Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

PHAPHAMA! No. 1 2017 | Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?

Ngokwemibiko, inani lentsha okutholakala ukuthi icindezelekile landa ngendlela emangalisayo.

Yini engenziwa ngale nkinga?

Le Phaphama! inikeza intsha ecindezelekile amacebiso, iphinde isize nabazali bayo ukuze bakwazi ukududuza izingane zabo futhi bazisekele.

 

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?

Funda indlela yokubona izimpawu kanye nezimbangela zokucindezeleka. Thola ukuthi yini abazali nabanye abangayenza ukuze nabo basize.

Ukumomotheka—Isipho Okungafanele Sigodlwe

Ukumomotheka—komngane noma komuntu ongamazi—kuyathelelana futhi kukwenza ujabule.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukukhipha Isisu

Minyaka yonke kukhishwa izisu ezingabalelwa emashumini ezigidi ngamabomu. Ingabe ukukhipha isisu kuyisinqumo somuntu noma kuyinto akulungile?

“Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”

NgoMgqibelo, ngo-April 25, 2015, kwaba nokuzamazama komhlaba eNepal. OFakazi BakaJehova babonisa kanjani ukuthi amaKristu eqiniso abonisana uthando futhi ayasizana?

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokubonisa Ukwazisa

Lapho abashadile benza umzamo wokuqaphela nokubonga ngezinto ezinhle ngamunye azenzayo, ngokuvamile ubuhlobo babo buyaqina. Yini engakusiza ukuba ukubonise ukwazisa?

INGABE KWAKLANYWA?

Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni

Lesi silwanyana esingavamile singesinye sezilwane ezihamba phansi ezaziwa ngokubekezelela ukushisa. Yini esenza sikwazi ukumelana nokushisa okukhulu?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

Amacebiso amahlanu angakusiza wenze ukukhathazeka kukuzuzise kunokuba kukulimaze.

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayalunikeza Usizo Lapho Kuvela Izinhlekelele?

Funda ngendlela esilunikeza ngayo usizo ngokoqobo kulabo esikholwa nabo kanye nabanye lapho kunezinhlekelele.