Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Ukupheqeka Kwechopho Lephiko Lezinyoni Ezindizela Phezulu

Ukupheqeka Kwechopho Lephiko Lezinyoni Ezindizela Phezulu

LAPHO indiza isemoyeni yakha umoya ovunguzisa okwesishingishane emachosheni amaphiko ayo. Lo moya oyisiyingi unciphisa isivinini endizeni, kunyuke nezinga esebenzisa ngalo uphethiloli. Ungaphazamisa nokuhamba kwezinye izindiza ezingasondela eduze. Ngakho izindiza ezizosuka ngomzila ofanayo, kumelwe ziqhelelane ngokwanele kuze kuphele lo moya oyisiyingi.

Onjiniyela bezindiza, bathola indlela yokunciphisa lezi zinkinga. Saba yini isixazululo? Saba ukwenza amachopho apheqekile amaphiko ebhanoyi, afuze awezinyoni ezindizela phezulu, ezifana nezinkozi, onogolantethe nezinkwazi.

Cabanga ngalokhu: Lapho lezi zinyoni ezinkulu zindiza, izimpaphe ezisemachosheni amaphiko zipheqeka zize zicishe ziqonde thwí phezulu. Lokhu kwakheka, kwenza izinyoni zingadingi amaphiko amade kakhulu ukuze zindizele phezulu. Kuzenza zikwazi nokundiza ngokushesha. Onjiniyela baklame amaphiko ebhanoyi afana nawalezi zinyoni. Behlola ngokusebenzisa imihubhe yomoya yesimanje, báthola ukuthi uma bengashintsha umklamo wamaphiko endiza, bawagobe emachosheni ngendlela yokuthi umoya ugeleze ngokukhululeka, singathuthuka isivinini sezindiza namuhla, ngamaphesenti angaba yishumi noma ngaphezulu. Siyini isizathu? La machopho anciphisa umoya obamba indiza ngokwehlisa izinga ovunguza ngalo. Ngaphezu kwalokho, ayinika namandla “okulwa nomoya onciphisa isivinini sayo,” kusho i-Encyclopedia of Flight.

Ngakho la machopho avumela izindiza ukuba zihambe ibanga elide, zithwale umthwalo omkhudlwana, zibe namaphiko amafushane—okuzenza zipake kalula—futhi zonge nophethiloli. Ngokwesibonelo, ngo-2010 izinkampani zezindiza zonga “uphethiloli ongamalitha ayizigidi ezingu-7 600 emhlabeni wonke,” nokwanciphisa izinga lentuthu ekhishwa izindiza, ngokusho kombiko wezindaba we-NASA.

Ucabangani? Ingabe ukupheqeka kwechopho lephiko lezinyoni ezindizela phezulu kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe kwaklanywa?