Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

2 Usizo Lokuxazulula Izinkinga

2 Usizo Lokuxazulula Izinkinga

Ezinye izinkinga ziqhubeka isikhathi eside, mhlawumbe iminyaka, futhi zingase ziqale singanakile. IBhayibheli liyasinika yini ukuhlakanipha ukuze sixazulule izinkinga ezisicindezelayo? Cabanga ngalezi zibonelo.

UKUKHATHAZEKA NGOKWEQILE

URosie uthi, “Ngangihlale ngikhathazeke ngokuthi izinto zizoba zimbi kakhulu kunalokho ezaziyikho.” Yimaphi amavesi eBhayibheli amsiza? Elinye lawo uMathewu 6:34 othi: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.” URosie uthi lawo mazwi kaJesu amsiza ukuba ayeke ukukhathazeka ngalokho okwakungase kwenzeke ngosuku olulandelayo. Uyanezela, “Zazanele izinkinga enganginazo, kwakungadingeki ngikhathazeke ngezinto ezazingakenzeki futhi okwakungenzeka zingenzeki.”

UYasmine naye wabona ukuthi ukukhathazeka kwase kumlawula. Uthi, “Kwakuphela izinsuku eziningi ngikhala futhi ngihluleka ukulala ebusuku ngezinye izikhathi. Leyo mizwa yayingidla ngiphila.” Yimuphi umBhalo owamsiza? Uthi wasizwa eyoku-1 Petru 5:7 ethi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’ UYasmine uthi, “Njengoba isikhathi siqhubeka ngangithandaza kuNkulunkulu futhi wayeyiphendula imithandazo yami. Ngezwa sengathi kwakususwe umthwalo osindayo emahlombe ami. Kuyenzeka ukuba ngezinye izikhathi leyo micabango engakhi ibuye, kodwa manje sengiyazi ukuthi ngibhekana kanjani nayo.”

UKUNGEZI IZINTO KUSENESIKHATHI

Owesifazane osemusha okuthiwa u-Isabella uthi, “Ngicabanga ukuthi ngifuze ubaba, ngoba naye unayo le nkinga yokungenzi izinto kusenesikhathi. Ngiyayeka ukwenza izinto ezibalulekile ukuze nje ngiziphumulele noma ngibukele ithelevishini. Kuwumkhuba oyingozi ngoba kwenza ukuba ucindezeleke, futhi ungabe usawenza kahle umsebenzi wakho.” Isiqondiso esamsiza sisencwadini yesi-2 Thimothewu 2:15 ethi: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho.” U-Isabella uthi, “Angifuni uJehova adumale ngomsebenzi wami ngenxa nje yokuthi angenzi izinto kusenesikhathi.” Manje useshintshe kakhulu.

UKelsey owayenenkinga efanayo uthi, “Uma nginomsebenzi wesikole ngangiwenza ngosuku lokugcina, usufuneka. Ngangikhala, ngikhathazeke, futhi ngingakwazi ukulala. Kwakungilimaza.” UKelsey wathola usizo encwadini yezAga 13:16 ethi: “Umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi, kodwa oyisiphukuphuku uyosakaza ubuwula yonke indawo.” Uchaza lokho akufunda ngokuzindla ngalo mBhalo, uthi, “Kuyasiza ukuba umuntu ohlelekile. Manje nginebhuku elihlala phezu kwetafula lami engibhala kulo imisebenzi okufanele ngiyenze, lokhu kungisiza ukuba ngihleleke futhi ngingenzi izinto ngomzuzu wokugcina.”

ISIZUNGU

UKirsten uthi, “Umyeni wami wahamba, wangishiya nezingane ezine.” Yimuphi umBhalo owamsiza? UmBhalo wezAga 17:17, othi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” UKirsten wafuna usizo kubantu akhonza nabo uJehova. Iluphi usizo aluthola? Uthi: “Abangane bami bangisiza ngezindlela eziningi. Abanye babengilethela ukudla nezimbali. Mina nezingane kwadingeka sithuthe kathathu, futhi isikhathi ngasinye kwakuhlale kunabantu abasisizayo. Omunye wangisiza ngathola umsebenzi. Angikaze ngiswele abantu abazongisiza.”

UDelphine okukhulunywe ngaye ekuqaleni, naye wayehlushwa isizungu. Nakhu akushoyo ngendlela ayezizwa ngayo: “Kwakungathi ngimi ngaphandle, ngibuka bonke abantu beqhubeka nokuphila kwabo, kuyilapho okwami kumile. Nganginesizungu.” Omunye wemiBhalo eyamsiza iHubo 68:6 elithi: “UNkulunkulu ubangela abahlala ngabodwa ukuba bahlale endlini.” UDelphine uthi: “Ngangazi ukuthi leli vesi lalingakhulumi ngendlu yangempela nje kuphela. Ngaqonda ukuthi ukuba nobuhlobo noNkulunkulu kufana nokuba nekhaya ongaphephela kulo, lapho othola khona abangane bangempela abathanda uJehova. Kodwa ngangazi ukuthi ngeke ngibe nobungane nabanye, uma ngingeyena umngane kaJehova. UmBhalo weHubo 37:4 othi: ‘Jabula kakhulu ngoJehova, uyokunika izicelo zenhliziyo yakho,’ wangisiza ekwakheni ubungane noJehova.”

Ekugcineni uthi: “Ngabona ukuthi kwakumelwe ngisondele kakhulu kuJehova. Akekho ofana naye. Ngabe sengenza uhlu lwezinto engangifuna ukuzenza nabanye abathanda uJehova, ezazizongisiza ngibazi kangcono futhi ngakhe ubungane nabo. Ngafunda ukugxila ezintweni ezinhle abanye abazenzayo, ngingabheki okubi.”

Kuyiqiniso ukuthi ngisho nabangane abakhonza uNkulunkulu bayawenza amaphutha. OFakazi BakaJehova nabo banezinkinga, njengabo bonke abantu. Noma kunjalo, ukufunda iBhayibheli kwenza abantu bafune ukusiza abanye. Kuhle ukuba nabangane abanjalo. IBhayibheli lingasisiza yini uma sibhekene nezinkinga ezingaxazululeki, njengesifo esingamahlala-khona noma usizi?

Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kungakusiza uthole abangane abahle