Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Amazwe Omhlaba

I-World Health Organization isiphethe ngokuthi ukuhogela intuthu ephuma ezintweni ezinezinjini ezisebenza ngo-diesel “kwandisa amathuba okuphathwa umdlavuza wamaphaphu” mhlawumbe nomdlavuza wesinye.

E-Antarctica

Izinsalela zempova nembewu okwatholakala enzikeni esekujuleni ngaphansi kolwandle zibonisa ukuthi isundu namahlathi amila ngasezindaweni ezishisayo kwake kwachuma e-Antarctic. Phakathi “nenkathi efudumele ezigidini zeminyaka edlule,” ebusika kwakuphola futhi “ngokuvamile wawungabi khona ungqoqwane,” kanti amazinga okushisa emachosheni omhlaba ayengahlukile kakhulu kunawasenkabazwe.

E-Ireland

Umbiko okhishwe ngo-2012 Yinhlangano YabaPristi BamaKatolika Yase-Ireland ubonisa ukuthi amaphesenti angu-87 amaKatolika okwakhulunywa nawo kuleli zwe, akholelwa ukuthi abapristi kufanele bavunyelwe ukuba bashade; amaphesenti angu-77 akholelwa ukuthi abesifazane kufanele bavunyelwe ukuba babe abapristi.

Emazweni Ase-Afrika EseNingizimu Yesahara NaseNingizimu-mpumalanga Ye-Asia

Ucwaningo oluphathelene nemithi yokuzivikela kumalaleveva luveze ukuthi kwezinye izindawo ngokuvamile imithi isezingeni eliphansi noma ingeyomgunyathi, okwenza ukuba ingasebenzi. ENingizimu-mpumalanga ye-Asia, kwatholakala ukuthi imithi eyahlolwa engamaphesenti angu-36 ingeyomgunyathi, njengoba kwakunjalo nangaleyo engamaphesenti angu-20 eyahlolwa e-Afrika eningizimu yeSahara.

E-El Salvador

Phakathi no-April 2012, izikhulu zikahulumeni e-El Salvador zamemezela usuku lokuqala ngqa cishe eminyakeni emithathu okungabulawanga muntu ngalo. Njengoba leli zwe likhungethwe ubudlova obuhlobene nezidakamizwa, kulinganiselwa ukuthi ngo-2011 kubantu abangu-100 000, kwakubulawa abangu-69—okungelinye lamanani amakhulu kakhulu emhlabeni.