Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza UNkulunkulu Kungumuthi Kuye!

Ukukhonza UNkulunkulu Kungumuthi Kuye!

Lapho amaphayona amabili engeniswa emzini othile eKenya, amangala lapho ebona indoda eyayinomzimba omncane ilele embhedeni. Yayincane kakhulu futhi izingalo ziyizigqamfana. Njengoba bexoxa nayo ngalokho uNkulunkulu asethembisa kona ukuthi “olunyonga uyoqombola njengendluzele,” le ndoda yamomotheka, izindebe zavakashela izindlebe.—Isaya 35:6.

La maphayona ezwa ukuthi u-Onesmus, osecela eminyakeni engu-40 ubudala, wazalwa enesifo sokukhumuzeka kwamathambo okuthiwa i-osteogenesis imperfecta. Amathambo akhe ayentekenteke kakhulu kangangokuthi ukuwacindezela nje kancane kwakungawephula. Njengoba lingekho ikhambi noma indlela ephumelelayo yokwelapha lesi sifo, u-Onesmus wayelindele ukuphila ngezinhlungu futhi ahambe ngesihlalo esiqhutshwayo ukuphila kwakhe konke.

U-Onesmus wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Nokho, unina wenqaba ukuba aye emihlanganweni yobuKristu, ethi angase alimale bese kumbangela ubuhlungu obengeziwe. Ngakho abazalwane babemqophela imihlangano, ayilalele esekhaya. Ngemva kokufunda izinyanga ezinhlanu, u-Onesmus wanquma ukuya emihlanganweni naphezu kwezingozi ezazingaba khona.

Ingabe ukuya emihlanganweni yobuKristu kwazandisa izinhlungu zakhe? Kwenzeka okuphambene nalokho. U-Onesmus uyakhumbula: “Ubuhlungu engangihlale ngibuzwa kwaba sengathi buyancipha lapho ngisemihlanganweni.” Wacabanga ukuthi ithemba lakhe elisha yilo elalimenza azizwe engcono. Unina wawubona lo mehluko esimweni sendodana yakhe futhi wajabula kangangokuthi naye wavuma ukutadisha iBhayibheli. Wayevame ukuthi: “Ukukhonza uNkulunkulu kuwumuthi endodaneni yami.”

Kungakabiphi u-Onesmus waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa futhi manje uyinceku ekhonzayo. Nakuba engakwazi ukusebenzisa yomibili imilenze nengalo eyodwa, u-Onesmus waba nesifiso sokwenza konke ayengakwenza enkonzweni kaJehova. Wafuna ukuba iphayona elisizayo kodwa engabaza ukufaka isicelo. Kungani? Ngoba wayazi ukuthi kwakuzodingeka athembele komunye umuntu ozomqhuba. Lapho etshela amaKristu akanye nawo ngale nto emkhathazayo, athembisa ukumsekela. Nembala amsekela futhi u-Onesmus wakwazi ukuba iphayona elisizayo.

Ukukhathazeka okufanayo kwamfikela nalapho esefisa ukuba iphayona elivamile. Nokho, ngolunye usuku umBhalo wosuku wamnika isikhuthazo ayesidinga. Wawuthathwe encwadini yeHubo 34:8: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle.” Ngemva kokuzindla ngalowo mBhalo, u-Onesmus wanquma ukuba iphayona elivamile. Manje ushumayela izinsuku ezine ngesonto futhi unezifundo eziningi ezithuthukayo. Ngo-2010, waya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Yeka indlela ajabula ngayo lapho ebona omunye wabazalwane abafika kwakhe okokuqala efundisa kuleso sikole!

Abazali baka-Onesmus sebeshonile, kodwa abafowethu nodadewethu ebandleni bamnakekela nsuku zonke. Akeve ebonga ngazo zonke izibusiso azijabulelayo kwamanje, futhi ulangazelela usuku lapho kungekho “ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.