Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Mina nomkami uTabitha, siyoshumayela

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangizitshela Ukuthi UNkulunkulu Akekho

Ngangizitshela Ukuthi UNkulunkulu Akekho
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974

  • IZWE AZALELWA KULO: IGERMAN DEMOCRATIC REPUBLIC

  • UMLANDO: WAYENGAKHOLELWA KUNKULUNKULU

UKUPHILA KWAMI

Ngazalelwa eSaxony, eyayiseGerman Democratic Republic (GDR). Sasithandana ekhaya futhi abazali bami bangikhulisa kahle, bangifundisa ukuba nesimilo. I-GDR yayiyizwe lamaKhomanisi, okwenza inkolo yangabaluleka kubantu baseSaxony. Ngangizitshela ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngaze ngaba neminyaka engu-18 ngikholelwa ezintweni ezimbili: ubuKhomanisi nokuthi uNkulunkulu akekho.

Yini eyangenza ngathanda ubuKhomanisi? Babufundisa ukuthi bonke abantu bayalingana futhi ngangikuthanda lokho. Ngangikholelwa ukuthi abantu kufanele babe nezinto ezilinganayo, ukuze bangabi bikho abantu abacebe kakhulu noma abampofu kakhulu. Ngakho ngasebenzisana neqembu lentsha lamaKhomanisi. Ngesikhathi ngineminyaka engu-14, ngaba matasa emsebenzini wokuvikela imvelo, sithola izindlela zokwenza izinto ngamaphepha amadala. Idolobha lase-Aue langincoma kakhulu, izikhulu zaze zangiklomelisa ngendondo. Nakuba ngangisemncane, ngangazana nezikhulu zepolitiki zase-GDR. Ngangicabanga ukuthi konke kwakungihambela kahle futhi ikusasa lami laliqhakazile.

Gwiqiqi, izinto zajika. Ngo-1989, uDonga LwaseBerlin lawa, kwahlakazeka namazwe obuKhomanisi aseMpumalanga yeYurophu. Ngathi ngisashaqwe yilokho ngathola okunye. Ziningi izinto ezingalungile ezazenziwa e-GDR. Ngokwesibonelo, babebukelwa phansi abantu ababengabusekeli ubuKhomanisi. Kwakungenzeka kanjani lokho? Angithi thina maKhomanisi sasikholelwa ukuthi bonke abantu bayalingana. Ingabe kwakumane nje kuyinto eyayishiwo kodwa ingenziwa? Ngethuka.

Ngabe sengikhohlwa yikho konke okunye, ngagxila emculweni nasekudwebeni. Ngangizibona sengiwumculi ngoba ngakwazi ukuyofundela umculo futhi nginanethuba lokuya enyuvesi. Ngaphezu kwalokho, angibange ngisaziphatha ngendlela abazali ababengifundise ngayo. Ngangingasenaso isimilo. Ngangifuna ubumnandi kuphela, ngijola namantombazane amaningi ngesikhathi esisodwa. Kodwa leyo mpilo, umculo nokudweba akuzange kukuqede ukukhathazeka enganginakho. Ngisho nezithombe engangizidweba zazibonisa ukuthi kukhona okwakungahambi kahle ngami. Ngangizibuza ukuthi, lingiphatheleni ikusasa, nokuthi ngiphilelani?

Izimpendulo engazithola zangimangaza. Ngelinye ilanga, ngangixoxa nengangifunda nabo, sikhuluma ngokuthi ikusasa lisiphatheleni. Omunye wabo kwakunguMandy, * owayenguFakazi KaJehova. Wanginika iseluleko esihle. Wathi: “Uyazi we-Andreas, uma ufuna izimpendulo zemibuzo yakho mayelana nokuphila nokuthi ikusasa lisiphatheleni, ubofunda iBhayibheli.”

Nakuba ngangingabaza, nganquma ukulifunda iBhayibheli. UMandy wangibonisa uDaniyeli isahluko 2. Engakufunda kulo mBhalo kwangimangaza. Lesi siprofetho, sichaza indlela ohulumeni abanamandla ababezolandelana ngayo kuze kube yisikhathi sethu. Wangitshengisa nezinye iziprofetho zeBhayibheli ezikhuluma ngekusasa. Ekugcineni, imibuzo yami yayisiphenduleka! Indaba kwase kuwukuthi ubani obhale lezi ziprofetho, owayezibikezele ngokunembe kangaka? Kwakungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu?

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

UMandy wangixhumanisa noHorst nomkakhe u-Angelika, abangoFakazi, abangisiza ngaliqonda kangcono iBhayibheli. Kwasheshe kwangicacela ukuthi oFakazi BakaJehova yibo bodwa abasebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova futhi benze nabanye balazi. (IHubo 83:18; Mathewu 6:9) Ngafunda nokuthi uJehova unike abantu ithuba lokuba baphile phakade emhlabeni. IHubo 37:9 lithi: “Abathemba uJehova yibo abayodla ifa lomhlaba.” Ngajabula lapho ngizwa ukuthi leli thuba livulekele wonke umuntu ozama ukwenza lokho uNkulunkulu akubhale eBhayibhelini.

Kodwa kwaba nzima ukushintsha izindlela zami ngizenze zivumelane nalokho okuseBhayibhelini. Ngenxa yokuthi ngase ngiwumculi nomdwebi odumile, ngangiziphakamisa ngakho kwakumelwe ngifunde ukuzehlisa. Ngaphezu kwalokho, kwaba nzima ukuba ngiyeke ukwenza izinto ezimbi. Ave ngibonga ngokuthi uJehova uyabaqonda, ababekezelele, futhi ababonise umusa labo abazama kanzima ukwenza lokho okufundiswa iBhayibheli.

Kusukela ngimncane ngaze ngaba na-18 ukuphila kwami kwakubuswa ubuKhomanisi futhi ngangizitshela ukuthi uNkulunkulu akekho, kodwa manje ukuphila kwami kulawulwa iBhayibheli. Engakufunda, kwakuqeda ukukhathazeka kwami ngokuthi ikusasa lingiphatheleni, kwanginika ithemba. Ngo-1993, ngabhapathizwa ngaba uFakazi KaJehova, kwathi ngo-2000, ngashada noTabitha, naye onguFakazi. Isikhathi sethu esiningi sisisebenzisela ukusiza abanye bafunde iBhayibheli. Abaningi esihlangana nabo bakholelwa ebuKhomanisini futhi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, njengoba nami nganginjalo. Ngiyajabula uma ngikwaze ukubabonisa ukuthi bangafunda kanjani ngoJehova.

INDLELA OKUNGISIZE NGAYO

Abazali bami baphatheka kabi lapho ngiqala ukujwayelana noFakazi BakaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, babona ukuthi ukujwayelana noFakazi kwangisiza ngalungisa ukuphila kwami. Manje, ngiyajabula ngoba sebeyalifunda iBhayibheli futhi bayaya emihlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova.

Mina noTabitha sihleli kahle emshadweni wethu, ngoba silandela iseluleko uNkulunkulu asinikeza abantu abashadile. Ukulalela iseluleko seBhayibheli sokuba sithembeke kumuntu esishade naye, kuyasisiza.—Hebheru 13:4.

Angisenalo uvalo ngokuthi ikusasa lingiphatheleni. Nginabafowethu nodadewethu emhlabeni wonke futhi sinokuthula nobunye. Akekho obukela omunye phansi. Yilokho ebengilokhu ngikufuna ekuphileni kwami.

^ isig. 12 Igama lishintshiwe.