Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonisa Uthando Kwabasekhaya

Bonisa Uthando Kwabasekhaya

Bonisa Uthando Kwabasekhaya

“SISHISE phela ngibone! Sishise!” kusho uTohru kumkakhe, uYoko. * “Uzobona-ke,” kuphendula uYoko, esho eqhwiza umentshisi eshisa isithombe abasithatha bebobabili. Wabe esephendula ngolaka ethi, “Ngizoyishisa le ndlu!” UTohru waphendula ngokumshaya ngempama umkakhe, eqeda leyo mpikiswano ngobudlova.

Eminyakeni emithathu ngaphambili, uTohru noYoko baqala ukuphila kwabo ndawonye bewumbhangqwana oshadile ojabulayo. Kwabe sekonakalaphi? Nakuba uTohru ayebonakala eyindoda enomoya omuhle, umkakhe wayenomuzwa wokuthi akambonisi uthando nokuthi wayeqabukela ebonise ukuthi uyayikhathalela indlela azizwa ngayo. Kwakubonakala sengathi akakwazi ukusabela othandweni lukaYoko. Engakwazi ukubekezelela lesi simo, uYoko waya ngokuya ecasuka futhi ethukuthela. Waqala ukuba nezinkinga ezinjengokuqwasha, ukuba nexhala, inhliziyo emnyama, inhliziyo encane nokucindezeleka ngisho naneziqubu zokwesaba. Nokho, uTohru kwakubonakala singamkhathazi lesi simo esishubile kwakhe. Kwakubonala kuyinto evamile nje kuye.

“Izikhathi Ezibucayi Okunzima Ukubhekana Nazo”

Izinkinga ezinjengalezi zivamile namuhla. Umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi esikhathini sethu kwakuzoba nabantu “abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo.” (2 Thimothewu 3:1-5) Igama lokuqala lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo” lihlobene eduze negama elisho uthando olungokwemvelo oluba phakathi kwamalungu omkhaya. Esikhathini sethu luye lwaba indlala ngempela lolo thando. Ngisho noma uthando lukhona, amalungu omkhaya angase angavami ukubonisana lona.

Abazali abaningi namuhla abazi ukuthi bangazibonisa kanjani izingane zabo uthando. Abanye bakhulele emikhayeni engenalo uthando futhi abazi ukuthi ukuphila bekungajabulisa futhi kube mnandi kakhudlwana ukube nje bekunothando futhi luboniswa. Kubonakala sengathi kwakunjalo ngoTohru. Esakhula, uyise wayehlale esemsebenzini efika ekhaya ebusuku kakhulu. Wayengavamile ukukhuluma noTohru, kuthi noma ekhuluma naye, amkhakhabise. Unina naye wayesebenza engahlali naye isikhathi esitheni. Wayegadwa yithelevishini. Kwakungekho kunconywa nakukhulumisana ekhaya.

Isiko nalo lingase libe nomthelela. Kwezinye izingxenye zeLatin America, indoda kudingeka iphambane nesiko ukuze ibonise umkayo uthando. Emazweni amaningi aseMpumalanga nase-Afrika, kuphambene nesiko ukubonisa uthando ngamazwi noma ngezenzo. Amadoda angase akuthole kunzima ukutshela omkawo noma abantwana bawo athi, “Ngiyakuthanda.” Noma kunjalo, singathola isifundo ebuhlotsheni bomkhaya obuvelele, osebunesikhathi eside buqinile.

Ubuhlobo Bomkhaya Obuyisibonelo

Isibonelo somkhaya esizidlula zonke sitholakala ebuhlotsheni obuseduze phakathi kukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe ezelwe yodwa. Babonisana uthando ngendlela ephelele. Phakathi nezinkulungwane ezingenakubalwa zeminyaka, isidalwa somoya kamuva esaba uJesu Kristu sasinobuhlobo obujabulisayo noYise. Sabuchaza kanje lobo buhlobo: “Wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” (IzAga 8:30, NW) INdodana yayiqiniseka ngothando lukaYise kangangokuthi yakwazi ukusho kwabanye ukuthi uJehova wayeyithanda ngokukhethekile usuku nosuku. Yayijabula ngaso sonke isikhathi inoYise.

Ngisho nalapho isemhlabeni ingumuntu onguJesu, iNdodana kaNkulunkulu yaqinisekiswa ngothando lukaYise olujulile. Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe, wezwa izwi likaYise lithi: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Yeka amazwi othando akhuthazayo ekuqaleni kwenkonzo kaJesu emhlabeni! Kumelwe ukuba kwamthinta inhliziyo ukuzwa amazwi kaYise okumamukela njengoba ibuya yonke inkumbulo yakhe yokuphila kwakhe kwasezulwini.

Ngakho, uJehova ubeka isibonelo esizidlula zonke ekuwuboniseni uthando umkhaya wakhe wendawo yonke ngezinga eliphelele. Uma samukela uJesu Kristu, nathi singathandwa uJehova. (Johane 16:27) Nakuba singeke sizwe mazwi avela ezulwini, siyolubona uthando lukaJehova endalweni, elungiselelweni lomhlatshelo kaJesu wesihlengo, nakokunye. (1 Johane 4:9, 10) UJehova ulalela ngisho nemithandazo yethu ayiphendule ngendlela eyosizuzisa kakhulu. (IHubo 145:18; Isaya 48:17) Njengoba sakha ubuhlobo obuseduze noJehova, sijulisa izinga esikwazisa ngalo ukunakekela kwakhe kothando.

UJesu wafunda kuYise ukubonisa uzwela, ukucabangela, umusa nokukhathalela abanye ngokujulile. Wachaza: “Noma yiziphi izinto [uYise] azenzayo Yena, neNdodana iyazenza lezizinto ngendlela efanayo. Ngoba uYise usondelene ngokomzwelo neNdodana futhi uyibonisa zonke izinto azenzayo yena ngokwakhe.” (Johane 5:19, 20) Nathi singabufunda ubuciko bokubonisa uthando ngokuhlolisisa isibonelo sikaJesu lapho esemhlabeni.—Filipi 1:8.

Uthando Emkhayeni—Kanjani?

Njengoba ‘uNkulunkulu eluthando’ futhi sidalwe “ngomfanekiso wakhe,” siyakwazi ukuluzwa nokulubonisa uthando. (1 Johane 4:8; Genesise 1:26, 27) Nokho, ukuthi siyakwazi ukuluzwa nokulubonisa akusho ukuthi lokho kuyozenzekela. Ukuze silubonise uthando, kumelwe siqale sizizwe simthanda esishade naye nabantwana bethu. Bhekisisa futhi uphawule izimfanelo zabo ezithandekayo, kungakhathaliseki ukuthi ekuqaleni zingabonakala zingasho lutho kangakanani, bese ugxila ekucabangeni ngazo. Ungase uthi, ‘Ayikho into ekhangayo ngomyeni wami [umkami noma abantabami].’ Labo abakhethelwa abangane bomshado kungenzeka babengabathandi kangako labo abashade nabo. Abanye kungenzeka babengabafuni abantwana. Noma kunjalo, cabanga indlela uJehova ayezizwa ngayo ngomfazi wakhe ongokomfanekiso, isizwe sakwa-Israyeli, ngekhulu leshumi B.C.E. Nakuba umprofethi wakhe u-Eliya aphetha ngokuthi babengekho abanye abakhulekeli bakaJehova esizweni sakwa-Israyeli sezizwe eziyishumi, uJehova wasibhekisisa wathola inani eliwumthamo—abangu-7 000 bebonke—ababenezimfanelo ezikhangayo kuye. Ungamlingisa yini uJehova ngokufuna okuhle emalungwini omkhaya wakho?—1 AmaKhosi 19:14-18.

Nokho, ukuze amanye amalungu omkhaya wakho aluzwe uthando lwakho, kumelwe uqikelele ukulubonisa. Noma nini lapho ubona okuthile okutusekayo, yisho. Lapho lichaza umfazi onekhono, iZwi likaNkulunkulu liphawula isici esithakazelisayo somkhaya wakhe: “Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa.” (IzAga 31:28) Phawula indlela amalungu alo mkhaya ayekhululeke ngayo ukutshelana ukuthi ayazisana. Ngokutusa umkakhe ngamazwi, ubaba ubekela indodana yakhe isibonelo esihle, eyikhuthaza ukuba ikhululeke ukutusa umkayo lapho isishadile.

Kuhle futhi ukuba abazali babatuse abantwana babo. Lokho kungagxilisa ukuzihlonipha ezinhliziyweni zezingane. Kakade, umuntu ‘angamthanda kanjani umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena’ uma engazihloniphi kwayena? (Mathewu 22:39) Ngakolunye uhlangothi, uma abazali bezigxeka ngaso sonke isikhathi izingane zabo, bengazitusi nhlobo, zingase zilahlekelwe ukuzihlonipha futhi kube nzima kuzo ukubonisa uthando kwabanye.—Efesu 4:31, 32.

Ungaluthola Usizo

Kuthiwani uma ungakhulelanga ekhayeni elinothando? Usengakufunda ukubonisa uthando. Isinyathelo sokuqala ukuqaphela inkinga nokuvuma ukuthi kudingeka uthuthuke. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liwusizo olukhulu kulokhu. Lingafaniswa nesibuko. Lapho sizihlola ngokusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli ezinjengesibuko, sibona izici noma amaphutha ekucabangeni kwethu. (Jakobe 1:23) Singalungisa noma ikuphi ukuthambekela okungafanele, ngokuvumelana nezimfundiso zeBhayibheli. (Efesu 4:20-24; Filipi 4:8, 9) Lokho kudingeka sikwenze njalo, “singayeki ukwenza okuhle.”—Galathiya 6:9.

Abanye bangase bakuthole kunzima ukubonisa uthando ngenxa yendlela abakhuliswe ngayo noma isiko. Nokho, ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi izithiyo ezinjalo zinganqotshwa. UDkt. Daniel Goleman, isazi sempilo yengqondo, uthi ‘ngisho nemikhuba egxile kakhulu enhliziyweni eyafundwa ebuntwaneni ingashintshwa.’ Eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule, iBhayibheli labonisa ukuthi ngosizo lomoya kaNkulunkulu, ngisho nokuthambekela kwenhliziyo okugxile kakhulu kungashintshwa. Liyasiyala: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, futhi nigqoke ubuntu obusha.”—Kolose 3:9, 10.

Lapho inkinga isibonakele, umkhaya ungatadisha iBhayibheli ucabanga ngezidingo zawo. Ngokwesibonelo, ungase uhlole lokho okushiwo yiBhayibheli ‘ngothando.’ Ungase uthole umbhalo onjengalona: “Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Yibe usucabanga ngendaba yeBhayibheli emayelana noJobe, ugxile endleleni uJehova ambonisa ngayo uthando ngesisa futhi waba nesihe kuye. Nakanjani uzofuna ukulingisa uJehova ekuboniseni umkhaya wakho uthando ngesisa esikhulu futhi ube nesihe kuwo.

Nokho, njengoba singaphelele, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi” ekukhulumeni. (Jakobe 3:2) Singase sihluleke ukusebenzisa ulimi ngendlela ekhuthazayo kwabasekhaya. Ungena lapha-ke umthandazo nokuthembela kuJehova. Ungayeki. “Thandaza ngokungaphezi.” (1 Thesalonika 5:17) UJehova uyobasiza labo abalangazelela uthando emkhayeni nalabo abafuna ukulubonisa kodwa abathiyekayo.

Ngaphezu kwalokho, ngomusa uJehova uye wanikeza usizo ebandleni lobuKristu. UJakobe wabhala: “Ingabe ukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu? Makabizele kuye amadoda amadala ebandla, futhi mawamthandazele, emgcoba ngamafutha egameni likaJehova.” (Jakobe 5:14) Yebo, abadala emabandleni oFakazi BakaJehova bangaba usizo olukhulu emikhayeni enezinkinga ekubonisaneni uthando. Nakuba bengezona izazi zezokwelapha, abadala bangabasiza ngesineke abakholwa nabo, bengabatsheli ukuthi benzeni, kodwa bebakhumbuza umbono kaJehova, bathandaze nabo futhi babathandazele.—IHubo 119:105; Galathiya 6:1.

Endabeni kaTohru noYoko, abadala abangamaKristu babezilalela njalo izinkinga zabo futhi babaduduze. (1 Petru 5:2, 3) Ngezinye izikhathi, umdala nomkakhe babebavakashela ukuze uYoko azuze ebudlelwaneni nowesifazane ongumKristu ongumakad’ ebona ‘owayengamsangulukisa ukuba athande umyeni wakhe.’ (Thithu 2:3, 4) Ngokubonisa ukuqonda nokuzwelana namaKristu abakanye nawo ekuhluphekeni nasezinsizini zawo, abadala baba “yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini.”—Isaya 32:1, 2.

Esizwa abadala abanomusa, uTohru waqaphela ukuthi wayenenkinga ekuboniseni imizwelo yakhe nokuthi kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ uSathane uyalihlasela ilungiselelo lomkhaya. (2 Thimothewu 3:1) UTohru wanquma ukubhekana ngqo nenkinga yakhe. Waqala ukubona ukuthi ukuhluleka kwakhe ukubonisa uthando kwakudalwa ukungalutholi kwakhe uthando esakhula. Ngokutadisha iBhayibheli ngokujulile nangokuthandaza, kancane kancane uTohru wazanelisa izidingo zikaYoko ezingokomzwelo.

Nakuba ayekade emthukuthelele uTohru, lapho uYoko eseyiqonda indlela ayekhule ngayo futhi esewabona nawakhe amaphutha, wazama ngobuqotho ukubona okuhle kumyeni wakhe. (Mathewu 7:1-3; Roma 5:12; Kolose 3:12-14) Wancenga uJehova ngobuqotho ukuba amnike amandla okuqhubeka emthanda umyeni wakhe. (Filipi 4:6, 7) Ngokuhamba kwesikhathi, uTohru waqala ukubonisa uthando, okwamjabulisa umkakhe.

Yebo, ngisho noma kunzima kuwe ukuzwa nokubonisa uthando emkhayeni, nakanjani ungayinqoba leyo nkinga. IZwi likaNkulunkulu lisinika isiqondiso esihle. (IHubo 19:7) Ngokuqaphela ukubaluleka kwale ndaba, ngokuzama ukubona okuhle emalungwini omkhaya wakho, ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu futhi ukwenze elikushoyo, ngokuthembela kuJehova ngokuthandaza ngobuqotho, nangokufuna usizo lwabadala abangamaKristu avuthiwe, ungakunqoba lokho okungase kubonakale kuyisithiyo esingenakunqotshwa phakathi kwakho nomkhaya wakho. (1 Petru 5:7) Nawe ungajabula njengenye indoda eshadile yase-United States. Yakhuthazwa ukuba ibonise umkayo ukuthi iyamthanda. Lapho ekugcineni isisiqungile isibindi sokuthi “Ngiyakuthanda,” yamangala ukubona indlela umkayo asabela ngayo. Ehlengezela izinyembezi zenjabulo, wathi: “Nami ngiyakuthanda, kodwa uyaqala ukukusho kanjena ngemva kweminyaka engu-25.” Ungalindi isikhathi eside kangako ngaphambi kokuba ubonise oshade naye nezingane zakho ukuthi uyabathanda!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 28]

UJehova unikeza usizo eZwini lakhe, iBhayibheli