Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlaba ugcwele ukuhlupheka kodwa ingabe uNkulunkulu okubangelayo?

Lithini IBhayibheli?

Lithini IBhayibheli?

Ingabe uNkulunkulu uyakubangela ukuhlupheka?

Ubungathini wena?

  • Yebo

  • Cha

  • Mhlawumbe

Okushiwo IBhayibheli

“Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala, noMninimandla onke ukwenza ngokungabi nabulungisa!” (Jobe 34:10) UNkulunkulu akalokothi abangele ububi nokuhlupheka esikubona emhlabeni.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?

  • USathane uDeveli, “umbusi waleli zwe,” uyena oyimbangela eyinhloko yokuhlupheka.—Johane 14:30.

  • Ukuhlupheka nobubi kuvame ukuba umphumela wezinqumo ezimbi ezenziwa abantu.—Jakobe 1:14, 15.

Ingabe kuyoke kuphele ukuhlupheka?

Abanye abantu bakholelwa ukuthi abantu bangakuqeda ukuhlupheka uma besebenzisana, kuyilapho abanye bengasenalo ithemba lokuthi izimo zaleli zwe zingaba ngcono. Ucabangani?

Okushiwo IBhayibheli

UNkulunkulu uzokuqeda ukuhlupheka. “Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?

  • UNkulunkulu uzosebenzisa uJesu ukuze aqede ukuhlupheka okubangelwa uDeveli.—1 Johane 3:8.

  • Abantu abalungile bazophila ngokuthula emhlabeni kuze kube phakade.—IHubo 37:9-11, 29.