Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Iqiniso Nge-Halloween

Iqiniso Nge-Halloween

Ingabe i-Halloween iyagujwa endaweni ohlala kuyo? E-United States naseCanada, i-Halloween yaziwa kabanzi futhi igujwa minyaka yonke ngo-October 31. Nokho, imigubho ye-Halloween iyatholakala nasezingxenyeni eziningi zomhlaba. Kwezinye izindawo kunamaholidi anemikhuba efana neyayo, nakuba ebizwa ngamanye amagama: ukuxhumana nezwe lemimoya okuhlanganisa imimoya yabafileyo, izidalwa zemimoya ezinamandla, abathakathi, ngisho nanodeveli nezingelosi ezingamademoni.—Bheka ibhokisi elithi  “Imikhosi Efana Ne-Halloween Emhlabeni Wonke.”

KUNGENZEKA ukuthi wena awukholelwa ezidalweni zomoya ezinamandla angaphezu kwavamile. Ungase ubheke ukuhlanganyela kuyi-Halloween nakweminye imikhosi efana nayo njengendlela nje yokuzijabulisa nefundisa izingane zakho ukuba zibe nomqondo ovulekile. Kodwa, abantu abaningi babheka le mikhosi njengelimazayo ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  1. I-Encyclopedia of American Folklore iyachaza: “I-Halloween, ihlobene kakhulu nethemba lokuxhumana nezidalwa zomoya ezinamandla, iningi lazo ezithusayo noma ezisabekayo.” (Bheka ibhokisi elithi   “Umlando We-Halloween.”) Kunjalo nangeminye imikhosi eminingi, nayo njenge-Halloween, inomsuka wobuqaba ogxile kakhulu ekukhulekeleni okhokho. Ngisho nanamuhla, abantu emhlabeni kabanzi basebenzisa lezi zinsuku ukuze baxhumane nalokho okuthiwa imimoya yabafileyo.

  2. Nakuba i-Halloween ibibhekwa njengeholidi laseMelika ngokuyinhloko, kunabantu abaningi abayemukelayo emazweni amaningi unyaka ngamunye. Kodwa labo abasanda kuqala ukugubha lo mkhosi, abaqondi ukuthi imifanekiso ye-Halloween, izindlela zokuhlobisa kanye nendlela egujwa ngayo kunomsuka wobuqaba, iningi layo elihlobene nezidalwa zomoya ezinamandla kanye namandla emilingo.—Bheka ibhokisi elithi  “Yavelaphi?”

  3. Izinkulungwane zamalungu eWicca, zilandela amasiko amaCeltic asendulo, zisabiza i-Halloween ngegama layo lasendulo elithi i-Samhain futhi ziyibheka njengobusuku obungcwele kakhulu onyakeni. Iphephandaba i-USA Today lacaphuna omunye ozibiza ngomenzi wemilingo ethi: “AmaKristu ‘awakuqapheli lokhu, kodwa agubha iholidi lethu. . . . Siyakuthanda lokho.’”

  4.   Imikhosi efana ne-Halloween iyangqubuzana nezimfundiso zeBhayibheli. Liyaxwayisa: “Akumelwe nanini kube khona phakathi kwenu umuntu. . . osho amabika, obhulayo, owenza imilingo noma umthakathi, osebenzisa iziphonso, oxhumana nemimoya noma okhuluma nabafileyo.”—Duteronomi 18:10, 11, The Jerusalem Bible; bheka noLevitikusi 19:31; Galathiya 5:19-21.

Ngokwalokhu osekushiwo, kuwukuhlakanipha ngawe ukwazi ngalo msuka ongemuhle we-Halloween neminye imikhosi efana nayo. Ukukuqonda ngokugcwele lokhu kuyokwenza ube yingxenye yabaningi abangahlanganyeli kula maholidi.

“AmaKristu ‘awakuqapheli lokhu, kodwa agubha iholidi lethu. . . . Siyakuthanda lokho.’”—Iphephandaba i-USA Today, licaphuna ozibiza ngomenzi wemilingo

^ isig. 37 Elithi Hallow igama elidala elisho “usanta”. I-All Hallows’ Day, (eyaziwa nangokuthi uSuku Lwabo Bonke OSanta) iyiholidi lokuhlonipha osanta asebafa. Ubusuku obandulela i-All Hallows’ Day babubizwa ngokuthi yi-All Hallow Even, kamuva lwafushaniswa ngokuthi i-Halloween.