Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Indlela Yokuzehlisa

Indlela Yokuzehlisa

INSELELE

Wena noshade naye anivumelani endabeni ethile. Ngokunengqondo, zintathu izinto ongakhetha kuzo:

  1. Ungase uphikelele ngenkani uze uthole okufunayo.

  2. Ungase wehlele ngezansi, oshade naye athole akufunayo.

  3. Nobabili ningazehlisa.

Ungase uthi, ‘Kodwa angiwuthandi umqondo wokuzehlisa. Wenza kuzwakale sengathi akekho phakathi kwethu oyothola akufunayo!’

Qiniseka ngokuthi ukuzehlisa ngeke kunenze nilahlekelwe nobabili—uma nikwenza ngendlela efanele. Kodwa ngaphambi kokuba ucabangele izindlela zokuzehlisa, kunezinto ezimbalwa okufanele uzazi ngale mfanelo ebalulekile.

OKUFANELE UKWAZI

Ukuzehlisa kudinga ukubambisana. Kungenzeka ukuthi ngaphambi kokuba ushade, bewujwayele ukuzenzela izinqumo ngaphandle kokubonisana nothile. Manje izinto sezishintshile, futhi wena noshade naye kumelwe nenze umshado wenu uze kuqala kunalokho umuntu ngamunye akufunayo. Kunokuba nibheke lokho njengesithiyo, cabangelani izinzuzo zako. Inkosikazi egama layo lingu-Alexandra ithi, “Imibono yabantu ababili ababambisene ingaholela esisombululweni esingcono kunesomuntu oyedwa.”

Ukuzehlisa kudinga ube nomqondo ovulekile. Umeluleki wezemishado uJohn M. Gottman wabhala, “Asikho isidingo sokuba uze uvumelane nakho konke oshade naye akushoyo noma akukholelwayo, kodwa kufanele ngobuqotho uwucabangele umbono wakhe. Uma uzithola uhleli usonge izandla, unikina ikhanda uthi cha (noma ukwenza ngengqondo) lapho oshade naye ezama ukukhuluma nawe ngenkinga ethile, leyo ngxoxo ngeke ifike ndawo.” *

Ukuzehlisa kudinga ukuzidela. Akekho ojabulela ukuhlala emshadweni nomuntu okholelwa ukuthi “zonke izinto kufanele zenzeke ngendlela yakhe.” Kuba ngcono uma bobabili abashadile bezidela. Inkosikazi egama layo linguJune ithi, “Kunezikhathi lapho ngehlela khona ngezansi uma kunenkinga, ukuze umyeni wami ajabule, kodwa ngezinye izikhathi naye wenza okufanayo kimi. Yilokho umshado okufanele ube yikho—ukupha nokwamukela, hhayi ukwamukela kuphela.”

ONGAKWENZA

Yiba nesiqalo esihle. Indlela ingxoxo eqale ngayo, ivame ukuphela ngayo futhi. Uma uyiqala ngamazwi ahlabayo, mancane amathuba okuba niyiqede ngokuthula. Ngakho lalela iseluleko seBhayibheli: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.” (Kolose 3:12) Izimfanelo ezinjalo ziyokusiza wena noshade naye ukuba nigweme ukuphikisana futhi niqale ukuxazulula inkinga.—Isimiso seBhayibheli: Kolose 4:6.

Thola izinto enivumelana ngazo. Uma imizamo yakho yokuzehlisa ibanga ingxabano eshubile, kungenzeka ukuthi wena noshade naye nigxile kakhulu ezintweni lapho imibono yenu yehluka khona. Kunalokho, tholani izinto enivumelana ngazo. Ukuze nisizakale ekutholeni izinto enivumelana ngazo, zamani lokhu:

Ngamunye wenu, makenze uhlu lwezinto ezimbili. Ohlwini lokuqala, bhala izinto ongazimisele ukuhoxa kuzo. Ohlwini lwesibili, bhala izinto ongase ukwazi ukuhoxa kuzo. Yibani senixoxa ndawonye ngenikubhalile. Ningase nithole ukuthi nobabili niyavumelana ezintweni eziningi kunalokho ebenikucabanga. Uma kunjalo, ukuzehlisa akufanele kube yinto enzima kakhulu. Ngisho zingaba khona izinto eningavumelani ngazo, ukubhala phansi zonke izinto ezihilelekile engxabanweni kuyonisiza niyibone ngokucace kakhudlwana indaba.

Xoxisanani. Ezinye izinkinga kungase kube lula ukuzixazulula. Nokho, uma kuziwa ezinkingeni eziyinkimbinkimbi, indoda nomkayo bangaqinisa ubuhlobo babo ngokuxoxa ngesisombululo, mhlawumbe okungekho phakathi kwabo obengeza naso eyedwa.—Isimiso seBhayibheli: UmShumayeli 4:9.

Kulungele ukulungisa umbono wakho. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Lapho uthando nenhlonipho kugeleza ngokukhululekile emshadweni, bobabili abashadile bayazimisela ukucabangela umbono womunye—ngisho nokushintsha umbono wabo. Indoda egama layo linguCameron ithi, “Kunezinto obungeke uzenze—kodwa ngenxa yethonya loshade naye—ugcina sewuzithanda.”—Isimiso seBhayibheli: Genesise 2:18.

^ isig. 12 Ucashunwe encwadini ethi The Seven Principles for Making Marriage Work.