Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25

UJehova Uyababusisa Labo Abathethelelayo

UJehova Uyababusisa Labo Abathethelelayo

“Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumelwe nenze kanjalo.”​—KOL. 3:13

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

AMAZWIBELA *

1. UJehova uziqinisekisa ngani izoni eziphendukayo?

 NAKUBA uJehova enguMdali, uMniki-mthetho, nomaHluleli wethu, uphinde abe uBaba wethu osezulwini onothando. (IHu. 100:3; Isaya 33:22) Lapho simona futhi siphenduka ngobuqotho, akasithetheleli nje ngoba ekwazi ukwenza kanjalo kodwa uyafuna ukusithethelela. (IHu. 86:5) Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wasiqinisekisa ngothando: “Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.”​—Isaya 1:18.

2. Uma sifuna ukuba nokuthula nabanye, yini okumelwe siyenze?

2 Ngenxa yokuthi sonke sinesono, sisho futhi senze izinto ezibaphatha kabi abanye. (Jak. 3:2) Kodwa, lokho akusho ukuthi ngeke sisabujabulela ubungane obuseduze nabo. Singabujabulela uma singafunda ukuthethelela. (IzAga 17:9; 19:11; Math. 18:21, 22) Uma othile esho noma enza into encane esizwisa ubuhlungu, uJehova ufuna sithethelele. (Kol. 3:13) Sinesizathu esihle sokwenza kanjalo, phela uJehova usithethelela “ngokukhululekile.”​—Isaya 55:7, mbhw.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi abantu abanesono bangayilingisa kanjani indlela kaJehova yokuthethelela. Yiziphi izono okufanele sizibike kubadala? Kungani uJehova esikhuthaza ukuba sithethelele abanye? Yini esingayifunda kwesikholwa nabo abaye babhekana nobuhlungu obukhulu ngenxa yezono zabanye?

LAPHO UMKRISTU ENZA ISONO ESIKHULU

4. (a) Kumelwe yenzeni inceku kaJehova lapho yenze isono esikhulu? (b) Iyini indima yabadala lapho behlangana nomuntu owonile?

4 Izono ezinkulu kumelwe zibikwe kubadala. Izibonelo zezono ezinjalo zitholakala kweyoku-1 Korinte 6:9, 10. Izono ezinkulu ziwukwephula umthetho kaNkulunkulu ngokuphelele. Uma umKristu enza isono esinjalo, kumelwe athandaze kuJehova uNkulunkulu futhi kumelwe akhulume nabadala bebandla. (IHu. 32:5; Jak. 5:14) Abadala banayiphi indima? NguJehova kuphela onegunya lokuthethelela izono ngokuphelele, okuyinto ayenza kuphela ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo. * Nokho, uJehova uphathise abadala umthwalo wokusebenzisa imiBhalo ukuze banqume ukuthi isoni siyaqhubeka yini sisebandleni. (1 Kor. 5:12) Phakathi kwezinye izinto, bayozama ukuthola izimpendulo zale mibuzo: Ingabe isono senziwe ngamabomu? Ingabe lowo muntu ukuhlelile ukwenza okubi? Ingabe usenesikhathi ephindaphinda leso sono? Okubaluleke nakakhulu, bukhona yini ubufakazi obubonisa ukuthi uphenduke ngobuqotho? Bukhona yini ubufakazi bokuthi uJehova usemthethelele?​—IzE. 3:19.

5. Umsebenzi owenziwa abadala unaziphi izibusiso?

5 Lapho abadala behlangana nomenzi wobubi, umgomo wabo uwukwenza isinqumo esifana naleso esesenziwe ezulwini. (Math. 18:18) Leli lungiselelo lilizuzisa kanjani ibandla? Liqinisekisa ukuthi ziyasuswa izoni ezingaphenduki ezingase zilimaze izimvu zikaJehova eziyigugu. (1 Kor. 5:6, 7, 11-13; Thithu 3:10, 11) Lingasiza nowonile aphenduke futhi athole nentethelelo kaJehova. (Luka 5:32) Abadala bathandazela ophendukile, bacele uJehova amsize alulame ngokomoya.​—Jak. 5:15.

6. Uma umuntu esuswa usengathethelelwa yini? Chaza.

6 Ake sithi umuntu akaphenduki lapho abadala bexoxa naye. Uma kunjalo, uyosuswa ebandleni. Uma ephule umthetho kahulumeni, abadala ngeke bamvikele ukuba angabhekani nemiphumela yako. UJehova uyazivumela izikhulu zikahulumeni ukuba zahlulele futhi zijezise noma ubani owephula umthetho, kungakhathaliseki ukuthi uphendukile noma cha. (Roma 13:4) Uma lowo muntu kamuva esanguluka ephenduka ngobuqotho futhi eguquka, uJehova uzimisele ukumthethelela. (Luka 15:17-24) Uyomthethelela ngisho noma izono zakhe zazizinkulu kakhulu.​—2 IziKr. 33:9, 12, 13; 1 Thim. 1:15.

7. Singamthethelela ngamuphi umqondo umuntu osonile?

7 Kujabulisa ngempela ukwazi ukuthi akudingeki sinqume ukuthi uJehova uyasithethelela yini isoni! Noma kunjalo, kunesinqumo okudingeka sisenze. Siyini? Ngezinye izikhathi, othile angase asone noma asizwise ubuhlungu obukhulu kodwa angase axolise acele ukuba simthethelele. Kwezinye izimo, angase angaxolisi. Noma kunjalo, singanquma ukumthethelela ngomqondo wokuthi singambambeli igqubu futhi singamthukutheleli. Iqiniso liwukuthi lokhu kudinga umzamo nesikhathi, ikakhulukazi uma siphathwe kabi kakhulu. INqabayokulinda kaSepthemba 15, 1994, ithi: “Lapho uthethelela umenzi wobubi, lokhu akusho ukuthi uyekelela isono. NgomKristu, ukuthethelela kusho ukushiyela indaba ngokwethembeka ezandleni zikaJehova. UngumaHluleli olungile wendawo yonke, futhi uyokwenza ubulungisa ngesikhathi esifanele.” Kungani uJehova esikhuthaza ukuba sithethelele futhi sishiyele izinto ezandleni zakhe ukuze ahlulele ngobulungisa?

OKWENZA UJEHOVA ASIKHUTHAZE UKUBA SITHETHELELE

8. Ukuthethelela kubonisa kanjani ukuthi siyasazisa isihe sikaJehova?

8 Ukuthethelela kubonisa ukwazisa. Komunye umfanekiso, uJesu wafanisa uJehova nenkosi eyasula isikweletu esikhulu inceku yayo eyayingasakwazi ukusikhokha. Kodwa le nceku ethethelelwe, yahluleka ukubonisa isihe encekwini ekanye nayo, eyayiyikweleta imali encane kakhulu. (Math. 18:23-35) UJesu wayesifundisani? Uma sisazisa ngempela isihe uJehova asibonisa sona, lokho kuzosenza sibathethelele abanye. (IHu. 103:9) Eminyakeni eminingi edlule, INqabayokulinda yakubeka kanje: “Kungakhathaliseki ukuthi sibathethelela kangaki abanye abantu akusoze kwalingana nezinga lentethelelo nesihe uNkulunkulu asibonisa sona ngomhlatshelo kaKristu.”

9. Obani uJehova ababonisa isihe? (Mathewu 6:14, 15)

9 Abathethelelayo bayothethelelwa. UJehova ubabonisa isihe labo abanesihe. (Math. 5:7; Jak. 2:13) UJesu wakwenza kwacaca lokhu lapho efundisa abafundi bakhe ukuthi bathandaze kanjani. (Funda uMathewu 6:14, 15.) Ngaphambili, uJehova waveza iphuzu elifanayo ngenceku yakhe uJobe. Amazwi ahlabayo ayeshiwo amadoda amathathu, uElifazi, uBhilidadi noSofari, ayizwisa ubuhlungu obukhulu leyo ndoda eqotho. UJehova wayala uJobe ukuba awathandazele. Ngemva kokuba uJobe esenze kanjalo, uJehova wambusisa.​—Jobe 42:8-10.

10. Kungani kulimaza ukufukamela inzondo? (Efesu 4:31, 32)

10 Kuyalimaza ukufukamela inzondo. UJehova ufuna sijabulele ukuthula esikuthola ngokuzethula umthwalo wokufukamela inzondo. (Funda eyabase-Efesu 4:31, 32.) Usinxusa ukuba ‘sihlukane nentukuthelo siyeke ulaka.’ (IHu. 37:8) Kuwukuhlakanipha ukulalela leso seluleko. Ukufukamela inzondo kungasilimaza emzimbeni nasengqondweni. (IzAga 14:30) Ngeke kumlimaze osonile njengoba nje nokuphuza kwethu ushevu kungeke kumlimaze. Ngakho, lapho sithethelela abanye, sisuke sizipha isipho. (IzAga 11:17) Siba nokuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile futhi siyakwazi ukuqhubeka sikhonza uJehova.

11. Lithini iBhayibheli ngokuziphindiselela? (Roma 12:19-21)

11 Impindiselo ingekaJehova. UJehova akasinikanga igunya lokuziphindiselela lapho othile esona. (Funda eyabaseRoma 12:19-21.) Ngenxa yokuba nesono nokulinganiselwa kwendlela esibheka ngayo izinto, ngeke sikwazi ukwahlulela ngokunembile njengoNkulunkulu. (Heb. 4:13) Kanti ngezinye izikhathi, sivumela imizwa yethu ilawule ukwahlulela kwethu okuhle. UJehova waphefumulela uJakobe ukuba abhale: “Intukuthelo yomuntu ayikulethi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jak. 1:20) Singaqiniseka ukuthi uJehova uzokwenza okulungile futhi aqiniseke ukuthi ubulungisa obuphelele buyenzeka.

Yeka ukuthukuthela nokuba nenzondo. Shiyela izinto ezandleni zikaNkulunkulu. Yena uzowulungisa wonke umonakalo obangelwe isono (Bheka isigaba 12)

12. Singabonisa kanjani ukuthi siyayethemba indlela kaJehova yokwahlulela?

12 Ukuthethelela kubonisa ukuthi siyayethemba indlela uJehova ahlulela ngayo. Ngokushiyela izinto ezandleni zikaJehova, sibonisa ukuthi siyamethemba ukuthi uyolungisa wonke umonakalo obangelwe isono. Ezweni lakhe elisha alithembisile, izinto ezasihlukumeza ngokomzwelo “ngeke zikhunjulwe, ngeke zifike nasenhliziyweni.” (Isaya 65:17) Kodwa uma sizwiswe ubuhlungu obukhulu, singakwazi ngempela yini ukulahla intukuthelo nenzondo esingase sibe nayo ezinhliziyweni zethu? Ake sibone ukuthi abanye bakwenze kanjani lokho.

IZIBUSISO ZOKUTHETHELELA

13-14. Indaba kaTony noJosé ikufundiseni ngokuthethelela?

13 Abafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu baye bakhetha ukuthethelela ngisho noma izenzo zabanye zibazwiswe ubuhlungu obukhulu kakhulu. Bathole ziphi izibusiso ngokwenza kanjalo?

14 Eminyakeni eminingi ngaphambi kokuba abe uFakazi, uTony * ohlala ePhilippines, wathola ukuthi omunye wabafowabo omdala wabulawa indoda okuthiwa uJosé. Ngaleso sikhathi, uTony wayeyindoda enodlame ngempela futhi wayefuna ukuziphindiselela. UJosé waboshwa, wagqunywa ejele ngenxa yalokho ayekwenzile. Kamuva lapho uJosé esekhululiwe ejele, uTony wafunga ukuthi uzomfuna aze amthole, bese eyambulala. Waze wathenga ngisho nesibhamu. UTony wabe eseqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi, “Njengoba ngangitadisha iBhayibheli ngafunda ukuthi kudingeka ngishintshe izindlela zami, okwakuhlanganisa nokuyeka ukuthukuthela.” Ngokuhamba kwesikhathi, uTony wabhapathizwa futhi wagcina emiswe njengomdala ebandleni. Cabanga nje ukuthi wamangala kanjani lapho ethola ukuthi uJosé naye wayeseyinceku kaJehova ebhapathiziwe! Lapho behlangana, bamukelana ngemfudumalo futhi uTony watshela uJosé ukuthi wayesemthethelele. UTony uthi lesi senzo sokuthethelela samnikeza injabulo enkulu kangangokuba wayengakwazi nokuchaza indlela ayezizwa ngayo. Impela, ngenxa yokuthi uTony wayezimisele ukuthethelela, uJehova wambusisa.

Isibonelo sikaPeter noSue sisibonisa ukuthi singakwazi ukuyeka ukuba nentukuthelo nenzondo (Bheka izigaba 15-16)

15-16. Ufundeni ngokuthethelela endabeni kaPeter noSue?

15 Ngo-1985, uPeter noSue babe semihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso, kungazelelwe kwavele kwaqhuma kakhulu. Kwakunebhomu elalifihlwe indoda ethile! USue walimala kakhulu futhi lokho kwayiphazamisa unomphela indlela ezwa nabona ngayo. Akasakwazi nokuzwa amaphunga. * UPeter noSue babevame ukuzibuza ukuthi umuntu onjani nje ongenza into embi kangaka? Eminyakeni eminingi kamuva, leso sigilamkhuba esasingeyona inceku kaJehova, saboshwa futhi sagwetshwa udilika-jele. Lapho bebuzwa ukuthi base beyithethelele yini le ndoda, uPeter noSue bathi: “UJehova usifundisa ukuthi ukufukamela intukuthelo nenzondo kungasilimaza emzimbeni, ngokomzwelo nasengqondweni, ngakho zisuka nje sacela uJehova asisize siyeke ukuthukuthela nokuba nenzondo siqhubeke nokuphila kwethu.”

16 Ingabe kube lula ukuba bathethelele? Kwakungelula ngaso sonke isikhathi. Bayenezela: “Ngezinye izikhathi lapho imiphumela yokulimala kukaSue iphazamisa ukuphila kwethu, intukuthelo iyabuya. Kodwa asilokhu sicabanga ngakho, ngakho leyo mizwa isheshe iphele. Empeleni, singasho ngokusuka enhliziyweni ukuthi uma le ndoda eyaqhumisa ibhomu iba umfowethu ngelinye ilanga, siyoyamukela. Lesi senzakalo sisifundise ukuthi izimiso zeBhayibheli ziyakhulula ngempela, zisikhulula ngendlela ebesingeke siyicabange! Kuyaduduza ngempela nokwazi ukuthi maduze uJehova uzowulungisa wonke umonakalo.”

17. Ufundeni ngokuthethelela endabeni kaMyra?

17 UMyra wafunda iqiniso eseshadile futhi enezingane ezimbili ezisencane. Umyeni wakhe akazange alamukele iqiniso. Ngokuhamba kwesikhathi, waphinga washiya nomndeni. UMyra uthi: “Lapho umyeni wami engishiya nezingane zethu ezimbili, ngazizwa ngendlela abaningi abazizwa ngayo lapho bedunyazwe umuntu abamthandayo​—ngangishaqekile, ngingakholwa, ngilusizi, ngizisola futhi ngithukuthele.” Nakuba umshado waphela, ubuhlungu bokudunyazwa umyeni wakhe bahlala bukhona. Uyaqhubeka: “Leyo mizwa yangenza ngahlala ngikhathazekile futhi ngithukuthele izinyanga eziningi, ngaqaphela nokuthi yayiphazamisa ubuhlobo bami noJehova kanye nabanye.” Manje uthi akasathukuthele futhi akamfiseli okubi lowo owayengumyeni wakhe. Unethemba lokuthi ngelinye ilanga uyosondela kuJehova. UMyra manje ubheke phambili esikhathini esizayo. Njengomama ongayedwa, ukhulise izingane zakhe ezimbili zaba izikhonzi zikaJehova. Namuhla, ujabulela ukukhonza uJehova nezingane zakhe kanye nemindeni yazo.

UBULUNGISA BUKAJEHOVA OBUPHELELE

18. Yini esingaqiniseka ngayo ngoJehova njengomaHluleli Omkhulu?

18 Kujabulisa ngempela ukwazi ukuthi akuwona umthwalo wethu ukunquma ukuthi abantu kufanele bahlulelwe kanjani! NjengomaHluleli Omkhulu, uJehova uyena oyowenza lowo msebenzi obalulekile. (Roma 14:10-12) Singamethemba ngokugcwele ukuthi uyohlale ahlulela ngokuvumelana nemithetho yakhe ephelele yokulungile nokungalungile. (Gen. 18:25; 1 AmaKh. 8:32) Akasoze enza into engalungile!

19. Yini eyofezwa ubulungisa bukaJehova obuphelele?

19 Siyasilangazelela isikhathi lapho uJehova eyoyiqeda ngokuphelele imiphumela emibi yokuba nesono. Ngaleso sikhathi, bonke ubuhlungu obusemzimbeni nobungokomzwelo buyolashwa ngokuphelele. (IHu. 72:12-14; IsAm. 21:3, 4) Ngeke siphinde sibukhumbule. Njengoba sisalinde leso sikhathi esimnandi, sijabula kakhulu ngokuthi uJehova usenze sakwazi ukumlingisa ngokuba abathethelelayo.

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

^ UJehova uyafuna ukuthethelela izoni eziphendukayo. NjengamaKristu, sifuna ukulingisa isibonelo sakhe lapho omunye umuntu esona. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezono esingazithethela thina nezono okumelwe sizibike kubadala. Sizoxoxa nangokuthi kungani uJehova efuna sithethelelane nokuthi yiziphi izibusiso esizozithola uma senza kanjalo.

^ Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 15, 1996.

^ Amanye amagama ashintshiwe.

^ Bheka i-Phaphama! kaJanuwari 8, 1992, kk. 9-13. Ku-JW Broadcasting,® bheka ividiyo ethi AbakwaSchulz: Ukucindezeleka Kwangemva Kwenhlekelele Kunganqobeka