Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Indlela Yokuxoxisana Ngezinkinga

Indlela Yokuxoxisana Ngezinkinga

INSELELE

Ingabe kubonakala sengathi lapho uxoxisana noshade naye ngenkinga nigcina senixabene kakhulu kunalapho niqala ukuxoxa? Uma kunjalo, ungakwazi ukusenza sibe ngcono leso simo. Nokho, okokuqala kunezinto ezimbalwa okufanele uzazi ngezindlela ezingafani zokuxoxisana zabesilisa nabesifazane. *

OKUMELWE UKWAZI

Ngokuvamile abesifazane bathanda ukukhuluma ngenkinga ngaphambi kokuzwa ngekhambi. Empeleni, ngezinye izikhathi ukukhuluma yilona khambi.

“Ngizizwa ngingcono lapho ngiye ngakhuluma ngendlela engizizwa ngayo futhi ngazi ukuthi umyeni wami uyangiqonda. Ngemva kokuxoxa ngendaba, ngiyayidlulisa—ngokuvamile ngemva kwemizuzu embalwa nje sixoxile.”—USirppa. *

“Ngiyahluleka ukuyidlulisa indaba uma ngingakalitholi ithuba lokuchazela umyeni wami indlela engizizwa ngayo ngempela. Kimina ukukhuluma ngayo kuyindlela yokuyidlulisa.”—U-Ae-Jin.

“Kufana nokwenza umsebenzi womseshi. Njengoba ngikhuluma, ngihlaziya isenzakalo ngasinye esiyingxenye yenkinga, ngizame ukuthola imbangela.”—ULurdes.

Abantu besilisa bathambekele ekucabangeni ngezixazululo. Kuyaqondakala, ngoba ukulungisa izinto kwenza umuntu wesilisa azizwe ewusizo. Ukuveza izixazululo kuyindlela yokubonisa umkakhe ukuthi angathembela kuye lapho edinga usizo. Ngakho abayeni bayaxakeka lapho izixazululo abazivezayo zingamukelwa ngokushesha. Umyeni okuthiwa uKirk uthi: “Angikwazi ukuqonda ukuthi kungani umuntu ebengakhuluma ngenkinga uma ebengafuni sixazululo!”

Kodwa incwadi ethi The Seven Principles for Making Marriage Work iyaxwayisa: “Kumelwe uqonde ngaphambi kokunikeza icebiso. Kumelwe umazise umngane wakho womshado ukuthi uyiqonda kahle inkinga abhekene nayo futhi uyazwelana naye ngaphambi kokuba usikisele ikhambi. Ngokuvamile umngane wakho womshado akalindele nhlobo ukuba uze nekhambi—ufuna nje ukuba ube isilaleli esihle.”

ONGAKWENZA

Kubayeni: Zijwayeze ukulalela ngendlela ebonisa uzwela. Umyeni okuthiwa uTomás uthi: “Ngezinye izikhathi ngemva kokulalela ngithi ngenhliziyo, ‘Akufezanga lutho-ke lokhu.’ Kodwa ngokuvamile kusuke kuyilokho nje umkami akudingayo—umuntu ozolalela.” Umyeni okuthiwa uStephen uyavuma. Uthi: “Ngikuthola kungcono kakhulu ukumvumela umkami akhulume aze aqede, ngingamphazamisi. Ngokuvamile, uthi angaqeda abe esethi uzizwa engcono kakhulu.”

Ake uzame lokhu: Ngesikhathi esizayo lapho uxoxisana nomkakho ngenkinga ethile, zibambe lapho kufika isifiso sokunikeza icebiso elingacelwanga. Mbuke, ugxile kulokho akushoyo. Nqekuzisa ikhanda ubonise ukuthi uyavuma. Kuphinde ngamafuphi lokho akushoyo ukuze ubonise ukuthi uyamuzwa. Umyeni okuthiwa uCharles uthi: “Ngezinye izikhathi umkami ufuna ukwazi nje ukuthi ngiyamqonda nokuthi ngisohlangothini lwakhe.”—Isimiso seBhayibheli: uJakobe 1:19.

Kumakhosikazi: Yisho lokho okudingayo. Inkosikazi okuthiwa u-Eleni ithi: “Singase silindele ukuba abangane bethu bomshado bazi ukuthi yini esiyidingayo, kodwa ngezinye izikhathi kuyadingeka ukuba sikusho ngokuqondile.” Inkosikazi okuthiwa uYnez isikisela le ndlela: “Ngingase ngithi, ‘Kunokuthile okungikhathazayo. Ngicela unginike ithuba ngikuchazele kona. Angilindele ukuba ungixazululele le nkinga, kodwa ngingathanda uqonde indlela engizizwa ngayo.’”

Ake uzame lokhu: Uma umyeni wakho esheshe anikeze ikhambi, ungaphethi ngokuthi akanazwela. Cishe uzama ukukusiza. Inkosikazi okuthiwa u-Ester ithi: “Kunokucasuka, ngizama ukuqaphela ukuthi umyeni wami uyangikhathalela futhi uyafuna ukungilalela kodwa ufuna nokungisiza.”—Isimiso seBhayibheli: Roma 12:10.

Kubo bobabili: Sithambekela ekuphatheni abanye ngendlela thina esifuna ukuphathwa ngayo. Nokho, ukuze nibe nezingxoxo eziphumelelayo, kudingeka ucabangele indlela umngane wakho womshado angathanda ukuphathwa ngayo. (1 Korinte 10:24) Umyeni okuthiwa uMiguel ukubeka ngale ndlela: “Uma ungumyeni, zimisele ukulalela. Uma uyinkosikazi, zimisele ukuwalalela amacebiso ngezinye izikhathi. Lapho umngane womshado ngamunye ezimisele ukucabangela uhlangothi lomunye, bobabili bayazuza.”—Isimiso seBhayibheli: 1 Petru 3:8.

^ isig. 4 Indlela yokuxoxisana esizoyichaza ingase ingafani kubo bonke abayeni namakhosikazi. Yize kunjalo, izimiso okuxoxwa ngazo kulesi sihloko zingasiza noma yimuphi umuntu oshadile ukuba aqonde futhi axoxe kangcono nomngane wakhe womshado.

^ isig. 7 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.