuba iveze uvo lwayo ngesijeziso okufanele sikhishwe uma kuphulwe imithetho ethile. Intsha ithambekela kakhudlwana ekuyilaleleni imithetho ebe nengxenye ekubekweni kwayo.

Hlakulela ukuvuthwa enganeni. Umgomo wakho akukona nje ukwenza ingane ilalele imiyalo yakho kodwa ukuyisiza ihlakulele unembeza omuhle—umuzwa wangaphakathi wokulungile nokungalungile. (Bheka ibhokisi elithi “Yakha Izimfanelo Ezinhle.”)—Isimiso seBhayibheli: 1 Petru 3:16.

Icebiso: Thembela osizweni lweBhayibheli. Liwumthombo ongcono kakhulu ‘wesiyalo esinika ukuqondisisa,’ futhi ukuhlakanipha kwalo ‘kunganika ongenalo ulwazi ukukhalipha, nensizwa [noma intombi] ulwazi nekhono lokucabanga.’—IzAga 1:1-4.